Now Reading
UMhlathuze Water ukhombisa ukuzibangula
Dark Light

UMhlathuze Water ukhombisa ukuzibangula

Inkampani eke yayamaniswa nomsanka ibukeka yebuza kulokho futhi iphokophele phambili


Esikhathini lapho izinhlangano nezinkampani ezingaphansi kukaHulumeni zidume kabi ikhakhulukazi ngakwezokuphatha, inkampani ephakela enhla neKwaZulu-Natal, uMhlathuze Water ithole umbiko ongenachashazi kuMcwaningimabhuku.

Lokhu kuvele esithangamini sabezindaba ebesenganyelwe nguSihlalo weBhodi, uNks uThabi Shange neSikhulu Esiphezulu, uMnu Mthokozi Duze. Enza isethulo uDuze kunyakamali wezi-2019/2020 uveze ukuthi uMhlathuze Water uphathe izimali nokunye ngendlela efanele nokwenze uMcwaningimabhuku wawuchoma olwegwalagwala. Lo mbiko ufike ngesikhathi ubuholi boMhlathuze Water busemkhankasweni wokugeza igama lawo emuva kokulandelwa ngumsanka nowabe uyamaniswe nowayenguSihlalo weBhodi uNks uDudu Myeni, okaMemela.

Akugcinanga lapho njengoba ngowezi-2015, owayeyiSikhulu Esiphezulu kule nkampani, uMnu uSibusiso Makhanya, wamiswa emsebenzini ngenxa yezinsolo zokungaphathi kahle, ukungalandelwa kwemithetho kumathenda nokunye. Kwagcina ngokuthi uMakhanya axoshwe ngowezi-2019. Ibhodi labe selicela uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu ukuthi ulisisele uMnu Mthokozisi Duze. Kugcine ngokuthi uDuze angabe esabuyele emuva njengoba ibhodi lanquma ukumqasha ngokugcwele.

Exoxa nelaboHlanga uDuze uthe bekungelula. “Ngonyakamali wezi-2016/17 engafika ngawo, kanye nonyakamali wezi-2017/18 sathola imibiko engemihle. Kwaqala ukubonakala komehluko lapho kubekwa ibhodi elisha. Leli bhodi alichithanga sikhathi labeka amakomiti ahlukahlukene ukuze kweluswe umsebenzi owenziwa kule nkampani,” kusho uDuze.

Uthe okunye obakweza: “Kwaba wukutshalwa kwesiko elisisa phambili kwezokulawula nokuqapha iRisk Management elizosivumela ukuba singagcini ngokuhlonza kepha sibuye siphendule ngokwanelisayo – esikhathini esifanele – lapho kungaba nobungozi khona obungathintibeza amandla enhlangano ukuba ihlangabezane nezinhloso zayo. Imizamo yethu yokuguqula izinto ifake nokubhekana nokusetshenziswa kwezimali okungenazithelo nokunencithakalo kanye nokulungisa irejista yezimpahla ibe sothini okumanje ingaphezu kwesigidigidi samarandi,” kusho uDuze.

Njengoba kunesikhalo nje sokuthi kukhona izinkampani zikaHulumeni esezaba yisimbelambela zicela ukuxhaswa, uDuze uthe lokho kukude noMhlathuze Water. “Sibheke phambili, ngikhululekile ukuma phambi kwenu namhlanje ngonoqhakala ngithi uMhlathuze Water iyibhodi elisebenza kahle kakhulu elingeke lidinge ukuba litakulwe uHulumeni esikhathini ongasicabanga ngenxa yokuthi siyakwazi ukuzenzela, sinempahla ekahle ephikiswa kuphela yimali esebhange nayo eyanele nekahle.”

UMhlathuze Water uyinkampani ebaluleke kakhulu njengoba ungagcini ngokuphakela amanzi ezindaweni zasemakhaya kepha usekela isizinda sentuthuko iRichards Bay lapho uphakela amanzi uphinde uphathe ukuhlanzwa kwamanzi asengcolile. Le nkampani isibike ukuthi eminyakeni emihlanu kusukela nonyaka izosebenzisa imali engangezigidi ezingama-R800 kungqalasizinda. Kanti inzuzo ngaphambi kwentela ikhula ngamaphesenti angama-73 kusukela ngowezi-2015 kuza kowezi-2020.

See Also

“Le mali esizoyifaka kungqalasizinda izokwenza ukuthi sikwazi ukunakekela amakhasimende ethu futhi sikwazi nokufikisa amanzi kubantu abawadingayo,” kusho  uDuze.

Intuthuko ezindaweni zasemakhaya

Khona lapho uDuze uveze isidingo sokuba izinhlaka ezifana noMhlathuze Water zibambisane nomasipala ukuqinisekisa ukuthi ilungelo lamanzi elikuMthethosisekelo wezwe liyahlonishwa.

“SiwuHulumeni owodwa, asikho isidingo sokuncintisana. Okumqoka wukuthi abantu kakhulu ezindaweni zasemakhaya bathole amanzi. Yikho njengoMhlathuze sizoqhubeka nokuxoxisana nemikhandlu kanye nemiphakathi ngenhloso yokuqinisekisa ilungelo lokuba namanzi ahlanzekile ngaso sonke isikhathi.”

Scroll To Top