Now Reading
Ufike kumapeketwane kuChiefs ngandlelaningi uHunt
Dark Light

Ufike kumapeketwane kuChiefs ngandlelaningi uHunt

Nakuba imiphumela isamuphika uGavin Hunt kuhle anikwe ithuba ngoba umlando wakhe ekuqeqesheni muhle


Uma ukhuluma ngeKaizer Chiefs ukhuluma ngelinye lamaqembu amakhulu lapha eNingizimu Afrika.

Okuyenza libe yiqembu elikhulu ukuthi yaziwa ngokunqoba izindebe eziningi ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL). 

Kodwa eminyakeni emihlanu edlule ayikhombisanga nhlobo ukuba iqembu elikhulu njengoba ihluleke ukunqoba ngisho eyodwa le inkomishi. 

Ishobolo laqala kuSteve “Mphathi” Komphela owathatha izintambo kuStuart Baxter ngesizini yangowezi-2015/2016. Lo mqeqeshi owazalelwa eKroonstad, eFree State, kusukela ngonyaka wezi-2015 kwaze kwaba owezi-2018 akanqobanga nkomishi.

Ukungenzi kahle kweChiefs kwagcina sekuthukuthelisa abalandeli bagcina sebeshisa inkundla iMoses Mabhida Stadium nalapho uKomphela aphuma eseqashwe ngamaphoyisa. Kwenzeka lokho nje ingoba leli qembu laseNaturena ladliwa yiFree State Stars emdlalweni wamaSemi-final eNedbank Cup ngamagoli amabili eqandeni.

Kuthe emva kwalokho kwaqashwa umqeqeshi odabuka e-Italy uGianni Solinas ngenhloso yokwenza umehluko nokuthi abuyise injabulo kuleli qembu eliphethwe uKaizer “Shitsha Guluva” Motaung kodwa okwakhe kwavele kwabheda kakhulu njengoba engaqedanga ngisho isizini wakhonjwa indlela.

Amakhosi ngonyaka wezi-2018 ngoZibandlela aqashe u-Ernst “Mazinyo” Middendorp, nakhona enethemba lokhu lo mqeqeshi unamava futhi uyalazi isiko laleli qembu njengoba ake waliqeqesha eminyakeni edlule kodwa nakuyena kwaba esifanayo ukuthi leli qembu linganqobi sicoco.

Yize uMiddendorp enganqobanga sicoco kodwa ngingasho ngithi abadlali ibona abamudayisile. Kufuze engabe kukhulunywa nje iChiefs iyona engompetha beligi yesizini yangowezi-2019/2020.  Lo mqeqeshi odabuka eGermany abadlali bakhombisa ukungemeseki ngempela njengoba baphucwa iqatha emlonyeni ngosuku lokugcina.

Umdlalo wokugcina iChiefs idlala neBaroka FC ngangiwubukela nangakusasa ngaphinde ngawubuka futhi abadlali baleli qembu indlela ababeyiyona babengakhombisi ukuthi bakulambele ukuwunqoba. Noma kuthiwa abadlali babefuna ukudayisa uMazinyo kodwa bathini ngabalandeli baleli qembu ebeligubha iminyaka engama-50 laba khona? Kukhona konke bathini ngoMotaung owazinikela kokuningi esungula leli qembu eselinomlando ongaka?

IChiefs isiqashe uGavin Hunt obengumqeqeshi weBidvest Wits edayise ilungelo layo lokudlala kuPSL eqenjini laseLimpompo iTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM). Yize imiphumela yakamumva ingagculisi kodwa abalandeli nezikhulu zeChiefs uHunt abamnike ithuba ngoba ngicabanga ukuthi akekho ongaboni ukuthi iyiphi inkinga ebhekene nalo mqeqeshi.

IChiefs idliwe iSundowns ngamagoli amathathu eqandeni, yakhishwa izimbangi zayo emqhudelwaneni womkhumulajezi iMTN 8 ngamagoli amahlanu eqandeni kuhlanganiswa imilenze emibili.

See Also

Yize kuyinto engiyincomayo efike noHunt ukuthi adlalise abadlali abasebancane ngokweminyaka yobudala abanjengoNkosinghiple Ngcobo, uNjabulo Blom, uHappy Mashiane noLebogang Lesako kodwa emidlalweni nePirates neSundowns ubedinga abadlali abanamava njengoWillard Katsande.

Okubuhlungu nje uHunt ufike kabi lapho iChiefs idliwe icala ingakwazi ukuthi isayinise abadlali ebafunayo. Omunye uzobuza ukuthi laba badlali abakhona bakwazile ukudlala ngesizini edlule baba sendaweni yesibili kulogi? Kungawumbuzo omuhle lowo kodwa njengoba abaqeqeshi bengasebenzi ngendlela efanayo nje kusho ukuthi ngeke kufane.

UMiddendorp ubedlala ngendlela yokuthi kuhanjiswe ibhola phezulu ukuze uSamir Nurkovic ongumgadli ezonqofa amabhola ngekhanda. UHunt yena ufuna libekwe phansi ibhola, muva nje uKhama Billiat useyakhombisa ukubuyela efomini yakhe.

Okundingeka kuChiefs ukuthi kuphakame uBilliat noLebohang Manyama, kube ukuthi bafela enkundleni ngoba amathemba aleli qembu alele kubona. Ngethemba nokuthi uma kubuya imidlalo yeDStv Premiership uzobe eseluleme ngokuphelele uNurkovic noDumisani Zuma. 

Omunye umdlali okumele uHunt amsebenzise uSphelele “Starch” Ntshangase ngoba unekhono eliyisimanga yize ikusasa lakhe licishe labulawa uMiddendorp. Uma enganikwa ithuba kahle, kungabuya lowa Ntshangase owayenza izimanga kuBlack Leopards wabizwa ngisho eqenjini lesizwe iBafana Bafana.

UHunt wanqoba neSuperSport United isicoco seligi kathathu kusizini yezi-2007/08, yezi-2008/09 nakweyezi-2009/10. Wafika kuBidvest Wits nakhona wanqoba iligi ngesizini yezi-2016/17, ngayo leyo sizini wanqoba iTelkom Knockout. KuChiefs kungangaba yile sizini lapho ezoqeda leli shobolo ebhekene nayo kodwa nakanjani ngesizini ezayo kukhona okuhle azokuletha kuleli qembu.

Scroll To Top