Now Reading
Kwabanye aboHlanga nomnotho wabo kuyinyama kontabakayikhonjwa
Dark Light

Kwabanye aboHlanga nomnotho wabo kuyinyama kontabakayikhonjwa

  Bavuma eyokuqonelwa abezizwe 


Iqiniso elingephikwe muntu ukuthi selokhu izizwe zangaphesheya kolwandle zafika kuleli kazikaze zisithande nangelilodwa ilanga. Okudala ukuthi basivezele izinyo kwesinye isikhathi yingoba bagaqele ingcebo yaboHlanga abayiphiwa nguMvelinqangi kusuka emandulo. Impela abadeshi bacebile futhi kade baceba ngenxa yezimbiwa zakuleli ezifana nedayimane, igolide ikhopha. Bacebe ngisho nangomhlaba wamapulazi abawathatha ngempi ezandleni zokhokho. Kula mapulazi baqhuba amabhizinisi okulima nokufuya izinkomo njalonjalo. Kuwo lo mhlaba baqhuba nebhizinisi lamahlathi okungelikhulu futhi elithatha isikhathi kodwa uma usuzuza uhleka wedwa. Kuthe noma abakwethu sebelinqobile izwe lenkululeko bavele badideka emakhanda. Kunokuba balwele ukuthi umnotho wase-Afrika ubuyele kwaboHlanga ukuze nathi sifane nontabakayikhonjwa. Cha abakwethu baphenduka izinkothangqoko nezincelebane zabadeshi. Sebemdibi nabasithathela okungokwethu okungamagugu empilo. Umbuzo uthi siyofika nini isikhathi lapho ama-Afrika eyokwazi ukubuyisa konke okungokwawo, azimele ngokombusazwe nangokomnotho? Siyofika nini isikhathi lapho esiyodweba khona umugqa sithi kasikwenzi lokhu, siyakwenza lokhu? Sikusho lokho ngokungesabi ukuthi ongxiwankulu bamazwe bayosibuka kabi, mhlawumbe baze bafinyeze nesandla sotshalomali. – nguSipho Mbatha

Indaba yonakala ngokuthi amaqembu amaningi uma esungulwa axhaswa phesheya kwezilwandle.Yingakho kulula ukuthi basilawule ngawo. Ngisho ingaphuma i-ANC kuyafana nalawa amanye axhaswe ngaphandle. Usizi lwethu ma-Afrika lungunaphakade. – nguBheki Sibiya Bzt

Kumanje umuntu ocebe ukwedlula wonke emhlabeni u-Elon Musk wakhona la kweleNgabadi. Imihlola miningi kuleli lizwe. – nguVusi Khumalo

Siphethwe uHulumeni naye ophethwe ngamazwe. Izwe lobabamkhulu kade ladayiswa lokhu esikubonayo kwenzeka ezweni yimiphumela. – nguJohn Mkhize

Bazixebulela umkhoma nje, amazwe aphesheya kwezilwandle i-Afrika ayenza kube kwampunzi edla emini. Yilowo nalowo uma efuna ukunotha uvele eze ngapha e-Afrika, adle ahambe. – nguThulani Madlabane


 Umkhuba bawukhomba ekhaya


Ingoba asikwazi nokuwusebenzisa kwalowo mnotho wethu. Sohlala phezu kwawo. Isilinganiso: umuntu ofuye izinkomo uncama ukuthi zize zibenamagama azo angeke azidayise enze imali ngokuzizalanisa. Inkomo ize izifele ehlezi nayo ize ithathwe njengedlozi lasekhaya. Umuntu uma enesitolo lezi ebezibizwa ngamaGeneral Dealer siyohlala kanjalo uyoze afe engadluliseli ulwazi ezinganeni zakhe noma asilule kube yisuphamakethe. Yingakho-ke izizwe zithola ithuba ngoba thina sithenga izimoto zibe ningi ekhaya engabe senza isitolo sande siqashe abantu. Okunye siqasha kuphela izihlobo kulezi zindawo zethu singaziholeli kunalokho uma kuyisitolo kuzothiwa thatha igilosa nakuyo kuyabalwa ukuthi yini ozoyithatha nongeke uyithathe. – nguPhakade Nyanda Ndabezitha

Abanephupho elihle nge-Afrika bacindezelwa amazwe omhlaba baze bacindezelwe nangabezindaba esithi abalapha e-Afrika. Kodwa vele ingcanga ayisilumi isandla esiyiphakelayo. Abezindaba bethu baxhaswe yibona labo  ngxiwankulu. – nguSethu Sdu Nxumalo

Inkinga nina bezindaba nonke niyasithengisa, kini akekho noyedwa okhulumela thina lapha emazingeni aphansi. Nonke nifuna ukushayelwa ihlombe ngenibhale ngakho nokwenza nikulibale ukukhala kwethu. Kuleli zwe asisebenzi siyolobola siyivuse ngani imizi yobaba ngoba noHulumeni ubeke eqhulwini abesifazane mumva nje? Kufanele ubeneminyaka engaphansi kwengama-35 ukuze akuqashe nakhona engathi ungaze ubengokhubazekile. Incane kakhulu imbobo yokuqasheka eNingizimu Afrika usazoshaywa nayisipiliyoni lesi esifunekayo kodwa kunjalo abamaphephandaba basifunza ngenkani abokufika kuleli zwe bathi sonke singama-Afrika asihlephulelane, sihlephulelana ini kuvele kungekho? Ezindaweni zokudlela kugcwele abokufika, ezilungisa izimoto, konogada, kuma-Ubber nakwezinye eziningi kusebenza abokufika sibe silambile nathi ngapha kodwa akubhalwa  ngalokho, akekho ozwa okwethu ukukhala. Kumanje sirenta ezindlini zabantu bokufika kuleli basixoshe uma sesehluleka ukukhokha, kubhalwa nini ngalokhu? Thina zakhamuzi zaseNingizimu Afrika silahliwe akekho onendaba nathi, bonke babheke ukuzicebisa bona nje. – nguMlando Bong’kosi Buthelezi

See Also

Ningabhala nje, nigxekane nikhombe abathile ngeminwe, lokho kuyisenzo esamukelekile kodwa iqiniso lithi lapha sisempini uma nisasebenzisa ukuthi “sinobuntu, sithanda abantu” sithukwa izizwe, zizitapela wonke umnotho”, kuyacaca nesizukulwane esiseza siyobe sesihlupheka ngaphezu kwalokhu esikubona empilweni yethu. – nguThami Khawula

Ulwazi esingenalo lokuzenzela izinto nesithi bafundile bafundiswe yibo abezizwe bebakhethela ukuthi babafundisa ini ngasiphi isikhathi. Noma sebeluncelile ulwazi abanqeni ukujokola bayosebenza emazweni angaphesheya. Thina besihlezi kahle sazi ukuthi umhlaba uyaphendulwa uphonse uhlamvu kuhambe isikhathi uvune udle, sifihle lezo nalezo ndawo ezibalulekile emzimbeni uma kukhona lapho kubuhlungu khona ugqobhagqobhe amakhubalwana, ubheme, uphuze, uncinde, uchathe wafika owe-1652 zasuka. – nguMfundo Gambler

Akungasukelwa abantu abakude kuyekwe abasiphethe okuyibona abasithengisayo ngoba benzela ukuceba bona bengabheki ikusasa lezwe, benza sengathi bayophila kuze kube phakade. Abanandaba nathi laba bantu kodwa yithi esabafaka emandleni. – nguLinda Tham Sthole

Into eshaya kakhulu indlu emnyama ukungabikho kobambiswano nokugqagqana yingakho kulula ukungena phakathi kwethu. Ongxiwankulu bawumbimbi. Umzekelo kwelikaPhunga noMageba sibaningi kunabo kodwa lokho akusho lutho kithi, sihlulwa idlanzana kube siyizinkumbi zezinkulungwane. – nguMhlaziyi’mele Gciwane Mathenjwa

Scroll To Top