Now Reading
Elakuleli litholana phezulu nelaseMalawi
Dark Light

Elakuleli litholana phezulu nelaseMalawi

Iqembu lakuleli leNetball elibizwa ngeSpar Proteas likulungele ukubuyela enkundleni nalapho lizobe libhekene neMalawi emidlalweni emithathu yeTest.

UDumisani Chauke oyiSekela mqeqeshi weSpar Proteas, uthe uyazi ukuthi kuzoba impi yodwa kule midlalo kodwa ezakhe uyazethemba.

Imidlalo yala maqembu izobanjelwa eRoyal Bafokeng Sports Complex, eRustenburg, kusukela mhla zingama-26 kwephezulu kuya kumhla zingama-30 kuyo le nyanga. Le midlalo izodlalwa ngaphansi kwemiyalelo kaHulumeni yokungabi nezibukeli ezinkundleni. 

Ngokwezikleliso zenhlangano ephethe lo mdlalo emhlabeni, i-International Netball Federation (INF), iSpar Proteas isendaweni yesihlanu kuthi iQueens of Malawi ibe kweyesithupha. Lokho kwenza la maqembu abe ngahamba phambili lapha e-Afrika.

UChauke ophinde abe ngumqeqeshi wamaFireballs, okuyiqembu elidlala kuligi enkulu eNingizimu Afrika iTelkom Netball League (TNL), uthe kube nzima kubadlali ukudlala ngaphansi kweBio-Bubble.

“Bekunzima kubadlali ukudlala ngaphansi kweBio-Bubble. Khona indlela umqhudelwano abawushubise ngayo batshengisile ukuthi bangabezinga eliphezulu. Abadlali abaqhamuka phesheya kwezilwandle baphunyuziwe kanti abadlala kuleli abanye basahlolwa ukuthi ngabe abalimele yini. Okunye okuyikho okwenze abadlali bethu bathwale kanzima emqhudelwaneni weTNL ukuthi bajwayele ukudlala kanye ngempelasonto hhayi izinsuku zilandelana,” kusho uChauke.

Lo mqeqeshi obuye asebenze njenge-Administrator eTshwane University of Technology (TUT), uthe uyakuqonda ukuthi abadlali badlale umqhudelwano weTNL kade sekuphele izinyanga eziyisi-6 bagcina ukudlala ngenxa yokhuvethe kodwa manje basesimweni esihle sokudlala.

ISpar Proteas yagcina ukudlala ngoMasingana nonyaka ngesikhathi ibhekene ne-England. Yize lokho kusho ukuthi sekuphele izinyanga ezili-10 abadlali bagcina ukuhlangana kodwa uChauke lokho akumkhathazi nhlobo.

“Ngilindele iNetball enenkosi phakathi kule midlalo. Womabili amaqembu alambele ukukhombisa ukuthi iliphi elihamba phambili lapha e-Afrika. IMalawi iliqembu elinzima ukubhekana nalo kanti iyizitha ezinhle eqenjini lethu ukuthi lidlale nayo,” kusho uChauke.

See Also

Emasontweni amabili edlule umqeqeshi weSpar Proteas uDorette Badenhorst umemezele iqembu labadlali abangama-30 abazoba sekhempini ezoqala mhla zingama-22 kuze kube umhla zingama-25. Emva kwalokho kuzobe sekumenyezelwa iqembu labadlali abali-15 okuyilo elizobhekena neMalawi.

La maqembu agcina ukutholana phezulu nyakenye emqhudelwaneni owaziwa ngeNetball Africa Cup (NAC) owawubanjelwe eCape Town.

UCecilia Molokwane onguMengameli weNetball South Africa (NSA), uthe lo nyaka kube ngonzima kakhulu. “Unyaka wezi-2020 ube unyaka obe mubi kakhulu kuNSA njengoba kuphoqeleke ukuthi sishintshe ikhalenda ngenxa yokhuvethe. Kuningi ebesikuhlelile kodwa okunye kudingeke ukuthi sikuhlehlise. Besizitshela ukuthi kungenzeka singaliboni iqembu lethu  lidlala kulo nyaka. Kuyajabulisa ukuthi sikwazile ukuthola imidlalo ewuchungechunge. Okungijabulisa kakhulu ukuthi sizodlala neqembu eliqinile,” kusho uMolokwane.

Selilonke iqembu labadlali elingama-30 elisekhempini lithakwe kanje: UPhumza Maweni, uKarla Pretorious, uNozipho Ntshangase, uNicola Smith, uShadine van der Merwe, uMonique Reyneke, u-Ane Retief, uPamela Chukwu, uFezeka Sondzaba, uBongise Wete, u-Izette Griesel, uBongiwe Msomi, uRome Joubert, uKhanyisa Chawane, uMarlize de Bruin, uLungile Mthembu, uShannen Bartlett, uTshina Mdau, uSikholiwe Mdletshe, uPrecious Mthembu, uLefebre Rademan, uKamogelo Maseko, uNichole Taljaard, uNomfundo Mngomezulu, uRenske Stoltz, uSigi Burger, uNonsikelelo Mazibuko, u-Elmere van der Berg, u-Iner Mari Venter noLenze Potgieter.

Scroll To Top