Uphenduke isekisi owokufungiswa kwekhansela eMtuba



USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Kuthiwa kucishe kwaqhuma iqupha amakhansela aseMtubatuba ebambana ngesidlozana, ejikijelana nangamazwi kubangwa ukufungiswa kwekhansela le-Inkatha Freedom Party (IFP) ngemuva kokuba leli qembu ukhetho lokuchibiyela kuWadi 10.
Ngokuthola kwelaboHlanga, umsindo udalwe ukuthi uSomlomo, uNks uDipuo Ntuli, athi akazukwazi ukufungisa uMnu uPhila Mthiyane njengeKhansela elisha eMkhandlwini ngoba akayitholanga incwadi ebivela ku-Independent Electoral Commission (IEC) egunyaza ukuba afungise.
Kuthiwa ube uzithintele njengoba amakhansela e-IFP esukume aqonda etafuleni likaSomlomo eyomtshela ukuthi akafungise uMthiyane.
Kuvela kuthi yilapho kuqale khona kwadudulana uMnu uZakhele Nyawo onguSotswebhu we-IFP nekhansela le-African National Congress (ANC).
Kuvidiyo ebonwe ileli phephandaba, amanye amakhansela esifazane e-ANC abememeza evikela uSomlomo ethi i-IFP iyamhlukumeza ngoba kungumuntu wesifazane.
Kuthe esamemeza kanjalo maqede abhekana neKhansela le-IFP, uNkk uPV Ntshalintshali, obekhuza ibhadi ethi akufungiswe uMthiyane.
Kube khona abamjikijele ngamazwi bathi akathule ahambe ayogada izingane ekhaya usemdala.
“Wena gogo hamba manje uyohlala ekhaya ugade abazukulu. Ungabuyi lapha ngonyaka ozayo asikudingi abazukulu bayakufuna,” kumemeza elinye ikhansela lesifazane.
Uthe yena akasenabo abazukulu abagadwayo abahlukane naye washo wahuba ingoma wathi “Make kusheshwe kufungiswe uMthiyane sijahile.”
Phezu kwawo wonke lo msindo elaboHlanga ligcine selithola ukuthi kunamakhansela abezenzisa kule mpi ngoba abalekele ikhokhasi ye-IFP azoqinisa ikhoramu yomhlangano ukuze kuphasiswe imali eyizigidi ezimbili yokuxhasa umcimbi obizwa ngesicathulo azohlomula kuyo nezinye izikhulu zalo masipala.
“Le nto ebiyenzeka laphaya kunamakhansela amabili asedayise ngeNkatha abeshaya amatafula ezenza abantu abafuna kugcotshwe uMthiyane kanti lutho abesegiyela ukuthi iphupho lawo lifezekile lokubalekela ikhokhasi yethu njengeqembu bazohlala ne-ANC baphasisa imali eyizigidi ezimbili yomcimbi obizwa ngokuthi isicathulo. La makhansela ahlangene nezikhulu zangaphakathi ezimbili,” kusho umthombo.
Uqhube wathi la makhansela asevele aseyazi ukuthi azohlomula kanti nawo lo mcimbi kuhlelwa ukuthi uhanjelwe abantu abayizinkulungwane ezingama-20.
“Inkinga esesinayo sekuwukuthi njengoba bephasise lo mcimbi ukuba ugixabezwe ngezigidi ezimbili kusho ukuthi uma kuyiminyaka emithathu iyoze iphele sinikeza laba bantu lezi zigidi ngisho sekufanele sibakhiphe. Okunye izikhulu ezidlayo lapha esinye sangaphakathi nesinye esijutshwe uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdab behlangene namanye amakhansela ethu eNkatheni lawa amabili engithi abezenzisa ngaphakathi ebanga umsindo enza sengathi afuna ukuphoqa uSomlomo ukuba agcobe ngenkani iKhansela lethu uMthiyane,” kusho lo mthombo obuqhubeka ukhuluma kodwa ucela ukungadalulwa.
Phezu kokuba umthombo ukhala ngokuthi uMasipala ufuna ukuba lo mcimbi obizwa ngeSicathulo uhanjelwe abantu abayizinkulungwane ezingama-20 kodwa iMeya uVerus Ncamphalala kuthe khona izolo emini yakhipha isitatimede icacisa ukuthi bayayihlonipha imigomo yesifundazwe mayelana nemicimbi nesinqumo esesithathiwe.