Usazimisele ngolwazi angaluzuza kuLebedev u‘The Rock’ Mchunu
Useqalile ukuzilungiselela impi yakhe nomshayisibhakela waseRussia uThabiso “The Rock” Mchunu (osesithombeni) athi uzimisele ngokufunda lukhulu kule nsizwa azobhekana nayo. Impi izoba mhla zingama- 21 kuZibandlela eKrasnoyarsk, eRussia.
Lo somankomane ongomunye wabahamba phambili kuleli ube nenhlanhla ethola impi yebhande lomhlaba. Kuyo le mpi uzobhekana nesikhondlakhondla saseRussia uDenis Lebedev, empini yebhande iWorld Boxing Association (WBA) kuCruiserweight.
“Ukuqhathwa noDenis kungijabulise kakhulu. Okwenza ngiyithokozele le mpi yingoba ngifuna ukufunda okuningi kuyena naye afunde okuthile kimina. Kuyimanje sengiqalile ukuzilolonga ngiyafisa ukuthi kuze kufike usuku lokuthi ngingene eringini ngisewumqemane ngingalimele ndawo,” kusho uThabiso.
Uma le nsizwa edabuka kwaXimba eMkhambathini, inganqoba izobe isizibeke ethubeni lokulwela amanye amabhande amakhulu okuyi i-International Boxing Federation (IBF), iWorld Boxing Council (WBC) neWorld Boxing Organisation (WBO). Uma ungumpetha welinye lalawa mabhande alezi zinhlangano usuke uthathwa njengengqwele emhlabeni.
Ekhuluma nelaboHlanga uThabiso ubonge uSean Smith ongumqeqeshi wakhe ngokumtholela le mpi.
“Ngibonga kakhulu kumqeqeshi wami ngokuhlanganisa le mpi. Ukuvalelisa uLebedev ozobe elwa impi yakhe yokugcina kwenza ngizibone ngikhethekile, ngoba unamava ayisimanga. Uma ngimhlula kuyosho ukuthi sengibalwa nabali-15 ezilinganisweni zeWBA.”
Ugcine ukuba seringini ngenyanga eyedlule u”The Rock” lapho ayebhekene khona noWillbeforce Shihepo waseNamibia eTime Square ePitoli. Kuleyo mpi wazidlela amahlanga njengoba amginqa emzuliswaneni wesithathu. ULebedev oneminyaka yobudala engama-40 useke waphatha isicoco seWBA kusukela ngonyaka wezi-2012 kwaze kwaba unyaka wezi-2018. Useke waba ingqwele ye-IBF ngonyaka wezi- 2016, uphinde abe nerekhodi lokunqoba izimpi ezingama-32 kwezingama-35. kwezingama-23 kwaba umngqimuzo womlalisaphansi, yena usahlulwe ezimpini ezintathu kuphela.
UThabiso unerekhodi lokunqoba izimpi ezingama-21 kwezingama-26. Unqobe ngomngqimuzo womlalisaphansi kwezili-13, usethole induku kwezihlanu. Wagcina ukulwela ibhande lomhlaba iWBO Cruiseweight ngowezi- 2016 wangqimuzwa kabuhlungu u-Oleksand Usyk eCarlifonia e-USA. Njengamanje uphethe isicoco sikazwelonke nese- Africa Boxing Union.