Now Reading
Ukhuvethe e-Afrika lube yisithako sobunye nokuzwelana
Dark Light

Ukhuvethe e-Afrika lube yisithako sobunye nokuzwelana

“Kuyacaca ukuthi kufanele sithole izixazululo zase-Afrika ezinkingeni zethu, nokuthi lokhu kungatholakala kuphela ebunyeni base-Afrika. Sihlukene sibuthaka, i-Afrika ebumbene ingaba namandla amakhulu okwenza okuhle emhlabeni.”

Lawa ngamazwi esigomagoma somzabalazo waboHlanga e-Afrika uMnu uKwame Nkrumah uma ekhuluma ngokubaluleka kokubumbana kwe-Afrika.  Onyakeni oyohlala emlandweni womhlaba nezwekazi i-Afrika njengonzima okuyisikhathi umhlaba ungaphansi kwefu elimnyama yiso obekufanele leli lizwekazi libuyekeze lokhu okwabe kukhulunywa yilabo esingathi “obaba nomama” be-Afrika ababethi kubalulekile  ukuthi leli zwekazi libumbane ukuze lizonqoba noma lizuze okuningi.

Ubumbano e-Afrika

Ngaphambilini i-Afrika ibiyizwekazi elehlukene kakhulu ngemibono kangangokuthi kukhona amazwe abengazwani ngenxa yalokho, kepha ukufika kokhuvethe kulo nyaka kuphoqe ukuba amazwe akhohlwe izingxabano abhekana ngqo nesitha esingakhethi buzwe. Kulo nyaka ukusebenzisana kwamazwe ase-Afrika kukhuphuke ngezinga eliphezulu kakhulukazi ngesikhathi sokhuvethe lapho amazwe abenanelana ngezinto ezithile zokuzama ukunqoba isiqhwaga esiwukhuvethe. Kepha ubumbano lwe-Afrika alubanga sempini yokhuvethe kuphela kodwa lube nasempini yokuqeda izikhali e-Afrika eyaziwa ngokuthi i“Silence The Guns” okuhloswe ngayo ukunciphisa udlame oluhlasele amazwe amaningi ase-Afrika ngenxa yepolitiki, inkolo noma ukwehlukana kwemibono. Le mpi yokulwa nezikhali e-Afrika ayimanga ngokufika kokhuvethe ilapho ephakame khona isibonelo sibe ngesikhathi kukhuluma uSihlalo we-African Union (AU), uCyril Ramaphosa, ngosuku okwakubungazwa ngalo i-Afrika lapho athi: “Akumele, ngaphansi kwanoma yiziphi izimo sivumele lesi simo esiphuthumayo sempilo emhlabeni jikelele siphazamise imizamo yethu yokuthulisa izikhali ezwenikazi lethu. Izingxabano ezibanga ukungazinzi emazweni amaningi ezwekazi lethu zibeka umthwalo omkhulu empilweni yabantu futhi kufanele ziphele”.  Le nkulumo yakubeka ngokusobala ukuthi i-Afrika izimisele ukulwa nokhuvethe kepha futhi izimisele ukulekelela amanye amazwe anezingxabano.

See Also

Ubumbano luthambise amandla esiqhwaga kwathuka izazi.

Kuqala ukhuvethe kwaba nokuthuka okukhulu emhlabeni jikelele kepha ukusaba okukhulu kwakuvela kuleli lizwekazi ngenxa yokuthi ngokomthetho yilo elalizolahlekelwa imiphefumulo eminingi ngenxa yokuthi ingqalasizinda yezempilo kwamanye amazwe ayikulungele eyayizobhekana nakho kwamanye kwakufana nokuthi ayikho nhlobo kuthi ngakolunye uhlangothi zibe ziningi izifo leli zwekazi elisabhekane nazo, okwakuchaza ukuthi izakhamuzi zalo zazibuthaka kakhulu. Kuqale unyaka ososayensi bephawula bethi i-Afrika yiyo ezozwela kakhulu ngokhuvethe kepha lokhu akwenzekanga njengoba amazwe ahamba phambili ngabantu abanokhuvete ngawase-Europe kanye ne-USA. Lokhu kungayisithombe esidabukisayo kwabanye ukuthi abantu bayashona bebulawa ukhuvethe kepha okufanele kuphakanyiswe ngukuthi amadlozi e-Afrika avikele abantwana bawo ngesikhathi umhlaba usufuna ukuvala amehlo nenxeba usulikhombile kepha kwangabi ngendlela obekucatshangwa ngayo. Izibalo zabanokhuvethe zikhombisa ukuthi zisemuva kakhulu kunalezi obekulindeleke ukuthi i-Afrika ibe nazo. Lokho kuhlangane kakhulu nokubumbana kwe-Afrika ngalesi sikhathi sobumnyama ngoba ukube leli zwekazi alizamanga ukubambisana ngabe kukhulunywa okunye. Ubumbano luyisisekelo sanoma iliphi izwe noma izwekazi uma lifuna ukubhekana ngqo nokuyisitha kulo nokuzuza impumelelo. Ngakho ukufika kokhuvethe kube wusizi oluthwele inhlansi yenjabulo noma yethemba lokuthi i-Afrika iyobumbana futhi isibumbene ezikhatheni ezinzima.

Scroll To Top