Izinhlaka zibalungiselele kangakanani abesifazane kwesoMehluleli Omkhulu



UMbatha ngumhleli nomhluzi wezindaba kwelaboHlanga.
Njengoba liphela ngowezi-2021 ihlandla likaMehluleli Omkhulu uMogoeng Mogoeng, kubhekwe kuthi kuqokwe omusha ozongena ezicathulweni zakhe. Kulokhu izwe libheke ukuthi ngabe kuzokwenzeka yini ukuthi kuqokwe ngokokuqala ngqa emlandweni waseNingizimu Afrika owesifazane ozoqhoqhobala lesi sikhundla.
Ukuqokwa kukaMehluleli Omkhulu
Ukwenziwa kwalokhu kuhluke kakhulu endleleni okwenziwa ngayo uma kuqokwa umehluleli njengoba iSigaba 174(3) soMthethosisekelo wezwe sithi uMengameli njengeNhloko yeKhabhinethi, emveni kokubonisana neJudicial Service Commission (JSC) nabaholi bamaqembu ezepolitiki emelwe kuNational Assembly, uqoka uMehluleli Omkhulu. Le ndlela iyafana noma kuqokwa iPhini likaMehluleli Omkhulu kanjalo nokukaMengameli weNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala neSekela lakhe. Kodwa kulokhu uMengameli kumele abonisane neJSC hhayi nabaholi bamaqembu ezepolitiki.
Umsebenzi weJSC kulokhu ukusingatha inhlolokhono evuleleke emphakathini, njengoba kwenzeka uma kuqokwa abezobulungiswa, beseyeluleka uMengameli ngalowo ofanele lesi sikhundla. Nakuba kudingeke ukuthi uMengameli abonisane nabathile kodwa akaphoqelekile ukulandela okushiwo abaholi bezepolitiki ngisho neJSC uqobo. Ngamanye amazwi, uMengameli unamandla amakhulu ekuqokeni uMehluleli Omkhulu kunabanye abehluleli.
Abasemathubeni okuqokwa
Njengoba sekushiwo ngenhla, elakuleli alikaze libe noMehluleli Omkhulu ongowesifazane yingakho lilikhulu igidigidi ekutheni ngabe kulaba besifazane abakhona angaphuma yini kubo ongasiphatha. Abaningi babheke ukuthi iSekela likaMehluleli Omkhulu uRaymond Zondo asithathe lesi sikhundla kangangokuba ukhona asebemsola ngokusebenzisa iKhomishini Yokugwamandwa Kombuso ayiholayo ukuzilungiselela ukuba uMehluleli Omkhulu, kepha ukuba kwakhe yiSekela akumenzi ukuthi kube nguye ongangena ngoba kuningi okubhekwayo kumuntu oqokwayo.
ISigaba 174(2) soMthethosisekelo wezwe siyakucacisa ukuthi “ezobulungiswa ukuze ziveze ukwakheka kweNingizimu Afrika ngokobuzwe nangokobulili kufanele kubukwe uma kuqokwa abehluleli”.
Uma kubukwa umlando omude wokukhishwa inyumbazana kwabesifazane kulo mkhakha kanjalo nezinselelo abesifazane abasebenza ngezomthetho abahlangabezana nazo, ukuqokelwa kowesifazane kwesikaMehluleli Omkhulu kuyobaluleka kakhulu.
ISekela likaNobhala jikelele we-African National Congress (ANC), uNkk uJessie Duarte, lingomunye wasebephumele obala bathi kufanele ozoqokelwa kulesi sikhundla kube ngowesifazane.
Laba besifazane esizobabalula babukeka besethubeni elihle ngenxa yamava abo ahlanganisa ubuholi obunobuhlakani, ukuqonda okunzulu ezobulungiswa nendawo yabo kudemokhrasi, amakhono abo asebewabonisile ekuphatheni nasekuholeni nokukwazi ukuxhumana nokwakha ubudlelwano.
Kubalulekile futhi ukuthi ozoqokwa abenolwazi lwezobuchwepheshe ukuze akwazi ukuhola ezobulungiswa kulesi sikhathi osekudingeka kakhulu ukuthi kusetshenzwe ngazo ngenxa yokhuvethe.
UMehluleli uMandisa Maya
UMehluleli uLeona Theron
UMehluleli uNonkosi MahlantlaUMehluleli uMahube Molemela
UMehluleli uMandisa Maya
UMehluleli uMaya unguMengameli weNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala okuyisikhundla asesiphathe kusukela ngowezi-2017. Unamava njengenhloko yenkantolo engeyesibili ngobukhulu ezweni futhi ungomunye wabehluleli abakhulu ezweni njengoba aqala ukuqokelwa eNkantolo Enkulu ngowezi-2000.
Uke wabamba njengoMehluleli weNkantolo YoMthethosisekelo ngowezi-2012 Ngesikhathi kuhlasela ukhuvethe nezwe lingena kumvalelwakhaya, uMehluleli uMaya unconywa ngokuhola ngobuhlakani ezobulungiswa ngokuthi iNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala iqale isebenzise ezobuchwepheshe ukuqula amacala nokwanciphisa umthamo wamacala ayekhona. Akungabazeki ukuthi ukuqulwa kwamacala kusetshenziswa ezobuchwepheshe sekuzoba ngenye yezindlela ezisetshenziswayo ngomuso.
Usekhipe izinqumo ezibalulekile eziningi okubalwa icala likaMinister of Safety and Security v F, elaphendla indlela yesinqumo seNkantolo YoMthethosisekelo esathola uNgqongqoshe enesibopho ecaleni lokudlwengula elenziwa iphoyisa elingekho emsebenzini. Elinye: iDepartment of Correctional Services v Popcru, lapho okwatholwa ukuthi ukuxoshwa kukajele ngoba enqabe ukugunda amagoda ekhanda kwakungenabulungiswa. Kwelaliphakathi kwe-AfriForum v Chairperson of the Council of the University of South Africa, uMehluleli uMaya waqopha umlando ngokwenza isinqumo esiqoshiwe senkantolo enkulu eNingizimu Afrika ngesiXhosa.
UMehluleli uNonkosi Mahlantla
Waqokelwa eNkantolo YoMthethosisekelo ngowezi-2015. Akakaze aphathe isikhundla sokuhola esiphezlu kwezobulungiswa futhi akanakho okutheni agqame ngakho emphakathini uma eqhathaniswa nabanye. Nakuba kunjalo, unguMehluleli onesipiliyoni njengoba aqokelwa okokuqala eNkantolo Enkulu ngowezi-2002, waba uMehluleli weNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala kusukela ngowezi-2009 kwaze kwaba uqokelwa eNkantolo YoMtethosisekelo ngowezi-2015. Emva kokuthatha umhlalaphansi kukaMehluleli uKhampepe ngowezi-2021, uzobe eseba nguMehluleli wesifazane omkhulu eNkantolo YoMthethosisekelo.
UMehluleli uMhlantla ukhiphe izinqumo ezibalulekile ezihlanganisa icala elaliphakathi kukaFarjas v Minister of Agriculture & Land Affairs, elacubungula ukubalwa kwemali yesinxephezelo sokudliwa komhlaba, elikaMEC for Education in Gauteng Province v Governing Body of Rivonia Primary School, elacacisa amandla okubeka imigomo yokwamukela abafundi ezikoleni.
Ngowezi-2009 wakhipha isinqumo ecaleni likaS v Dube, lapho athola khona ukuthi uMehluleli Omkhulu uMogoeng kwakufanele azikhiphe kuleli cala elaliseNkantolo Enkulu lapho inkosikazi yakhe yayimele umbuso.
UMehluleli uLeona Theron
Usebe nguMehluleli weNkantolo YoMthethosisekelo kusukela ngowezi-2017. NjengoMehluleli uMhlantla, naye lona akaze asiphathe isikhundla sokuhola esiphezulu kwezobulungiswa. Noma kunjalo, usebe yinkanyezi eqhakazayo isikhathi eside kulo mkhakha kanti akagayelwa mphakho uma kunezinhlolo kuJSC. UnguMehluleli onesipiliyoni njengoba waqokelwa okokuqala eNkantolo Ephakeme ngowe-1999 kwaze kwaba uqokwa njengoMehluleli weNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala ngowezi-2010.
Ubukeka enalo ulwazi lwezobuchwepheshe njengoba ngesikhathi sokhuvethe lapho iNkantolo YoMthethosisekelo ibisilalela amacala ngendlela yobuchwepheshe, wabamba iqhaza njengomdidiyeli.
Ezinqumweni ezibalulekile aseke wazikhipha kubalwa eseBeadica 231 CC v Trustees of Oregon Trust, lapho ahlanganisa umgomo wobulungiswa kuMthethosisekelo nomthetho wezinkontileka. Elinye kwaba elikaDe Gree v Webb, lapho ayebheka amandla eNkantolo Yezingane emacaleni okuthathwa kwezingane abazali abangazizali. Wakhombisa isibindi ecaleni elaliphakathi kukaS v Nkomo, ephikisana nozakwabo esebemkantshubomvu eNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala ngokukhishwa kwesigwebo esibekiwe emacaleni okudlwengula nokuthumba. Kwelaliphakathi kukaGumede v President of the Republic of South Africa, wanquma ukuthi imigomo emayelana nemishado yesintu eyenziwa ngaphambi kowezi-2000 ayihambisani noMthethosisekelo wezwe.
UMehluleli uMahube Molemela
Nakuba kubukeka sengathi isikhala sikaMehluleli Omkhulu sisheshe savuleka kuMehluleli uMolemela, kodwa akungabazeki kuthi igama lakhe lingelinye kulawa okufanele abhekwe. Uyinkanyezi eqhakazayo kwezobulungiswa eNingizimu Afrika okubukeka ezakhela okudingekayo kumuntu ongaba nguMehluleli Omkhulu esikathini esizayo.
Okwamanje akasiye uMehluleli weNkantolo YoMthethosisekelo kanti usebe nguMehluleli weNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala kusukela ngowezi-2018. Ubengomunye okwakufanele bahlolwe iJSC kunhlolokhono eyahlehliswa ngoMbasa wezi-2020.
Ngakolunye uhlangothi, unesipiliyoni esikhulu sokuhola njengoba ebe uMengameli Wabehluleli eNkantolo Enkulu yaseFree State phakathi kwezi-2015 nowezi-2018, uke wabamba njengoMehluleli weNkantolo YoMthethosisekelo neYokwedluliswa Kwamacala Okuncintisana futhi waba uMehluleli weNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala Ezisebenzi. Ngaphezu kwalokhu uke waba uShansela waseCentral University of Technology kanti phambilini uke waba nguSihlalo wesigungu seNyuvesi yaseFree State.
Phakathi kwezinqumo zenkantolo ezibalulekile aseke wazikhipha kubalwa icala likaS v Pilane, elalimayelana nendlela efanele yokufungiswa kofakazi, elikaSalzmann v S, elalimayelana nohlaka lomthetho olufanele ekwedlulisweni kwamacala emveni kokushaywa komthetho iSuperior Courts Act.
Elinye labe liphakathi kukaTsoaeli v S, lapho achitha isigwebo esasinikwe isishoshovu somphakathi kwezempilo ngokuthi ukwenza icala umbhikisho wabo kwakungale kokwenza. KwelikaHarrielall v University of KwaZulu-Natal, ukuphikisa kwakhe isinqumo somyalelo wokukhokha izindlelo kwaqinisekiswa kamuva yisinqumo secala eladluliselwa eNkantolo YoMthethosisekelo.
- Olunye ulwazi iJudges Matter