Now Reading
UMhlonishwa, izimpelesi nomkhankaso wokunyunda nokuziphungela
Dark Light

UMhlonishwa, izimpelesi nomkhankaso wokunyunda nokuziphungela

ElaboHlanga liphinde langena obishini nakulokhu. Lapha kulandela ukuphuma kodaba obelusola umholi weDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal, uMhlonishwa uZwakele Mncwango. Lo mholi okuze kube ngesonto eledlule obengenayo inkinga nentatheli ebhale udaba nake wayimema ngokukhethekile ukuba izomzimazisa ngesikhathi egcagcelwa. Kanti futhi nakulo eloHlanga ubengenankinga ngoba ubengagcini nje ngokuba ngumfundi walo kepha ubenikela kakhulu ebhala ngezinto ezahlukene. Nokho njengoba inkulumo isho ukuthi kusasakusa. NgoLwesihlanu olwedlule  lo mholi uphenduke ísitha’ esikhulu sentatheli nephephandaba. Impi yakhe uyiphose ekhasini lakhe lezokuxhumana. Nayilapho ezame ngakho konke ukuthi athunaze intatheli nelaboHlanga nathe ukubhalwa kwalo ngamampunge kunenhloso yokudayisa iphephandaba kwazise izwe likhungethwe wukhuvethe nje nendlala yiningi. Nokho angakushongo kubahlobo bakhe nakuzo ezokuxhumana yimizamo yakhe yokuzama ukuxhumana nephephandaba nentatheli. Lokhu ukwenze emuva kokwesabisa ngokuthi uzocela ukungenelela kwenkantolo uma ngabe udaba lolu luyaqhubeka. Aqale akusabalalisa wukuthi intatheli lena kayikhulumanga naye nokho odabeni ubecashuniwe uMncwango futhi ubufakazi balokho kukuye njengoba ethi ‘wayiqopha inkulumo’. 

Ephawula ngalokhu uSolwazi uSimelane onguMphathi enkampanini eshicilela ElaboHlanga  uthe: “Njengabo bonke abafundi uMncwango unelungelo lokuveza isikhalo sakhe ngodaba. Ngeshwa kuze kuphele isonto lokho engakwenzile phezu kweseluleko. ElaboHlanga njengoba naye uMncwango uyalazi alibhali lingenabo ubuqiniso bodaba futhi alenzeleli. Ukusebenza kwethu naye kahle ngesikhathi esedlule akusiniki isibopho sokuthi senzelele uma udaba lungaye. Uma  kukhona obenaloyo mcabango wokuthi sinesibopho sokwenza okwehlukile nxa kufikwa kuye kusho ukuthi akalazi elaboHlanga futhi akabahloniphi  nabafundi balo,” kusho uSolwazi.

Leli phephandaba lingaguqinisekisa ukuthi abantu abahlanu abebekhongela  uMncwango bathinte intatheli beyinxusa ukuthi ayipheze ‘ukulitheza ekhanda’ kuMncwango besho khona ukuthi akuxoxwe.  Naye uMncwango imbala uyithintile intatheli. Nokho okunye okwenzekile nobese kulindelwe wucingo obeluvela eKhanseleni leDA eZululand uMnu uMhlungu. 

Okumangazile ngalolu cingo wukuthi uMhlungu ucele ukubhala umbono ngento athe nxa ekhuluma wathi ‘ucabanga ukuthi ibhalwe nguCelani Sikhakhane’ kuthe uma ebuzwa ukuthi uzobhala kanjani umbono wento anganaqiniso ukuthi ibhalwe ngubani wabe esekhumbula, nalapho welulekilwe ukuthi nxa enombono angabhalela bani. Indaba ibe isiba kuwo umbhalo (ungawufunda ekhasini le-12 ngaphakathi) wukuthi uMhlungu uphinde konke lokhu obekushiwo nguMncwango nezimpelesi waphinde wakhuluma okungabhalwe nakulo udaba kepha okwabuzwa kuye uMncwango qobo. 

See Also

Kulokhu uSolwazi uSimelane uthe: “Kwabanye abantu okushiwo ngathi kulo mbhalo kaMhlungu kungafundeka njengehlaya kepha asisiboni isidingo sokuthi singakushicileli ngoba abafundi okumele bazithathele isinqumo. Sethemba nokwenza njalo kuzoba yisifundo kubantu ukuthi njengephephandaba asiyenqeni inkulumompikiswano. Siyayeseka intatheli kulolu daba ngenxa yobufakazi obuphambi kwethu. Silinde ukuthi uMncwango enze konke okulilungelo lakhe okuzothi angaqeda bese nathi sibheka awethu amalungelo kulolu daba,” kusho uSolwazi.

Scroll To Top