Now Reading
ITheku nokuzenyeza ukuphala lonke utwayi lwamagama abafo
Dark Light

ITheku nokuzenyeza ukuphala lonke utwayi lwamagama abafo

Kubukeka kunetwetwe, ingebhe nentola emadolweni ezikhulwini zoMkhandlu weTheku ukuqeda igama uDurban njengoba lisachunyiswa ngandlela zonke

NGESONTO eledlule izwe laseNingizimu Afrika libuye lahlabana ngokuba linikwe igunya lokuba lisingathe imidlalo esezingeni lomhlaba. Lena yimidlalo yamaCommonwealth nokungamazwe ayengaphansi kwesandla samaNgisi ngezikhathi zamakoloni. Yehlukene imibono ngalesi sinqumo. Kukhona abathi le midlalo iyinhlamba ngoba isaqhakambisa ukubuswa ngamaNgisi njengoba nanamuhla inhloko yamazwe angaphansi kweCommonwealth kuyindlovukazi yase-England. Abanye baphawule bathi le midlalo izoletha itshe lemali kuleli. Kulinganiselwa ekutheni le midlalo izoletha imali elinganiselwa ezigidigidini ezingama-R25. Kanti kulaba abathanda ezemidlalo leli kuyoba yithuba eliyinqabakutholwa lokuveza amakhono abo.

Isimemezelo sangesonto eledlule yize besilindelekile kulandela ukuhoxa kwamanye amazwe sithakaselwe nguhulumeni kubalwa noMkhandlu weTheku kwazise isimemezelo lesi sizobeka leli dolobha ebalazweni nasemlandweni womhlaba. Nokho kukhona okulichashazi ngalolu daba. Indaba isegameni uDurban njengoba le midlalo ibizwa ngeDurban 2022.

Yize kungenakeke noma sekwejwayelekile, uphenyo loZula Azayithole luveze ukuthi kukhona inkinga ekutheni idolobha laseThekwini lisebenzise amagama amabili. Ngaphandle nje kokuthi lokhu akuvumelekile ngokwenhlangano ehlela amagama ezindawo, iTheku libukeka lisho okunye kepha libe lenza okunye ngakwezepolitiki. Izikhulu zaleli dolobha zike zaba sematheni ngomkhankaso wazo wokuguqula amagama emigwaqo nezathi lokhu kuyingxenye yokulungiswa komlando. Yize kwaba khona ukushaya amakhala emaqenjini aphikisayo, ekugcineni iTheku lenza lokho okulindelekile ikakhulukazi ngasohlangothini lwalabo ababecindezelwe.

Namuhla amagama emigwaqo ayethiwe ngabantu ababeyingxenye yomlando wamakoloni efana noWest isiyabizwa ngenqalabutho uDkt uPixley kaSeme, kwathi ibhilidi iMartin West yabizwa ngesishoshovu uNkk uFlorence Mkhize. Lokhu kwaveza isithombe sobuholi obumele uguquko. Nokho lesi yisithombe esingaphelele ngoba abaholi beTheku abathi akube noguquko kubonakala bona qobo bengazimisele ukukwenza lokho.

Igama ‘Durban’ njengoWest Street limele isikhathi esedlule kepha nanamuhla leli gama yilo elisaqhakambiswa kuyekwa leli laboHlanga iTheku. Ilandela lolu daba iBAYEDE ithole ukuthi empeleni kuningi okubizwa ngeDurban kunalokho okubizwa ngeTheku noma eThekwini. Kusuka kuwebsite yaloMkhandlu kuya kuma-imeyli ezisebenzi zonke zikhomba uDurban. Okuqaphelekayo wukuthi yonke imicimbi emikhulu kayibizwa ngeTheku noma eThekwini kepha ibizwa ngaleli lobukoloni. Isibonelo iDurban July yamahhashi, iDurban Day lapho kubuthana khona abantu ngehloso yokuzozijabulisa ngomculo. iDurban Film Festival kanye neDurban Fashion Fair. Ngisho nesigungu sosomabhizini bendawo kabazibizi ngabeTheku kepha bathi bayiDurban Business Chamber.

IBAYEDE ibuze uDkt uGugu Mazibuko, omele iTheku ekomitini lokuqanjwa kwamagama lesifundazwe (iKwaZulu Natal Geographical Names Committee) ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi iTheku libuye libe nguDurban njengoba lokho kushayisana nenqubo nanomthetho olawula ikomiti akulo, uDkt uMazibuko uthe: “Kusenenselelo enkulu ngodaba lokuguqulwa kwegama ledolobha iTheku ekutheni lingabe lisabizwa ngeDurban. Bheka nje uDurban kwathiwa sewaguqulwa waba yiTheku kodwa ngokwamaphepha igama elisemthethweni kuseyiDurban. Empeleni ngumasipala kuphela obizwa ngeTheku kepha idolobha kuthiwa yiDurban,’’ kuchaza uDkt uMazibuko.

Ebuzwa ukuthi yini okumele yenziwe uthe izakhamuzi zinelungelo lokufaka isicelo sokuba igama leli liguqulwe wathi futhi kungakuhle lokho kwenzeke ngokushesha.

“Kuyichilo ukuthi namanje leli dolobha lisahlonipha umuntu owayengumcindezeli. Kumele kubekhona ozofaka amaphepha ngokushesha esicelo sokuba leli gama likaDurban liguqulwe ngokusemthethweni egameni leTheku. Lokhu makwenzeke lungakafiki usuku lokusingathwa kwemidlalo yamazwe ngamazwe,’’ kusho uDkt uMazibuko.

Lokhu kushaya uzamthilili kweTheku ngegama uDurban kubukeka kumangaza ngoba iningi labantu liwuncomile loMkhandlu ngesikhathi uphakamisa ukuguqulwa kwamagama abantu besikhathi sobandlulo, nosekumangaza ukuthi kubame kuphi ngeTheku.

Loyo omele inhlangano ye-Inkatha Freedom Party (IFP) emkhandlwini, uMnu uMduduzi Nkosi uthe lena yinkinga okumele ilungiswe: “Lokhu sake sakubuza ngonyaka wezi-2010 kepha impendulo yaba wukuthi igama uDurban yilo elaziwa umhlaba wonke.”

Kanti loyo omele iDemocratic Alliance (DA) emkhandlwini, uMnu uZwakele Mcwango uthe konke lokhu kwembula izinqe iqembu elibusayo nathe alizazi ukuthi lifunani. “Isimanga wukuthi bathi asiguqule wonke amagama abacindezeli emigwaqeni kepha kabasho lutho ngoDurban . Kumanje bachithe imali enkulu ngomkhankaso wezokuthutha iGo Durban nokufakazela ukuthi leli gama uDurban aliyi ndawo. Kungani babengathi Go eThekwini?”

Loyo ongumhlaziyi wezepolitiki nenhlalo uMnu uProtas Madlala ukhale ngokuthi uMkhandlu weTheku uyishaya emuva ayishaye phambili odabeni lokuguqula amagama .

“UMkhandlu ukhuluma uphinde uziphikise ngoba uhlale uthi usemkhankasweni wokuguqula wonke amagama abacindezeli kodwa uma kufika eThekwini kuthathwa isinqumo sokuthi kuzoguquka kuphela uMasipala ubizwe ngokuthi iTheku, kodwa idolobha liqhubeke nokusebenzisa igama likaDurban ukulikhangisa emazweni omhlaba. Bathi bayawazonda amakoloni kodwa basaqhubeka nokusebenzisa amagama abo,” kuphetha uHlokohloko.

IBAYEDE izame yancana ukuthola ukuphawula koMkhandlu weTheku. Loyo okhulumela uMasipala, uNks uTozi Mthethwa uthunyelwe imibuzo ngalolu daba nge-imeyli ngehora le-10 ekuseni ngoLwesine. Ukuqinisekisa ukuthi uwutholile umlayezo uzakwabo uNks uPrincess Nkabane uphendule i-imeyli yeBAYEDE ngo-12h43 nathembise bazophendula uma sezitholakele zonke izimpendulo. Nokho kuze kwashaya isikhathi sokuyoshicilela bengakabuyi kithi.

Ukukhuluma ngeTheku

Eminyakeni angama 21, ezweni ekade lisempini yombangazwe kunezinto okumele zingade zibuzwa noma zichazwa enye yalokho wuguquko. Kepha nxa kufika egameni iTheku noma eThekwini akekho ophumela obala ukuthi kungani selingumzondo nje.

Yize kungekho ophumela obala ekuthini kungani igama iTheku liphenduke iqaqa nje kepha kuningi ukukhuluma lapha phandle. Okunye ukukhuluma kuthi uMkhandlu weTheku umanqika nje ngenxa yengcindezi evela kwabamabhizinisi abakhala ngokuthi kuyodla imali ebomvu ukuguqula igama ngoba bayophoqeleka ukuba baguqule izimpawu.

Inkulumo ithi le ngcindezi ivela ohlakeni iDurban Chamber of Commerce olungumlomo wabezamabhizinisi. Kanti okunye ukukhuluma kuthi qha, okugwenywayo ngumsindo wamaphumalimi nakhala kuzwakale nxa kuthintwa lokhu akholwa wukuthi kungumlando wawo. Kuthiwa agebisa amakhanda kwelemigwaqo kepha adweba umugqa lapha egameni likaDurban.

Bakhona nabathi ukuzinyeza kusegameni ngoba phela umlando uyakuveza ukuthi leli gama iTheku lavela lapho abohlanga beqaphela ukuthi nxa ubuka eSibubulungu lapho imikhumbi ingena khona kumise okwetheku lenkomo (amakhwahla). Kukhona ke ukukhuluma okuthi lokho kudala ukwenqena ukuchaza kuziphathimandla. Lokhu kuwukwenqena ubala nokuthuka izanya ngoba akekho ongakutshela ukuthi umnyombo wegama ‘Durban’ uthini. Ozokuthola ukuthi igama eliyamaniswa nomuntu othile odabuka e-England wagcina efele eCanada. Pho kusatshwani ngegama ‘itheku’ ngoba ngelethu lisho ubuthina nendlela esiqamba ngayo amagama.

See Also

Ukuqamba leli gama kwasebenza ubungcweti bomumo wezinto. Ukuqamba iGoli nje kwasebenza ubungcweti bokuqamba ngokutholakala lapho kuleyo ndawo okuyigolide. Ziningi ezinye izindawo eziqanjwe ngezinye izindlela isibonelo uThongathi. 

Ukuguqulwa kwamagamae-Afrika kwakuyingxenye yomzabalazo

Ngasohlangothini lwabacindezeli umkhuba kwakuwukuthi nxa befike ezweni thize okokuqala bathi lelo lizwe “balitholile”. Isibonelo nje ngezikhathi zobandlululo kwasekufana nomlolozelo ukuthi indoda okuthiwa nguJohan Anthoniszoon “Jan” van Riebeeck “wathola” idolobha laseCape Town ngonyaka we-1652.

Le mfundisoze yayingeyamabomu ngoba kwakwaziwa ukuthi uma usuguqule igama le ndawo usuke usuthathe wonke umlando wabantu abakuleyo ndawo. Iqiniso lithi akekho owathola iCape Town ngoba abafo bafika kukhona abantu bakhile, umahluko nje wukuthi bona indawo yabo babengayibizi ngokuthi yiCape Town. Ekufikeni kwabafo kuleli akuyona kuphela iCape Town ‘eyatholwayo’ kepha nezinye izindawo okungamadolobha nezindawo zakobantu nazo zethiwa amagama amasha. Zonke ziqanjwa ngabantu ababengabacindezeli noma kusethsenziwa igama lalapho abebeyizifiki bevela khona, naba o-East London.

Phakathi kwamazwe aguqula amagama awo kwaba yi-Abyssinia eyaba yi-Ethopia. IBasuthuland yaba yiLesotho, iBechuanaland yaba yiBotswana.

Kwathi iBelgian Congo yaba yiDemocratic Republic of the Congo. Izwe elalaziwa ngokuthi yiBenadir namuhla kuthiwa yiSomalia, iBourbon Island isibizwa ngeReunion Island.

Kanti izwe namuhla elaziwa ngokuthi yiBenin kwakuthiwa yiDahomey, iFrench Guinea yona namuhla kuthiwa yiGuinea. I-Upper Volta kaThomas Sankara yona namuhla iyiBurkina Faso.

ISouth West Africa isiyiNambia. ElaseZimbabwe lona lake labizwa ngeSouthern Rhodesia kanye neZimbambwe-Rhodesia.

Akugcinanga lapho ngoba namagama amadolobha aguqulwa njeHarare nje eyayaziwa ngelobukoloni eithi Salisbury. Okuqaphelekeya ngokuguqulwa kwamagama e-Afrika wukuthi kwakuyingxenye yomzabalazo ngoba abacindezelewa babethi ngokuguqula igama le ndawo bebuza igcindezelo yezwe labo. Abanye kabagcinanga lapho ngoba baguqula ngisho amagama abo qobo nababe wathatha ngokuthi amanye ayeyingxenye yokucindezelwa.

Njengalapha eNinginizimu Afrika oSam Shilowa kwaba ngoMbazima njalo njalo.

Scroll To Top