Now Reading
Abokufika abangama-Afrika baqala kudala ukungena kuleli
Dark Light

Abokufika abangama-Afrika baqala kudala ukungena kuleli

Uhlelo lokuqasha aboHlanga olwaziwa ngoTebha, olwalukhona ngesikhathi sobandlululo, lwaba nomthelela omkhulu ekuheheni abokufika kuleli


Ukunganaki kwenye inkathi kwenza sizithole sesiyizisulu, sesifakwa nasemeveni sibona, sesikhohliseka, sesikhohliswa, sesikhohlwa, sesikholwa, sesivuma kalula izimo, izinto, abantu nokunye. Kube sengathi kuyaqala ukwenzeka. Kube sengathi kakuzange kwenzeke, kube sengathi kwakungekho emandulo, kube sengathi kusanda kuqala futhi kusekusha. Sisuke sesingasakwazi ukuzihlaziyela nokuzicubungulela. Kungenkathi abantu baye babalule ukuthi abakwazi ukwenza okuthile ngoba bengafundanga. Kube kungenjalo ngoba nabantu abangafundile baye banganaki. Bobabili basuke benganakanga ngenkathi kuqala ukwenzeka nokuqopheka komlando.  

Ukunaka kuzosisiza ukuba sicobelelane, sengeze emlandweni wethu owehlukahlukene. Siwuqale ezinyaweni kuze kufike ekhanda kodwa singawuqali nakancane esifubeni noma siwukhe phezulu. 

Ukuze singadidiseki, singazididisi futhi singadidisi nabanye ngomlando. Kumanje kukhalwa ngokwanda kwabokufika ezweni sengathi bafika emva kowe-1994. Ake sihlehle sinakisise kanzulu umlando ngokufika kwabokufika abehlukahlukene hhayi aboHlanga base-Afrika kuphela okukhalwa ngabo.

Kwaqala ngenkathi abanye abantu sebevula amehlo ngokwenzekayo base bekuthatha njengento eqalayo neyayingekho phambilini. Ngakho belu njalo ukunganaki ngoba sithi kwakungabalulekile ngaleyo nkathi. Kanti kuyobuya ngeminyaka eyolandela sekukhonondisa nowayengafunanga ukukunaka ngenkathi kusafufusa. Ngala mazwi angigqugquzeli udushe olubhekiswe kwabofika kodwa ngicakula emlandweni.

Abaningi bazokhumbula ukuthi abakubona sekwenzeka manje kwaqala ukwenzeka kusaphethe uHulumeni wobandlululo lwamaBhunu. Kwazibani ukuthi kwakuyimfihlo yamaBhunu yokuqhatha aboHlanga ngokuxegisa imingcele kusalawula wona. Ngoba ayazi ukuthi aboHlanga abasheshi ukunaka. Njengoba sebenaka manje bethi imingcele ayigadiwe kanti kwaqala ngaphambi konyaka we-1994 okuwuHulumeni  wedemokhrasi ophathiswe i-ANC. Ngakho-ke kusemqoka ukuba sikunake okuthile kusaqala ukwenzeka, kungaze kusabalale bese kuba nzima ukukuvimba.

Umlando usuyakuveza ukuthi noHulumeni oholwa yi-ANC, nabanye bongqongqoshe abazange banake kodwa bazithela ngabandayo. Okungenzeka ukuthi babenza ngamabomu kusukela ngowe-1994. Ukungaqinisekisisi ukuthi imingcele yayiqhubeka iqashelwe ngelokhozi. Abayiqaphanga imingcele ngelokhozi njengamazwe ayenikwe inkululeko ngaphambi kweNingizimu Afrika. Abakula mazwe abahlalanga bathi dekle kwaba yikwaMachanca emingceleni yabo. 

Kunezinkulumo emphakathini ezaziwayo namanje ukuthi abanye abakuHulumeni, abasezikhundleni eziphezulu bayazuza ngokuxega kwemingcele yezwe. Banobugebengu. Sekuwumlando ukuthi omunye wongqongqoshe wadlula emhlabeni kade eboshiwe, esoleka ngobugebengu obumbandakanya nezidakwamizwa.

Kwake kwaba nohlelo kuthelevishini ishanele yesibili engangingalunakanga isihloko salo ngowe-1990. Lapho kwakumenywe owayengumkhuzi wamasosha iSouth African Defence Force esasithi uMsadafu. Wayechaza ukuthi babengasayiqaphile ngamehlo okhozi imingcele yezwe. Basebeluthambisile nocingo lukagesi ngoba iNingizimu Afrika yayingesenabo ubutha namazwe angenhla kwayo. Kanti futhi yayisishabalele nenqubo yobukhomanisi eyabe izondwa emhlabeni. Buka ngoba yayizondwa nangabantu abamnyama ngokutshelwa ngabamhlophe baseNtshonalanga nabase-USA. Ekubeni babengakaze bayifunde ezikoleni futhi bengakaze bayizwe ishunyayelwa nasemasontweni

Kwasukela emva kwalowo nyaka ukuba imingcele ingabe isaqashwa uMsadafu njengakuqala. Nokuyilapho okwaqala kancane ukungena kwabokufika eNinigizimu Afrika. Abanye baphahluka bengaqondile ngowe-1996, engicabanga ukuthi ngeke besaphahluka, ukuthi bangena kanjani emingceleni yezwe. Ukuthi babeqale ngokungena emingceleni yamazwe angenhla okuyiZimbabwe, iBotswana, iseMaputo, iseSwatini kwaba yima bengena ngemingcele yaseNingizimu Afrika.

See Also

Kwakusukele ngowe-1991 kuze kube manje lapho aboHlanga bangenhla esithi abokufika bebonwa. Kodwa akekho owanaka futhi waqaphelisisa. Imvamisa bama namanje basama onqenqemeni lwabahamba ngezinyawo emadolobheni ezwe. Kafushane bakhona ngasemasundwini nangasenxanxatheleni yezitolo iThe Wheel ePhoyinti. Abanye bangasepaki i-Albert emgwaqeni owawusabhalwe uSt George’s Street manje sewabhalwa uMaud Mfusi Street  nakwezinye izindawo lapho bebaningi khona.

Abanye bokufika okhokho babo bafika ezweni ubaba uNelson Mandela engakazalwa ngowe-1918 nabanye. Phambilini ngangibalulile ukuthi abanye beza ngohlelo okwakuthiwa iThe Employment Bureau of Africa, uTebha kanye nokuzosebenza kwezinye izinkampani ngaphambi kowe-1990. Abokufika ababefike ngoTebha babengezona izephulamthetho ezweni njengoba manje abanye babo sebeyizephulamthetho ngezindlela eziningi.

Akunakekanga kepha kwacweba isiziba akuzange kuvuke ukuthi alikho izinyane lemvubu elidliwa ingwenya kuthuleke. Kwakungenkathi abokufika beshaya amaphoyisa eGauteng. Akunakwangwa lokho ukuthi kwakuyisenzo sokudelela isinyelela aboHlanga baseNingizimu Afrika. Ukuthi asiyilutho.

AbaseNingizmu Afrika balibala ukuklolodela amaphoyisa asezweni labo abanye behlangene nabokufika. Abokufika abangeke bakwenze emazweni asemakubo. Ingoba aboHlanga baseNingizimu Afrika ikhohlisana ihlomile yikho abezizwe bezicanasela. Sidayisa ngezwe lethu, siyadayisana, sihlebane futhi singanaki esikushoyo kwabezizwe. Bese kwakhiwa umkhanya noma ngoba asinakho  esithi siyimbumba thina boHlanga baseNingizimu Afrika. Phambilini ngathi asinalo ngisho nolimi olusihlanganisayo.

Scroll To Top