Imikhosi namadili aboHlanga akungagutshezelwa awezizwe



UKhoza ungungoti kwezomculo wesiNtu abuye abe ngumsunguli weMbuso Khoza Centre…
Ake singavumi kushabalale okwethu okucebe kangaka futhi okungasikhandli ephaketheni.
Nina beNgwazi mangiqale ngedlulise ubuhlungu enginabo emoyeni wami ngokwedlula kwezinyane leSILO kwelimagade ngasitha ngithi iNdlunkulu ayiyodwa!!
Kwasendulo lamandulo amadili ayeba khona futhi kunendlela eyayilandelwa kanye namajadu noma amacece. Kwakunemivumo, izaga, imiphendu nezigiyo. Kuthanda ukuba yindida lokhu esikubona namuhla imigubho yethu incike emasikweni esingawazi, akukho okubi ngokuthi kugujwe uKhisimuzi ngoba uZibandlela uyisikhathi lapho abantu abaningi besathe khumu ematohweni bathole ukuzithokozisa nemindeni yabo. Kodwa inkwici ingibamba lapho sekusetshenziswa indlela yabezinye izizwe uma kunemibungazo, kanti thina sasenzenjani uma sigubha ukuphela konyaka? Zishabalale zashonaphi izingoma zabomdabu ngoba lokhu kuyinzululwazi nobuciko bethu, yini le eyenza simpampe kangaka sigijimele izinto esingenalwazi lwayo?
Uma uhambela amazwe aphesheya kwezilwandle ngeke ubone nelilodwa lenziwa ezinye izizwe zilonda okwazo. Uma uKhisimuzi kuwukuthi wenzelwa ukubungaza uJesu ngiyacabanga ukuthi singayithola eyethu indlela njengama-Afrika esingayisebenzisa hhayi eyamaNgisi noma eyamaRoma ngoba asiwazi umsuka wemvelaphi yayo.
Lezi zibhidi esilokhu sizibibiyela ziyosikhinca ngelinye ilanga ngoba namuhla asinamhlaba nje yikho ukuyekelela okwethu, esinakho nje wukupatanisa unyaka wonke bese kubukwa thina ngoKhisimuzi. Ukuzijabulisa kuyinto enhle kodwa kubuhlungu ukubona abantu bakithi sebenxothozela wena owabona ingcanga ibanjwe yeba amaqanda. Ake sigunde ingqondo sicwaningisise singathathi izinto ngedumela nobuntandakubukwa sijabule sibuye nganeno. Lesi yisikhathi esinzima kabi kumuntu ongum’Afrika ngoba kuningi okusilahlekele eminyakeni eyedlule. Sibona ubhuklaba lwehla lwenyuka ngenxa yokuthakasela uKhisimuzi bese kuba sengathi uma ungashisanga nyama usemuva kodwa maye isililo ngenyanga ezayo kuba sengathi umuntu uthakathiwe, empeleni khona sithakathiwe ngaba okwethu kuyichilo. Thina asinawo uKhisimuzi yebo singawugubha ngoba sesayemukela inkolo nemfundiso kaJesu kodwa masikhumbule ukuthi sinakho okwethu.
Ngalesi sikhathi sonyaka kuba nomkhosi wokweshwama lo mbungazo uyinhlanganyelo nenkonzo yesizwe lapho kulindwa khona izwi leSILO ligunyaze ukuthi sezingadliwa izivuno ezintsha bese kuhanjiswa zonke lezi zitshalo zokuqala komkhulu, lokhu kuba yisibusiso esizweni ngoba ukubonga eSilweni kwefana nokuhambisa izindumiso kuMdali. Ngoba akukho mbuso ongaveli kuye. Lo mkhosi ucacisa bha ukuthi uMdali wayedunyiswa ngendlela evuselela uthando lwemvelaphi futhi awunangcindezi yokuthi weswele noma unothile. Ngakho-ke akumele sivume kushabalale okwethu ekubeni kucebe kangaka futhi kungasikhandli ephaketheni. Konke esikwenzayo namuhla nempilo esiyiphilayo ithokozisa abezizwe kodwa bona akukho okuyisiko lethu abakuphilayo empeleni bakubuka njengento yokuhlekisa. Masithole izindlela ezizoqhakambisa ubuthina kule migubho kaNcibijane. Isiko liyimvubelo yesizwe yilo eligoqoza imiphefumulo nezibilini bese kuba nozinzo, inhlalonhle nensosha okuyiyo isizwe nesizwe esaziwa ngayo.
Asinamhlaba asinamnotho isiko yilo lodwa elisele ezintweni esingazikhomba njengemvelaphi. Uma kuqhubeka kanjena sizophenduka umlando sisaphila sife sihamba. Uma ubheka amagama ezindawo nemigwaqo eNingizimu Afrika avela emazweni ase-Europe nakuba ungeke ubone nowodwa umgwaqo oqanjwe ngeLembe noma ngeNgonyama uMoshoeshoe okuyinkomba ethi akekho onendaba nathi esigabeni somhlaba nabo bazibheke bona pho asizibheki ngani ngoba akekho oyosibheka? Alikho ichilo ngokubungaza uKhisimuzi kodwa ugcobho mkhulu uma singacopheleli ukuncishwa kokwethu. Uma kufika uNtulikazi umhlaba usuke ushanelwa bese kufika imvula ebizwa ngembozisa mahlanga bese kuyaqala kuba ncwaba emagqumeni nasemathafeni sandulelise kufike uMfumfu kufufuse izitshalo kwedlule uLwezi liyidlive imvula kuze kukhule izikhotha kushaye uZibandlela yingakho ngalesi sikhathi kuba ngesokweshwama ngoba sisuke sibona izivuno zokuqala bese siyothokoza koMkhulu sithole izibusiso. Lezi zikhonkwane zesizwe ezasiphulwa kalula ngenxa yokulobizela impilo ebukeka ilula kodwa eshiya umudwa wokwehlulwa kithi. Bakwethu asithi uma sijabula sikhumbule singadakwa size silahlekelwe yindlela ebheke ekhaya sengathi siphuze intundabebhekene ngoba sibukela phansi isiko lethu nje yingoba sidakwe ngokwabezizwe sithathe ngewala manje siyabindeka. Phaphama muzi waboHlanga lisishonele!