Now Reading
Ube ngumpetha kunzima enkundleni nangaphandle
Dark Light

Ube ngumpetha kunzima enkundleni nangaphandle

Unyaka wezi-2020 ube ongemuhle kakhulu kwabaningi ngenxa yokhuvethe. Leli gciwane elihlalise abantu abaningi lubhojozi limise izinto eziningi kusukela ngoNdasa.

Bambalwa abangathi lo nyaka ubahambele khale, omunye walabo ngumshayeli wezimoto zomjaho iFormula One (F1) uLewis Carl Davidson Hamilton, ongasoze awukhohlwa kwazise umlethele izithelo ezinhle.

UHamilton oneminyaka yobudala engama-35 oshayela ngaphansi kweMercedes uwafice wonke amarekhodi abekwa nguMichael Schumacher eminyakeni edlule.

Ulethe umyalezo omuhle kwabaningi othi uma ufuna ukuba ngumpetha womhlaba awupheli amandla noma ngabe kuthiwa ubhekene nezithiyo ezingakanani. Ukutshengisile ukuthi kungani ebizwa ngompetha womhlaba namhlanje.

Uke wabasenkingeni uHamilton ngesikhathi eqhuba umkhankaso wesiqubulo esithi “Black Lives Matter” (BLM). Uzisusele ukushisa ngesikhathi ethi kumele bonke abashayeli bezimoto zeF1 uma kuqala umjaho kufanele baguqe ngeqolo elilodwa okuyindlela yokweseka IBLM, izinkampani eziningi zezimoto zala zaphetha.

UHamilton njengoba ayethi akwenzeke lokhu nje abaningi basola engathi weseka ipolitiki kanti cha yena udlulisa umyalezo weBLM okwakha ukulingana kuwona wonke umuntu emhlabeni. Kubashayeli beF1 abakhombisa ukungameseki uHamilton nguKimi Raikkonen no-Antonio Giovinazzi abashayela ngaphansi kwe-Alfa Romeo, uCarlos Sainz Jr oshayela iMcLaren noDaniil Kvyat yena oshayela ngaphansi kwe-Alpha Tauri.

Lokhu akumthenanga amandla njengoba eqhubekile weseka iBLM ngokuthi agqoke izingubo ezimnyama ashayele nemoto emnyama bese kuthi uma sekuzoqala umjaho aguqe ngedolo elilodwa ukudlulisa wona njalo umyalezo wobumbano. Konke lokhu ubekwenza elekelelwa yithimba lakhe lakwaMercedes nalo ebeliguqa naye, ligqoka nezikibha ezimnyama.

Eminxeni yemidlalo eminingi ikakhulukazi kunobhutshuzwayo yonke imidlalo iqala ngokuthi wonke umdlali osenkundleni aguqe ngedolo.

Ngesikhathi sivika lokhu lesi sikhondlakhondla somshayeli besibhekene nenye inkinga yokuthi abaningi ikakhulukazi laba bashayeli abathatha umhlalaphansi kudala batshengisa ukungamuzwa kahle. Bethi noma engaba ngumpetha kangaki kodwa akasoze afika ezingeni likaSchumacher.

UJack Sterwat ungomunye wabakhombisa ukungamhalaliseli uHamilton ngokuphumelela kwakhe.

See Also

USterwat owaba ngumpetha womhlaba kathathu esikhundleni sokuncoma lesi sikhondlakhondla esinguHamilton wathi: “UHamilton noma kuthiwa uyawaphula amarekhodi kaSchumacher kodwa akayena umshayeli omkhulu. Angimubali ngisho kwabathathu kulaba engithi bahamba phambili.”

Kulaba abathathu athi bangabahamba phambili uSterwart ubala uJuam Manuel Fangio, uJim Clark naye uSchumacher.

USchumacher ongowokudabuka eGermany wathatha umhlalaphansi engumpetha womhlaba kayisi-7, ngonyaka we-1994, we-1995, owezi-2000, owezi-2001, owezi-2002, owezi-2003 nangowezi-2004. Washiya ebeke irekhodi lokunqoba imiqhudelwano engama-91. NoHamilton usebe ngumpetha kayisi-7 waba ngumpetha ngonyaka wezi-2008, owezi-2014, owezi-2015, owezi-2017, owezi-2018, owezi-2019 nakulo nyaka.

UHamilton usezibekele irekhodi lakhe lokunqoba imiqhudelwano, usenqobe engama-95 futhi usazoqhubeka uma engakamemezeli ukushiya kulo mdlalo.

Ngeledlule akakwazanga ukuthi ashayele emjahweni obungeSonto ngenxa yokuthi utholakale nokhuvethe. 

Scroll To Top