Ihawu lokhuvethe: Abakhiqizi bathi aliwona ungunaphakade



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Iyakhula inkulumompikiswano phakathi kwalabo abaseka nalabo abagxeka imijovo evikela ukhuvethe. Abakhiqizi bemijovo ehamba phambili iPfizer neModerna bavumile ukuthi ihawu (imijovo) leli alimvukeli umuntu ungunaphakade.
Lokhu kuvele ngesikhathi kulungiselwa isethulo mayelana nesidingo sokuba phezu kwemijovo kwengezwe ngesikhuthazimgomo. Isethulo lesi sizokwenziwa kuleli sonto ngoLwesihlanu kwabeFood and Drug Administration e-United States of America.
Isethulo sabakwaPfizer nokulucwaningo olwenziwe ngabe Kaiser Permanenet Southern California siphakamise ukuthi ngokuhamba kwesikhathi amandla omjovo ayehla ezinyangeni eziyisi-6 kuya kweziyisi-8 emveni kokuthola owesibili, uye ngokuya udamba njalo ezinyangeni ezimbili.
Ukusebenza okuphelele komgomo kwehla ngama-6% njalo ezinyangeni ezimbili kusuku kuma-96.2% ngesonto emveni kokugoma kuyekwangama-83.7% emveni kwezinyanga ezine. Ngakolunye uhlangothi uphenyo lwabakwaModerna nalo lisho okufanayo. Ngomlomo weSikhulu Esiphezulu kwaModerna, uMnu uStephane Bancel uthe: “Ukwanda kokutheleleka kwalabo asebegomile ngonyaka odlule kuqhathaniswa nalabo abasanda kugoma kukhombisa ukudamba kokuvikeleka okwenza kube nesidingo sesikhuthazimgomo ukuze ukuvikeleka kuhlale kusezingeni eliphezulu.”
Lezi zethulo zihlose ukunxenxa abeFDA ukuba bagunyaze ukusetshenziswa kweBioNtech/ Pfizer jab. AbePfizer sebevele bafake isicelo sokuthi kugunywazwe ukusetsheziswa kwesikhuthazimgomo emuva kwezinyanga eziyisithupha umuntu ethathe umjovo wesibili. Nokho akubona bonke ososayensi abavumelana nokuba kugunyazwe uhlelo lwezikhuthazimgomo. Labo abaphikisana nalokhu bathi isikhathi asikafiki salokho njengoba vele kusenzima nokuhlinzekela ngemijovo kwenzinye izingxenye zomhlaba kakhulu kumazwe antulayo.
Ngakolunye uhlangothi iyakhula eNingizimu Afrika indaba yokukhishwa kwezincwadi eziqinisekisa ukuthi umuntu ugomile yini. Lokhu kulandela inkulumo kaMengameli uRamaphosa kuleli sonto nothe uHulumeni wakhe usacubungula isidingo salokhu ethathisela kulokho okwenzeka kwamanye amazwe.
Laba abaphikisana nalokhu bathi lokhu kuyobe sekusho ukuthi ukugoma sekuyimpoqo eNingizimi Afrika nokuyinto uMengameli afunga wagomela ukuthi ngeke yenzeke, eyomile iyoyiyela emthonjeni. INingizimu Afrika ingelinye lamazwe lapho kungeyona impoqo ukugoma.