YiNkinsimane uSaunders eyasabalalisa eleNgwavuma


Kunezinye izindawo ezahlukahlukene ezazibizwa ngamanye amagama aguqulwa abamhlophe okuhwebelwa kuzona
Wayekukhumbula kahle ayekuhabuliswe ngabadala esakhula uMnu uVuma wakwaMhlabuyalingana, eNgwavuma ngowe-1950 ukuthi indawo yaseNgwavuma yayinegama eyayibizwa ngalo bengakafiki abamhlophe kweleNdlovukazi uMthaniya.
Wangintongelisa ngisehositela KwaMashu ngowe-1996, sasizobabela kwaMaqhwakazi, eShowe emngcwabeni kaMnu uMqithi Gwala owayengumnewabo kaMhlonishwa uBlessed Gwala uSihlalo kazwelonke we-Inkatha Freedom Party (IFP).
Nokho angijabulanga neze njengoba engathandanga ukwaziwa ngalo mlando wakubo omuhle kangaka ayengintongelise wona. Nengikholwa ukuthi bambalwa abanolwazi ayengicobelele lona. Ngakubeka kwacaca mhlazana sibonana ngoZibandlela ngowezi-2019 ukuthi ngangizoqhubeka nokushiyela isizwe ngomlando ayengihabulise wona ngeNgwavuma ngowe-1996.
Ukuthi iNgwavuma yayibizwa ngeKwaVuma bengakafiki abamhlophe njengoba bayiqamba ngokuthi iseNgwavuma. Kuyavela emlandweni ukuthi kwakunguSir Charles Saunders owasungula inkantolo nedolobha wayibiza ngeNgwavuma ngowe-1895. Kwasekuthi izimoto zaseNgwavuma zabhalwa uNIN.
Osekwaqanjwa kabusha ngokuthi uMasipala uMkhanyakude, okuhlanganiswe iJozini, iNgwavuma, uMtubatuba, uHlabisa nezinye izindawo.
Kwakunomnumzane ogama lalinguVuma owayakhe kwaMhlabuyalingana. Wakhula engangokuthi wayesenabalandeli agcina esengumholi wabo. Abantu bagcina sebezibiza ngokuthi bangabaKwaVuma kanti nomakhelwane ababakhelene nabaKwaVuma bagcina sebebabiza ngokuthi iKwaVuma. Ngisho bezixoxela babethi:”Hho! usho KwaVuma!”
Wakhothama uVuma esebizwa ngeNkosi yaKwaVuma. Basebehlakazeka abaKwaVuma ngenxa yezimpi, kwasala isikhala soBukhosi. UBukhosi basebubanjiswa umshana uMdluli kanti omunye wabafana bakaVuma kwakunguMangazi. UMangazi wayesenelakhe inxiwa kanye nabantu. Kwaholela ekutheni indawo ayesakhe kuyona igcine seyibizwa ngokuthi kukwaMangazi.
Abamhlophe futhi besungula idolobha bathi iseManguzi. Kwathi enye yamadodana kaVuma yakhulela kwaBiyela yafudumala imfudumalo yakwaBiyela. Yaze yathathelwa ipasi iNkosi yakwaBiyela.
Yagcina isizibiza ngoBiyela kumanje kunabakwaVuma abazihlobanisa nabakwaBiyela kusukela lapho.
AbaKwaVuma bavamisile ukuhlangana, babungaze ndawonye njengesizwe saKwaVuma. AbaKwaVuma bake bahlangana eNingizimu Afrika, kweleNdlovukazi uMthaniya, bezobungaza kwagogo uMaNdlovu eMatikwe, oganele kwaVuma. Babeqhakambise ngamaflegi okwakungelaseMalawi, elaseZimbabwe elaseSwatini eLimpopo, eMpumalanga, njengesizukulwane sakwaVuma esahlakazeka ngezikhathi sezimpi.
Kwavela okunye iningi lakwaVuma elalingakwazi ngenkathi abanye bethi babesanda kushonelwa ngumshana wabo, uRobert Gabriel Mugabe owayenguMengameli waseZimbabwe. Kwabaphatha kabi abanye ukuzwa lezo zindaba eseshonile uMugabe ukuthi wayeyisihlobo sabo sakulawo mazwe ayebalulwe ngenhla.
Kwakuyobakuhle noMnu uMugabe wakewakubalula ukuthi wayezalwa nguMaVuma. Ngamhlazane ethula inkulumo enhlanganweni yamazwe ezizwe abumbene.
Kwakungenkathi eqhakambisa umama wakhe ngenyanga uNhlaba okungeyokubungaza umama. Kafushane wathi sonke safika emhlabeni ngendlela eyodwa eyisibeletho. Wababuza ukuthi kwakungubani owayengaphakamisa isandla athi waqathaka ezulwini.
Izindaba engabe babezizwe esadla anhlamvana hhayi eseshonile. Pho kusizani ngoba inhlalayenza nephutha elikhulu esintwini namanje elisenzeka.
Siyagqiba, sithalalise okuhle ngomuntu. Uma eseshonile engesenakuzizwela ngezindlebe zakhe kube yima kukhulunywa konke okuhle ngaye. Sesinkanta kuze kweqe enkonzweni yomngcwabo kamufi sesinonga nokungeyikho ngaye.
Nokho akuselula ukuba kugqame amagama asemandulo, aboHlanga ababebiza ngawo izindawo bengakafiki abamhlophe futhi engaxubene nepolitiki njengelithi eZimbokodweni.
Ingoba sesaba abelungu nangezinto ezincane. Ingani kwezinye izindawo kusavela wona lawo magama ayeqanjwe ngabamhlophe hhayi lawo asaguqulwa, aqanjwa kabusha.
Kuyaziwa ngomlando womfula obizwa ngokuthi iseZimbokodweni ukuthi ugqame bha ngamatshe ayizimbokodo nabonakala kahle uma uwela ngasebhulohweni uqonde eMbumbulu elibhalwe ngawo. Zigqamile lezi zimbokodo ngisho nangaseMlaza kwaBB, ngenkathi uphosa iso eMbumbulu. Abamhlophe banquma ukusungula idolobha baliqamba noma balibhala ngokuthi iseMbongintwini hhayi eZimbokodweni.
Kanti kunezinye futhi izindawo ezehlukahlukene ezazibizwa ngamanye amagama okusahwebelwa kuzona. Sekuthiwa iseMahawini okwakubizwa ngemakethe encane ngasesiteshini KwaMashu ngowe-1970, 1980. Kwakudayiswa izitshalo, izithelo futhi kwakunendawo yakwaMdluli yokugunda izinwele. Kube indawo okwakwenziwa amahawu okuyiyona eyaduma kakhulu ngendawo yokucima ukoma ingakakhiwa i-Ithala Centre KwaMashu.
Sikhumbule okuqoshiwe nomangayiphi indlela ukuthi kuwumlando osukela osukwini okwaqalwa ngalo ukwenzeka nokwenziwa. Ngamanye amazwi ziningi izinto aboHlanga abangazibambela zona mathupha esisazingabaza namanje ukuzenza ngoba sizibuka njengomlando into endala eseyadlula.
Sikhohlwe ukuthi ukudla, indlu, esikugqokile, esikuthengile, esikufundayo kudala ngoba kwenziwa ngenkathi edlule. Ingani phela kwenziwa, kwenzeka noma kwakhiwa ngolunye usuku, ngenye inyanga noma unyaka hhayi ngaleyo nkathi. Kwasekufinyelela ezandleni zosengumninikho. Phambilini sasibalulile ukuthi zonke izifundo zibhalwe phansi usuku ezenziwa ngalo. Okungenzeka ukuthi kwakuyiminyaka emibili eyedlule. Kwaba yima zifundwa njengesifundo esithile ngeminyaka elandelayo. Osekuchaza ukuthi sekuwumlando wesifundo esithile esisuke sesifundwa.