Now Reading
Akuqikelelwe ukudla imithi kungadlondlobalisi igciwane
Dark Light

Akuqikelelwe ukudla imithi kungadlondlobalisi igciwane

Kungaba nemiphumela emibi ukungalandelwa kwemiyalelo yabezempilo ngemithi ebulala amagciwane emzimbeni


Kusukela zili-16 kuya zingama-22 kuLwezi bekuyiWorld Antibiotic Awareness Week, ngakho ngibone kubalulekile ukuthi sibe nenkulumo emfushane ngemithi noma imishanguzo elwa nezifo okanye amagciwane emzimbeni (antibiotics).

Ngijwayele ukuzwa izindaba ngabantu ababelana nezihlobo zabo ngale mithi, bangayisebenzisi isikhathi esanele noma bayisebenzisele okunye okungafanele. Lezi ngezinye izimbangela ezinesandla ezinkingeni ezimbi zokungasebenzi kwale mithi esibhekene nazo. Lokhu kubiza kuthi sihlangane silwe nale mpi siyimbumba.

Cabanga usuya esibhedlela ngenkinga ethile, kwenziwe uphenyo bese kutholakala ukuthi lolu hlobo lomuthi alusakwazi ukusebenza emzimbeni wakho. Lokhu kungasho ukuthi ukungcola noma amagciwane onakho emzimbeni ngeke kusalapheka ngenxa yokuthi la magciwane asenamandla futhi kunzima ukuwelapha kodwa wona ebe eqhubeke anda futhi adale izinkinga ezinemiphumela emibi.

Ukwelapha la magciwane anenkani kuye kudinge amakhambi abizayo okunzima ukuwathatha.  Ukungasebenzi kwemithi elwa nezifo noma amagciwane emzimbeni ngenye yezinto ezinobungozi obukhulu kwezempilo yomphakathi.

Ayini amakhambi alwa nezifo?

Lena yimithi esetshenziselwa ukulwa nokungcola noma amagciwane abangwa amabhakhitheriya. Le mithi isebenza ngokubulala amabhakhitheriya ngokuthi ibulale amaseli awo noma ishintshe indlela akheka ngayo ukuze angabe esakhiqizeka. Lolu hlobo lwemithi alusebenzi emagciwaneni afana nalawo abanga umkhuhlane noma okunye ukungcola ngaphandle kwalokho okudalwa amabhakhitheriya aphelelwa amandla uma kusetshenziswa ama-antibiotic.

Ukungazweli kwama-antibhayothikhi

Ngamagama asobala, lesi yisimo lapho imithi yokubulala amabhakhitheriya ingasakwazi ukwenza umsebenzi wayo. Amagciwane aba namandla okwehlula amakhambi asuke akhelwe ukuwabulala okusho ukuthi ayaqhubeka akhule. La magciwane aphenduka alwe namakhambi okuwabulala, akwazi ukuthola indlela yokwenza le mithi ingakwazi ukusebenza noma indlela yokuphila nayo. Enye indlela ayisebenzisayo ukukhiqiza uketshezi olwenza ikhambi lokulwa namagciwane lingakwazi ukusebenza. Kokunye ashintsha indlela akheke ngayo ukuze ikhambi lingakwazi ukunamathela kuwo.

Kubalulekile ukukusho ukuthi lokhu abantu bangathelelana ngakho. Kubalulekile futhi ukwazi ukuthi uma amagciwane esenamandla okulwa nekhambi elithile, liyaba khona elinye elinamandla kakhulu elingasebenza. Kodwa uma leli khambi elinamandla kakhulu selisetshenziswa njalo ngendlela yokuthi ibhakhitheriya seliyalehlula, olisebenzisayo angagcina esenegciwane elikhulu elingalapheki.

Izimbangela zokungasebenzi kwekhambi

See Also

  • Ukulisebenzisa ngokweqile 
  • Ukungalisebenzisi uze uliqede
  • Ukungcola nesimo esingesihle sendlu yangasese
  • Ukulisebenzisa kakhulu emfuyweni nakwezolimo zokudoba
  • Ukulisebenzisa esikhundleni sekhambi elejwayelekile

Sikugwema kanjani lokhu? 

  • Ngokulandela imiyalelo yokusebenzisa ikhambi lokubalala amagciwane.
  • Ngokugwema amagciwane nokusabalala kwegciwane elinenkani.
  • Ukugomela ukungangenwa amagciwane.
  • Ukulungisa ukudla ngendlela ephephile.
  • Kubalulekile ukugeza izandla ikakhulukazi izisebenzi zezempilo ngoba kunqanda ukusabalala kwamagciwane kubantu.

Intumo (antibiotic stewardship)

Lena (antimicrobial stewardship) yimizamo yokunqanda nokwehlisa ukungasebenzi kwemishanguzo ebulala amagciwane. Kuwukuyisebenzisa ngobuhlakani ukuze kusizakale isiguli nomphakathi jikelele. Kusho ukuthi ungasebenzisi le mishanguzo uma singekho isidingo futhi usebenzise efanele, ngesikhathi esifanele nesibekiwe nangendlela ephephile ezosebenza.

Okufanele ukwenze

  • Khumbula ukuthi ukusebenzisa budlabha nangokweqile le mishanguzo kubeka abantu engcupheni engenasidingo. Lokhu kubiza ukuba sihlale siqwashile ngaso sonke isikhathi. Kusemqoka ukuqonda ukubaluleka kokusetshenziswa kwale mishanguzo ngendlela. 
  • Ungayisebenzisi le mithi ngaphandle uma kufanele. Uma ingadingeki ngeke ikusize kodwa ungaba nokungaphatheki kahle ongakuzwa okudalwa yiyo.
  • Isebenzise ngokuyalelwa abezempilo.
  • Ungabelani ngayo nabangani nomndeni ngisho ucabanga ukuthi baguliswa yinto efanayo nawe.
  • Khuluma nomelaphi wakho uma kukhona ongakuzwa kahle okudalwa yiyo kwazise okunye kwalokho kungadinga ukwelashwa.
  • Iqede imishanguzo oyinikwe ngumelaphi wakho.

Yenza ngakho konke okusemandleni ukuthi uhlale uphilile futhi ugcine abanye bephilile ngokuthi uhlanze izandla, uvale umlomo uma ukhwehlela nokuthi uhlale ekhaya uma ugula.

Scroll To Top