Ukuqwasha yisifo esidalwa yizimo esidinga ukwelashwa



UDkt uMngqibisa ungudokotela wezempilo.
Ukuqwasha yisimo lapho umuntu enobunzima bokulala izinsuku ezintathu noma ngaphezulu evikini. Lokhu kubonakala ngokuba nenkinga yokufikelwa ubuthongo, ukusheshe uphaphame, ukungakwazi ukubuye uzumeke nokungalali kahle.
Sekubikiwe ukuthi abantu baseNingizimu Afrika abangamaphesenti angama-30 kuya kwangama-40 banale nkinga, abali-10 kuya kwabali-15 balaba okusesimweni esibi. Ukuqwasha kuba mandla ngokuya ngokukhula komuntu kanti kujwayeleke kakhulu kwabesifazane kunabesilisa. Sekubonakale kakhulu kwabesifazane abangabafelokazi, abahlukanise umshado nasebehlala ngokwehlukana emshadweni.
Ucwaningo oluhlanganisa abantu baseNingizimu Afrika abangaphezulu kwezi-15 000 olwenziwa iPeltzer ngowezi-2018, lwaveza ukuthi ukuqwasha kujwayelekile kubantu abangenayo impilo enhle, abanobuhlungu bomzimba, asebeke baba nezimo ezabahlukumeza ezintathu noma ngaphezulu nabanenkinga ngokwengqondo. Ezicwaningweni eziningi, izifo ezingamahlalakhona neziyamene nengqondo zibonakala zinomthelela omkhulu ekwandeni kokuqwasha.
Iningi ingcindezi empilweni eholela ekwandeni kwezimo zokuqwasha. Ukhuvethe lwandisile ohlwini lwalokhu ngenxa yezinga eliphezulu lengcindezi oluyidalayo nokulahlekelwa kwabantu imisebenzi ngenxa yalo.
Izinhlobo zokuqwasha
Ukuqwasha kungadalwa yimithi yokwelapha, ubuhlungu noma ezinye izikinga ezithinta ingqondo njengokukhathazeka nengcindezi. Kunezikhathi lapho imbangela yokuqwasha ingahlonzeki okuye kubizwe ngokuthi ukuqwasha kwesigaba esiphansi. Lokhu kwenzeka lapho ezinye izimbangela zokuqwasha zingabonakali noma kulashwe kodwa umuntu aqhubeke abe nobunzima bokulala. Izimbangela ezaziwayo ezinomthelela kulolu hlobo lokuqwasha ukhwantalala olusesigabaneni esiphezulu, ukungahlanzeki nokunye.
Ukuqwasha kwesikhashana
Lokhu ukuqwasha okujwayele ukwenzeka ubusuku obubodwa namasonto ambalwa. Kuvame ukudalwa ukukhathazeka emoyeni nokungakhululeki emzimbeni njengokhwantalala nokugula kwesikhashana nokuphazamiseka okudalwa umsindo, ukukhanya nokushisa. Ukulala ngezikhathi ezingafani nokubopheka kwemilenze kwabavamise ukuhambela izindawo ezikude kungaholela kulolu hlobo lokuqwasha.
Ukuqwasha kwezinga eliphezulu
Lesi yisimo lapho umuntu eba nenkinga yokulala okungenani ubusuku obuthathu esontweni esikhathini esingangenyanga noma ngaphezulu. Kungadalwa izimo eziningi ezahlukene ezizimele noma ezihlangene nezinye izinkinga ezifana nezempilo. Ukukhathazeka, ukhwantalala nengcindezi izimbangela ezijwayelekile zalolu hlobo lokuqwasha. Ukuzila emveni kokufelwa noma ukuhlukumezeka okanye ukuphazamiseka ngokwengqondo okunjengebipolar, ngezinye zezimbangela zokomphefumulo nengqondo ezejwayelekile.
Izimbangela nezimo eziholela ekuqwasheni
Izimo ezimayelana nengqondo, ezokwelapha nokuphazamiseka kwemithambo yemizwa. Izimo zengqondo: Indlela umuntu azizwa ngayo nokukhathazeka izimbangela zengqondo ezijwayelekile eziyamaniswa nokuqwasha.
Ezokwelapha: Inkinga yamaphaphu eholela ebunzimeni bokuphefumula, ukushintsha kwamahomoni okuncikene nokukhulelwa nokunqamuka kokuya esikhathini kungaholela ekuqwasheni. Ezinye izimo zokwelashwa ziba zimbi ebusuku ngesikhathi umuntu kufanele alale ezinjengenkinga yesisu okuholela ekutheni kubenzima ukulala.
Imithambo yemizwa: Isimo sokukhohlwa, izimo ezibanga ubuhlungu obuningi njengobuhlungu ebusweni (trigeminal neuralgia) nalezo eziphazamisa ukuhamba.Imithi yokwelapha nezidakamizwa: Miningi imithi ekhishwa odokotela nethengwayo engaholela ekuqwasheni. Ejwayeleke ukusetshenziswa eholela kulokhu icaffeine, inicotine, isteriod, i-ecstasy, utshwala neyokuqeda ingcindezi
Ukungalali kahle
Ukuqwasha kungayamaniswa nezimo ezithile zokungalali kahle okuhlanganisa ubunzima bokuphefumula okwenza umuntu aphaphame nokuzinyakazela kwemilenze (Restless Legs Syndrome (RLS).
Imiphumela yokuqwasha
Ukuqwasha kwezinga eliphezulu kujwayele ukuba kuholele ekungasebenzini kahle emini ngenxa yokungaphumuli ngokwanele. Lokhu kuhlanganisa ukukhathala, ukuphelelwa umfutho, ubunzima bokugxilisa umqondo nokucasuka. Lolu hlobo lokuqwasha luyamaniswa nengcuphe enkulu yokusetshenziswa kwezidakamizwa, ingcindezi, ukukhathazeka, ukuzibulala nokungasebenzi kwamasosha omzimba.
Ukwelashwa kokuqwasha
Ngaphambi kokuqala ukwelashwa, kubalulekile ukuqonda uhlobo lokuqwasha nokuthi ngabe kuncikene nokwelashwa, isimo sengqondo noma umlando wokusebenzisa izidakamizwa. Lokhu kubalulekile ekulawulweni kokuqwasha. Lokhu kungenziwa ngokuthi kwenziwe umlando ogcwele nokuhlolwa komzimba wesiguli ukukhipha izimo zokugula ezingalashwa kalula.
Isiguli singanikwa ibhuku esizobhala kulo amahora esiwalalayo okanye esiqwasha ngawo ukusiza ukuthola ubungako besimo sokungalali noma uma kunokhondolo okuhlanganisa ukulala emini okungaholela ebunzimeni bokulala ebusuku. Okunye ukuxilongwa njengegazi kungadinga ukuthi kwenziwe ukuchitha ukuqala kwezinye izifo ezihlobene negazi, ithyroid iron, ukwesweleka kweVitamin B12 nokunye.
Ukulawulwa kwalesi simo kujwayele ukuhlanganisa izindlela zokwelapha ezingafaka ukwelashwa ngokwelulekwa ngokwengqondo kanjalo nangokusetshenziswa kwezidakamizwa. Lokhu sekubonakale njengokusebenzayo ukulawula lesi simo.
Izindlela zokwelapha ngaphandle kwamakhambi
Imizayo yomuntu yokulawula: lokhu kususelwa esisekelweni sokuthi ukuqwasha indlela eyakhiwayo yokuphendula izinkomba zesimo sesikashana (ukulala) nesimo sendawo (igumbi lokulala) okujwayele ukuyamaniswa nokulala. Le ndlela ihlanganisa izinto ezifana nokulala uma umuntu ezela, ukusebenzisa umbhede negumbi lokulala ukulala nokwenza ucansi kuphela kungabukwa ithelevishini, ukuphuma embhedeni nokuya kwelinye uma bungafiki ubuthongo noma ukubuyela ekulaleni imizuzu eli-15 kuya kwengama-20 nokubuyela embhedeni uma uzizwa unobuthongo. Ukulandela isikhathi esisodwa sokuvuka ekuseni kungakhathaleki ukuthi ulale isikhathi esingakanani nokugwema ukulala emini.
Ukuphumula: lokhu kususelwa ekuboneni ukuthi abanale nkinga bajwayele ukuveza izimpawu eziphezulu zokulangazelela (ngokomzimba nangokuqonda) ebusuku nasemini. Izindlela zokuphumula zisetshenziswa ukuqeda lokhu kulangazelela. Izindlela zehlukile kuya ngohlobo lokulangazelela olwelashwayo.
Ukuqonda
Ngalokhu kuhloswe ukuguqula izinkolelo nesimo sengqondo iziguli ezingaba nakho ngokulala. Isibonelo, abantu abanalesi simo bayasesaba isikhathi sokulala nabakwenzayo ukuzama ukulawula lesi simo.
Izindlela zokwelapa ngamakhambi
Ziningi izinhlobo zemithi esetshenziselwa ukwelapha ukuqwasha njengezingenayo ibenzodiazepine ejwayele ukusetsenziswa kuqala ukulawula lesi simo bese kulandela i-amitriptyline ne-antihistamine. Engenawo amandla amakhulu lisetshenziswa ngendlela isiguli esiphendula ngaso kulesi simo.