Abafundi abadlelana ne-IFP bathi phezu komkhono



USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Ukufika kwe-Economic Freedom Fighters (EFF) kuphonse inselelo ewumqansa ezinhlanganweni zabafundi ezindala okuyiSouth African Democratic Student Movement (Sadesmo) neSouth African Student Congress (Sasco) nokuyinto ekhathaza ubuholi bentsha ye-IFP ngophiko lwayo lwabafundi.
Lokhu kuhlale obala engxoxweni yelaboHlanga noSihlalo we-IFP Youth Brigade noyilungu lePhalamende, uMnu uMthokozisi Nxumalo, obechaza ngesimo esibhekene nombutho wabo wabafundi ezikhungweni zemfundo ephakeme nokubenza bangagculiseki neze.
Phezu kokuba inkulumo kaZwide ibigxile ekulungiseni iSadesmo okuwuphiko lwabafundi abadlelana nalo kodwa ubuke ngelibanzi wagcina esechaza ukuthi izinkinga ababhekene nazo zikhungethe ngisho iSasco edlelana ne-African National Congress (ANC) nakuchaza ngokuthi kudalwe ukufika kwe-EFF Student Command .
UZwide uthi ukungena kwe-EFF Student Command kuyembule izinqa iSadesmo kwacaca ukuthi beyi-IFP Youth Brigade kuyadingeka ukuba basukume kube khona abakwenzayo ukulungisa isimo ngoba bayabona batheleka ngehlazo.
Phezu kokuba bezikhona ezinye izinhlangano zabafundi okubalwa kuzo oPasmo, iDaso, i-ACDP nezinye kodwa iSadesmo neSasco bekuyibo abebelokhu bekhonya ezikhungweni eziningi ngaphambi kokufika kwe-EFF Student Command.
UZwide ukhala nangokuthi ngisho izinhlaka azikho yingakho befuna kulungiswe kube namagatsha kuvuselelwe iSademso.
“Sigcine sesibiza umhlangano ophuthumayo obuseCity Hall eThekwini ngenyanga eyedlule ngoba sibona ukuthi sibhekene nenkinga lapha. Ubuholi esinabo kuSadesmo abazi nokuthi lidumephi ngoba bunyamalala unyaka wonke bungasho lutho bese buvumbuka sekusele isonto elilodwa kube nokhetho lweStudent Representative Council (SRC). Lokhu kuyihlazo futhi kufaka amahloni kithi njengabaholi be-IFPYB ngoba uthola ukuthi uma kuza ukhetho sifaka imali eningi nezinye izinsiza zokusebenza ngokuxhasa iqembu nabaholi balo. Okubi ukuthi uma isihluliwe iSadesmo mina njengoSihlalo kufanele ngiye emhlanganweni wesigungu esiphezulu se-IFP ngiyobika. Lapho ngisuke ngingazi nokuthi ngizoqala ngithini uma ngithula umbiko wokuthi sihluliwe ekubeni sisuke sinikezwe imali nakho konke okusuke kudingwa abaholi beSadesmo,” kuchaza uZwide.
Uqhube wathi inselelo abagcine beyibonile ukuthi okokuqala abaholi abanabo abayiqondi ipolitiki asebekuyo kodwa iningi labo lizibona sengathi lingabaholi bakamatikuletsheni okuyibanga lesi-12.
“Inkinga lena engekho nje kuphela kuSadesmo kodwa ihlasele ngisho kuSasco. Lokhu kudalwa ukuthi isizukulwane sabafundi esikhona njengamanje asisenendaba nokuthi obaba u-OR Tambo benzani nokuyinto iSasco ebidla ngayo. Ngisho abafundi abaningi abakhona ezikhungweni abasakuqondi ukuthi iSadesmo imeleni futhi umsuka wayo nomongo wayo wepolitiki umi kuphi. Lokhu kusishaye sonke ngoba kuthe uma kufika i-EFF Student Command lezi zinhlangano zethu zazithola zisala emuva ngoba laba be-EFF bafike bakhuluma ipolitiki yesikhathi elalelwa abafundi hhayi ehambisana nomlando. Lokhu kusilimaze sonke. Yingakho sikubone kumqoka thina njenge-IFPYB ukuba sibize laba bethu sihlale nabo phansi ukuze siqhamuke namasu okuheha abafundi nokuba iSadesmo bayibone iseyingxenye yesixazululo sezinkinga zabo,” kuchaza uZwide.
Uthe okusemqoka ukuthi ipolitiki yasezikhungweni zemfundo ephakeme ihluke kakhulu kunalena yangaphandle ngoba yona kufanele ihambisane nokudingwa abafundi ngaleso sikhathi, iphinde ibeyingxenye yezinto abasuke bekholelwa kuzo.
“Iqiniso ukuthi ipolitiki isiguquke kakhulu kunalena esasiyazi ngezikhathi zethu sisahola iSadesmo. Njengoba ngishilo ukuthi ukufika kwemibutho emisha kuyishintshe kakhulu ipolitiki yabafundi. Ngakho sibonile ukuthi iSadesmo indlela eqhuba ngayo iqhele kakhulu kubafundi. Yingakho sibize umhlangano ukuze sixoxe nabo babe nolwazi ukuthi ipolitiki isiguquke kakhulu ngakho uzothola nokuthi izinkinga zabafundi ezikhungweni azifani. Isibonelo nje uzothola ukuthi eMangosuthu University of Technology badinga indlela ehlukile yokuba ukhulume nabo ngezinkinga zabo engezukufana neyabafundi baseTshwane University of Technology noma baseDurban University of Technology njalo njalo. Asisho ukuthi iSadesmo ayishintshwe kodwa sifuna indlela abenza ngayo izinto ukuze babeseduze nabafundi bayishintshe ngenhloso yokuba bakwazi ukuzimatanisa nepolitiki yesimanje esiyibonayo,” kusho uZwide.
Uthe njengamanje benza isiqiniseko sokuthi amalungu abo eSadesmo bawafundisa ngazo zonke izindlela zokugcina benamalungu futhi bekwazi ukubhekana nezinselelo zabafundi. Okunye ukuthi noma kuthiwa abekho emandleni kodwa kufanele baqinisekise ukuthi umbutho osuke ubusa ngaleso sikhathi abawuncengi kodwa bawenza uhlale manzonzwane.
ISadesmo igcine ukuba nedumela ngezikhathi isaholwa yibo oNxumalo, uMnu u-Andile Biyela, oMnu uXolani Ngwezi, oMnu u-Irvin Barnes, oMnu uNtuthuko Majozi nabanye.
UZwide ubuye avume ukuthi kubo kwakulula ngoba babedla ngomlando wenhlangano yabo futhi imbangi ababehlale bebhekene nayo kwakuba iSasco nayo eyayidla ngomlando we-ANC.
Nokho manje izinto zijikile njengoba i-EFF Student Command ingenise kubafundi iningi labo elizalwe ngonyaka wama-2000 abangasenandaba nomlando wezinhlangano ezidlelana nale mibutho okuyiSadesmo neSasco kodwa asebefuna ukukhuluma ngezinkinga zabo ezithinta bona ngqo ezikhungweni zemfundo ephakeme.
UZwide uthe yize kunjalo kodwa kubalulekile ukuba abafundi bawuqonde umlando weSadesmo nokudlelana nayo ne-IFP kanye nokubaluleka kokusungulwa kwayo.
Ngaphandle kwalokho i-IFPYB isakubona kuwumqansa ukuba iSadesmo ithole izikhungo ezifana ne-Universirty of KwaZulu-Natal, i-University of Johannesburg, i-University of Fort Hare neDurban Uniersity of Technology ngenxa yokuthi izinhlaka ithi ayinazo ezanele ukuba ingathola lezi zikhungo.
Selokhu kwathi nhlo lezi zikhungo zinqotshwa iSasco kanti iSadesmo yona ibivamise ukukhonya eMangosuthu University of Technology, i-University of Zululand, University of Free State (eQwaqwa).
Nokho ukutheleka kwe-EFF Student Command ngoPhephela okuyitemu lalolu phiko lwabafundi abadlelana ne-EFF kushintshe umgqigqo, kwabonakala iSadesmo neSasco belahlekelwa izikhungo ebeziyizizinda zabo KwaZulu-Natal nakwezinye izifundazwe.