Now Reading
Amagange amaqembu kuqala iGladAfrica
Dark Light

Amagange amaqembu kuqala iGladAfrica

AwaseKZN athi kufanele angene egijima kuDStv Premiership ngesizini ezayo kanti iRoyal AM ithembisa ukungena ngqo


Amaqembu asesifundazweni iKwaZulu-Natal ayibamba kuGladAfrica Championship azimisele ngokubalwa namaqembu aqede phezulu uma sekusongwa isizini yangowezi-2020/21.

Imidlalo yale ligi kulindeleke ukuthi iqale kule mpelasonto. Emaqenjini aKwaZulu-Natal kukhona iRichards Bay FC, i-Uthongathi FC neRoyal AM engomakoti njengoba ithenge igunya lokudlala kuleli ligi kuReal Kings.

ElaboHlanga libe nengxoxo noPitso Dladla ongumqeqeshi we-Uthongathi FC, uSimo Dladla oqeqesha iRichards Bay FC kanye noSinky Mnisi oyiSikhulu Esiphezulu kuRoyal AM ephethwe ngu-Andile Mpisane.

IRichards Bay FC

“Kule sizini sifisa ukufeza isifiso somphathi weqembu uJomo Biyela sokuthi sinyusele leli qembu kuDStv Premiership. Lokho sizokwenza ngokuthi sihlale phezulu kulogi, uma siwela esigabeni sokuhlunga sinqobe khona. Umbango wejezi uzoba muhle kakhulu njengoba sisayine abadlali abaningi phezu kwalaba ebesinabo ngesizini edlule. Okuhle ukuthi asisayinanga nje abadlali ngoba sifuna ukwandisa isibalo sabadlali kodwa sisayine abanekhono futhi abanamava,” kusho uSimo Dladla.

Kubadlali abali-10 abasayinwe ileli qembu kukhona uLwandile Mabuya, uKhanyisani Ndlovu, uThabani Dube, uSiphesihle Bhengu, uTshepo Mabua, uVictor Bakah, uSiphamandla Mtolo oqokwe njengokaputeni, uSibonginhlanhla Mthethwa, uLudwe Mpakumpaku noSakhile Mtshali.

Leli phephandaba limbuza uMgabadeli (abakwaDladla) ngokuqoka uMtolo njengokaputeni ekubeni efika kuleli qembu uthe: “Okwenze ngamqoka ukuthi usebenze ngokuphindiwe kunabanye abadlali, uvele ajime engathi kuthiwa ngokokugcina emhlabeni. Kade wayefunwa izikhulu zaleli qembu njengoba ekwazile ukuhola uThongathi FC kumasizini edlule. Siyethemba ukuthi nalapha uzokwenza okufanayo.”

Uthe kumjabulise kakhulu ukuthi bakwaze ukusayinisa uMpakumpaku okunguyena owayesezintini kuTS Galaxy ngesikhathi inqoba iNedbank Cup ngonyaka wezi-2018.

I-Uthongathi FC

UPitso Dladla uthe: “Amalungiselelo okuqala kwesizini ahambe kahle kakhulu. Abantu kule sizini bazobona inqwaba yabadlali abasha abazogijima kuleli qembu. Yize kuyinto enzima ukuthi uqale isizini ngabadlali abasha abacishe babe ngamaphesenti angama-70 kodwa engingakusho ukuthi sisitholile isikhathi esiningi sokuziqeqesha. Angeke ngakhala ngoba inhloso yami kule sizini ukuthi ngibeke iqembu kwamathathu aphezulu kulogi.”

Lo mqeqeshi osehlale isikhathi eside kuleli qembu eyisekela mqeqeshi, uzolekelelwa uPapi Zothwane obeqeqesha iqembu elincane leLamontville Golden Arrows elidlala kuMultichoice Diski Challenge (MDC).

Ngesizini edlule leli qembu like lazihola phambili kulogi, laphendukelwa izinto sekusekugcineni. I-Uthongathi FC izodlala le sizini ngaphandle kukaMtolo noCelimpilo Ngema osekwiTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM). Laba badlali baqala ukudlalela leli qembu lisadlala kuSAB League.

IRoyal AM

UMnisi ozakhele udumo ngokunyusela esigabeni esiphezulu iHighlands Park neThembisa Classic eminyakeni edlule, ekhuluma nelaboHlanga uthe abafuni ngisho ukudlala imidlalo yokuhlunga abakufunayo ukuba ngompetha beligi.

“Emidlalweni yokuhlunga akhona amathuba okuthi unganqobi kanti uma ube sendaweni yokuqala kulogi uya ngqo kuDStv Premiership. Ngokweqembu esinalo angikungabazi ukuthi sizoyinqoba le ligi,” kusho uMnisi ngokuzethemba.

IRoyal AM izogadla ngoKabelo Mahlasela oke wadlala kuKaizer Chiefs, uCuthbert Malajila owazakhela udumo kuMaritzburg United. Okuyikho okujabulise uMnisi ukuthi bagcine bebatholile abadlali abaneminyaka engaphansi kwengama-23 abazokwazi ukumelana nobunzima bakulesi sigaba.

Ukugcina ukunyuka kweqembu elisuka esifundazweni iKwaZulu-Natal liya kuligi ephezulu kwaba iThanda Royal Zulu, neyagcina idayisele AmaZulu FC isitifiketi. Iqembu eligcine ukuthi lidlale imidlalo yokuhlungela kwaba iRoyal Eagles ngesizini yangowezi-2018/19.

Yize la maqembu efisa ukwenyukela kuDStv Premiership kodwa kubukeka kuzoba lukhuni satshe njengoba kwaziwa ukuthi ukuncintisana kule ligi kuhlezi yinto eba khona.

See Also

Amaqembu amasha

Emasontweni amabili edlule kunyukele amaqembu amabili kulesi sigaba okuyiBizana Pondo Chiefs nePretoria Callies yaseGoli okungamaqembu anqobe imidlalo yokuhlunga ku-ABC Motsepe League neRoyal AM.

Amanye amaqembu angomakoti iSekhukhune United ephethwe umndeni wakaMalatji othenge igunya lokudlala kule ligi kuTTM, yona eyathenga igunya leBidvest Wits ebigijima kuDStv Premiership. Kube iCape Town Spurs yona ethenge igunya le-Ajax Cape Town.

Ukuzilungiselela kwamaqembu

Wonke amaqembu akukho angakhala ngakho ngamalungiselelo esizini entsha kwazise athole isikhathi esanele njengoba kuze kwathatha nesikhathi sokuthi kudlalwe imidlalo yokuhlunga. Ngisho neBizana Pondo Chiefs kanye nePretoria Callies bawatholile amasonto amabili emva kokuthi sebedlale imidlalo yokuhlunga ingakho la maqembu engeke edlale kule mpelasonto.

Imidlalo yeGladAfrica Championship kule mpelasonto ithakwe kanje:

Kusasa

  • ICape Town Spurs nePolokwane City, eCape Town Stadium
  • ICape Town All Stars neJDR Stars, eParow Park Stadium

NgeSonto

  • IFree State Stars ne-Uthongathi FC, eGoble Park Stadium
  • ISekhukhune United neRoyal AM, eMakhulong Stadium
  • ITS Sporting neCape Umoya United, eKabokweni Stadium

Yonke le midlalo izoqala ligamenxe elesi-3 ntambama.

Scroll To Top