Ithimba lezinhlekelele licela ukunikwa ithuba ngolwaseTigray



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
OwayenguMengameli waseNigeria uMnu u-Olusegun Obasanjo kubikwa ukuthi useye e-Ethiopia ngesikhathi lapho amazwe ahlukene asezwenikazi i-Afrika ne-Europe efuna ukuthi kuxazululwe ingxabano ekhona kuleli lizwe esithathe cishe amasonto amabili esifundeni saseTigray. Okhulumela u-Obasanjo uMnu uKenny Akinyemi uthe: “Loyo obenguMengameli usendleleni eya e-Ethiopia kepha angazi ukuthi uyokwenzani khona.”
Kodwa ukufika kwakhe e-Ethiopia kuqinisekiswe usomaqhinga wakulona leli lizwe. Baphezu kwekhulu abantu asebeshonile, kwaba nababaleki abayizi-25 000 asebeshiye leli lizwe bayobhaca eSudan. Kodwa iyanda imibiko ngesihluku esenzeka kuleli zwe kusukela uNdunankulu walo u-Abiy Ahmed akhipha umyalelo wokuthi kuhlaselwe ngezindiza emoyeni naphansi kuyo le nyanga abaphathi noma abaholi baseTigray abasola ngokudelela izwi lakhe.
Kepha lo Ndunankulu waleli lizwe emlandweni obekwa njengomncane kunabo bonke abaholi bamazwe ezwenikazi i-Afrika, unqobe iNobel Peace Prize ngonyaka odlule kuze kube yimanje usakwazile ukungakugqizi qakala ukufakelwa ingcindezi yokuba uHulumeni wakhe nabaholi baseTigray babe nezingxoxo zoxolo. “Sithi thina, sinikeni isikhathi. Ngeke kube ungunaphakade, kuzoba uhlelo oluzosebenza okwesikhashana,” kusho uMnu uRedwan Hussein okhulumela ithimba likaHulumeni elibhekene nale nhlekelele yaseTigray.
“Asikaze sicele i-Uganda nanoma yiliphi izwe ukuba lengamele izinkulumo zethu zokuthula,” kusho uHussein ngemuva kokuthi uMengameli wase-Uganda uYoweri Museveni ehlangane noNgqongqoshe Wezangaphandle wase-Ethiopia wanxusa ukuba kulungiswe izinkulumo zoxolo.
Lolu thuthuva oluseTigray lungase lufake engcupheni ukuvulwa kabusha komnotho waleli zwe, kuvuse impi yobuhlanga kulo lonke leli zwe ngokwezibalo okuvela ukuthi lingelesibili ukuba nezakhamuzi eziningi. Kepha le nkinga ekhona kuleli zwe ingaphinde futhi ingcolise igama likaNdunankulu walo u-Abiy, oneminyaka engama-44, ohlonishwa ngokuthola ukuthula phakathi kwezwe lakhe ne-Eritrea.
Iqembu lasesifundeni iTigray, iTigray People’s Liberation Front (TPLF), okuyiyo engamele lesi sifunda esinabantu abayizigidi ezinhlanu, lisole i-Eritrea ngokuthumela ombayimbayi namasosha ukuba alwe nabo kuvikelwe uHulumeni ka-Abiy.