Qala kusemanje ulungiselele izinhlelo zonyaka ozayo
UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Ukhuvethe lushabalalise amaphupho abantu abaningi. Ngisaba nokubuza ukuthi unyaka wezi-2020 ubukuphethe kanjani ngoba ngizobonakala njengomuntu ozenzisayo kanye nongazwelani nesimo abantu bakithi abebebhekene naso ngenxa yokhuvethe. Noma kunjalo, ngifisa ukuthi uthathe ithuba ubheke emuva uma kuqala unyaka wezi-2020, wenze ucwaningo mayelana namaphupho obunawo ngempilo yakho. Ngiyazi ukuthi okuningi akuphumelelanga kodwa okubalulekile manje ukuthi ungalilahli ithemba nokuthi uzilungiselele unyaka ozayo.
Ngeke ngakwazi ukuqinisekisa ukuthi ngonyaka wezi-2021 angeke sibe nayo ingcidesi eze nokhuvethe ebesibhekene nalo kulo nyaka kodwa kusemqoka ukuthi ube nawo umbono owubhale phansi ngempilo yakho kanye nezinto eziningi ezithinta impilo yakho. Ukubhalwa kwebhodi lemibono kubaluleke kakhulu futhi wonke umuntu kumele abe nalo. Liwumhlahlandlela wempilo futhi lenza wazi ukuthi uvukelani uma kusa. Abantu abangenamaphupho ngempilo yabo bayafana nabantu abaphila impilo yezifiso. Ibhodi lemibono likunika ithuba lokuhlela impilo yakho kanye namasu okwenza izinto.
Abantu abaningi, ikakhulu intsha, bakhala ngokungaphumeleli empilweni kodwa uma ubabuza ukuthi bafunani futhi bacabanga ukuthi bazoyithola kanjani uvele ubone nje ukuthi uyabethuka. Kungakho kubalulekile ukuthi uhlale phansi ngaphambi kokuthi kuphele unyaka, ubhale phansi izinto ozifunayo kanye nokuthi yini ozoyenza ukuze uthole lokhu okufisayo. Lezi zinto engikhuluma ngazo zehlukene, kungaba ukuthi ufuna ukuqedela izifundo zakho, kungaba ukuyeka imikhuba ethize engakuyisi phambili futhi kungaba ukwenza nokufezekisa amaphupho afaka phakathi ukwakha ikhaya lakho noma lakini. Kulezi zigatshana ezilandelayo ngifisa uthole isithombe sokuthi yini ongayibhala kuleli bhodi lombono ongaba nayo ngempilo yakho onyakeni ozayo. Abantu abaningi bayakukhuthaza ukuthi ukubhalwa kwebhodi lemibono lihambisane nezithombe zalento ofisa ukuba nayo noma ofuna ukuyenza.
Isigaba Sokuqala
Ebhodini lakho lombono ungabhala izinto ozifisayo noma ozifisela impilo yakho uqobo. Ngiqale ngempilo yakho ngoba konke okuzolandela kulezi zigaba ezilandelayo kuncike ekutheni uzithuthukisile wena empilweni kuqala. Kubalulekile ukuthi uzithuthukise wena, ikakhulu ngokomphefumullo kanye nangokwenqondo. Kule ngxenye yebhodi lombono kubalulekile ukuthi ukuqinisekise ukuthi awuzikhohlisi. Uma uthe ufuna ukufunda incwadi eyodwa ngenyanga ngonyaka ozayo ukuze uzithuthukise, bhala phansi nokuthi uzokwenza kanjani lokho. Kodwa okubalulekile ukuthi ubenazo izifiso ozibhale phansi.
Isigaba Sesibili
Okunye ongalandelisa ngako kungaba umndeni wakho noma wakini. Lapha ungabhala noma ngabe yini oyifisayo ngomndeni wakho. Kungaba izinto ofisa ukuzibona zenzenka futhi kungaba izinto ofisa ukuzenza. Isibonelelo esilula, uma unomndeni ungabhala ukuthi ufisa ukuchitha isikhathi esingakanani nomndeni wakho. Nguwe owazi kahle umndeni wakho noma umndeni wakini.
Isigaba Sesithathu
Uma uthanda ungalandelisa ngezomphefumulo. Wonke umuntu kubalulekile ukuthi abe nobudlelwane noMdali. Kubalulekile ukuthi ubhale phansi ukuthi yini ofisa ukuthi uyenze kangcono kulolo hlangothi lwempilo yakho. Uma ubungumuntu ongathandazi uma ulala, ungabhala ukuthi ufuna ukuthandaza njalo ngaphambi kokuthi ulale. Kubalulekile ukuthi wethembeke kuwe uma ubhala ibhodi lakho lemibono. Ungabi yithatha ngoba ibhodi lemibono liyingxeye yesibophezelo osenzayo wena uzenzela wena.
Isigaba Sesine
Uma usebenza noma ufunda kubalulekile ukuthi ubhale iphupho onalo ngemfundo noma ngomsebenzi okuwo. Bhala phansi ukuthi uzibona ukuphi noma ufuna ukufikaphi nemfundo noma umsebenzi ngonyaka olandelayo. Ungabhali ukuthi ufuna ukuphasa kodwa yisho ukuthi ufuna ukuphumelela kanjani. Uma uthi ufuna ukunyuswa esikhundleni, kubalulekile ukuthi ubhale ukuthi ufisa siphi isikhundla nokuthi yini ozoyenza ukuze ufike lapho.
Ziningi izinto ongazibhala ebhodini lombono wempilo yakho wezi-2021 ezingabhaliwe ngaphezulu. Okusemqoka ukuthi wazi ukuthi kubalulekile ukuthi ubenalo futhi ulivakashele unyaka wonke ukuze ubone ukuthi yini osunayo nokuthi yini eshodayo.

