Thola ulwazi ngeSakhiwo soHlelo Lwezempilo Yomphakathi



UDkt uMngqibisa ungudokotela wezempilo.
Siyimiphakathi sidinga ukwazi ukuthi impilo iyilungelo. Lokhu kusho ukuthi wonke umuntu ophilayo unelungelo lokuthola ukuphila okukahle kanye nokufinyelela ekunakelelweni ngokwezempilo.
UHulumeni waseNingizimu Afrika wazibophezela empilweni enhle nasekuphileni okuhle kuzo zonke izakhamuzi. Impilo enhle ibukwa njengento esemqoka kakhulu futhi eyilungelo elinqala lomuntu nenomnikelo ekukhuleni komuntu.
Ekufuneni ukuthola impilo kuwo wonke umuntu, iNingizimu Afrika iyahambisana nezibophezelo ezenziwa inhlangano yezizwe i-United Nations ngokusebenzisa iSustainable Development Goals (SDG) nalapho iNingizimu Afrika yasayina khona.
INational Development Plan (NDP) yaseNingizimu Afrika neSDG 3 yizinhlaka ezengamele zikaHulumeni nomkhakha wezempilo. INDP ibeke izinhloso zezempilo zesikhathi eside eziyisi-9 zeNingizimu Afrika. Ezinhlanu zalezi ziphathelene nokuthuthukisa ezemilpo nokuphila kwabantu, kuthi ezine zibhekane nokuqinisa izinhlelo zezempilo.
Umbono kaHulumeni wezi-2014/2019 ukuba azuze ‘umpilonde wazo zonke izakhamuzi zakuleli’ futhi wanikeza umsebenzi uMnyango Wezempilo ukuba uqinisekise lokhu ngokunciphisa ukugula nokufa ubuye wenyuse izinga lobungakhokuphila.
Njengengxenye yokuzuza lokhu nokuqinisekisa ukuthi izinsizakalo zokunakekela abantu ngokwezempilo ziyatholakala kuwo wonke umuntu futhi bathole izinga lokunakekelwa elingcono okuzoba nomphumela ongcono emiphakathini.
UMnyango Wezempilo wakhetha ukusabalalisa uHlelo Lwezempilo nokwezifunda ukuze zihlinzeke ukunakekelwa ngokwezempilo okuyisisekelo. Isibophezelo esinqala sethimba elilawula ezempilo esifundeni wukuhlela izidingo zezempilo emiphakathini yaso.
Zibekwa, kusemqoka ukuthi uyaqonda ukuthi siyini isakhiwo sokunakela impilo yomphakathi noma yiziphi izinsiza okwazi ukuzithola.
Kunamazinga ehlukile amane ezinsizakalo zokunakekela impilo. La mazinga ehlukaniswa ngokwezinsiza azilethayo kusukela ekusizakaleni okuvulekile kuya ekusizakaleni okunqondiswe ngqo kokuthile.
Kusemqoka ukuqonda ukuthi insiza ngayinye inebanga elisebenzayo ngokwendawo nangokuhleleka kwemiphaphathi.
Izinga lokuqala okungelokuthola umtholampilo onakekela impilo ngokuyisisekelo noma umtholampilo onakekela impilo yomphakathi osemphakathini.
Le mitholampilo izokwedlulisela lapho okudingeka uye khona kuye ngokuthi kufanele unakekelwe ngani.
IZINGA 1
UMtholampilo Wokunakekela
Ngokwempilo Okuyisisekelo
UMtholampilo Wokunakekela Ngokwempilo Okuyisisekelo uyisinyathelo sokuqala ekuhlinzekeni ukunakekela ngokwempilo futhi uletha izinsizakalo njengokugoma, ukuhlelwa kwemindeni, ukunakekela abakhulelwe, ukulapha izifo ezivamile, ukulapha nokulawula ufuba, ukweluleka abanesandulelangculaza nengculaza nezinye izinsizakalo.
Uma umtholampilo ungakwazi ukusiza, isiguli sizodluliselwa eSikhungweni Sezempilo Somphakathi. Izibonelo: Umlaza L no Q.
ISikhungo Sezempilo Somphakathi
ISikhungo Sezempilo Somphakathi siyisinyathelo sesibili ekuhlinzekeni ukunakekelwa ngokwempilo kodwa singabuye sisetshenziswe yimiphakathi ngaphandle kokudluliselwa uma umtholampilo ungekho endaweni. ISikhungo Sezempilo Somphakathi senza umsebenzi ofanayo nomtholampilo, okwenza ukuthi sehluke ukutholakala kosizo lwezokubeletha, izimo eziphuthumayo, nokulaliswa isikhashana konke lokhu ngaphandle kokunqamuka.
ISikhungo Sezempilo Somphakathi siyakwazi ukudlulisela iziguli eSibhedlela Sesifunda uma kunesidingo. Izibonelo: KwaMashu Polyclinic, Umtholampilo Umlaza U, Umtholampilo waKwaDabeka.
ISibhedlela Sesifunda
Lesi yisinyathelo sesithathu ekuhlinzekweni kwezempilo. Lezi zibhedlela ngokuvamile zamukela iziguli ezithunyelwe umtholampilo nezithunyelwe isikhungo sokwelapha somphakathi bese zihlinzeka ukulekelela izikhungo zempilo nemitholampilo njengokuqagula isifo, ukwelapha, ukunakelela, ukweluleka nokuvuselela.
Izinsizakalo zokwelapha zibandakanya ukuhlinzwa, ukubelethisa nokwelapha ezabesifazane, umnyango weziguli nabalimele abelashwa bangalaliswa, imithi, ukwelapha abantwana, ukwelapha ingqondo, ukwelapha abadala, abalimele kanye nophenyo lokwelapha ngemithi. Ukunakekelwa okuningi kwenziwa ngodokotela Kanye nabahlengikazi.
Uma izinsizakalo ezidingakalayo zingenziwa eSibhedlela Sesifunda isigulu sidluliselwa eSibhedlela Sesifundandawo ukuze selashwe futhi sikulawulwe okusigulisayo.
Isibonelo: Isibhedlela iWentworth hospital nePrince Mshiyeni.
IZINGA 2
ISibhedlela Sesifundandawo
Leli yizinga lesibili lokunakekelwa ngokwezempilo. Lezi zibhedlela zamukela iziguli ezilethwe izibhedlela zesifunda zihlinzeke ukwelekelela izibhedlela zesifunda.Uma izinsizakalo zingekho kulolu hlobo lwezibhedlela iziguli zidluliselwa eSibhedlela Sesifundazwe ukuze zelashwe kubuye kulawulwe izigulo. Izibonelo: Isibhedlela i-Addington neMahatma Gandhi.
IZINGA 3
ISibhedlela Sesifundazwe
Lezi zibhedlela zamukela iziguli ezilethwe yizibhedlela zesifundandawo zihlinzeke ukulekelela ngolwazi lobungoti ezibhedlela zesifundandawo. Lezi zibhedlela zinezisebenzi ezingongoti ndokotela abjwayelekile futhi zihlinzeka ngezinsizakalo zokuhlinzwa kobuchopho, zemizwa, zokubumba inyama elimele, zezifo zenhliziyo, zokuchama, zokuhlinzwa kwabantwana, zokucabaya ubuso, zezifo zngqondo, zokulimala emsebenzini kanye nezamathambo, nezinye izinsizakalo.
Uma izinsizakalo ezidingakalayo zingekho kulezi zibhedlela iziguli zedluliselwa eZibhedlela Ezinkulu ukuze zelashwe.
Izibonelo: ISibhedlela iKing Edward neSibhedlela iGreys
IZINGA 4
IZibhedlela Ezinkulu
Lezi ezezinga lesine nelokugcina ekwelapheni. Lezi zibhedlela zizinezindawo zobuchwepheshe ezinikeza indawo enobuchwepheshe obuningi bokwelapha, ukusungula nokucwaninga. Iziguli zidluliselwa yiZibhedlela Ezinkulu. Isibonelo: Isibhedlela Inkosi Albert Luthuli.
Isibhedlela Sezifo Thizeni
Lezi zibhedlela zelapha iziguli ezithile, zibandakanya izibhedlela zabagula ngengqondo nezabaphethwe ufuba kanjalo nabalimele umgogodla nabanezifo ezithathelanayo.
Izibonelo: ISibhedlela iCharles James neSibhedlela iFort Napier
Kufanele wenzenjani?
Gxila emtholampilo wangakini ngoba lokhu kuyasiza ukuvimbela ukusebenzisa eznye izinsiza ngokweqile okugcina sekubange ujenga kuthintibeze nezingaqho kezinsizakalo.
Kuwumthwalo wakho ukunakekela impilo yakho. Ungakwenza lokhu ngokuzifundisa ngezifo ezivamile emphakathini wangakini, ukusheshe uhlolelwe izifo ezivamile ukuze kugwemeke izinkinga zokutholakala kwezifo sekudlule isikhathi. Ukushesha uthole usizo uma ungazizwa kahle ubuye uthathe imithi yakho ngendlela efanele futhi unamathele kuyo.
Ulwazi lucashunwe
EMnyangweni Wezempilo waKwaZulu- Natal. http://www.kznhealth.gov.za/ Referral-system.htm. Ikhishwe Corporate Communication, ngoLwezi 2014