Now Reading
Ubona iseyinde indlela kwezokugwedla kwaboHlanga ngenxa yokwentula
Dark Light

Ubona iseyinde indlela kwezokugwedla kwaboHlanga ngenxa yokwentula

Izinsizakudlala zimba eqolo nemali ekhishwa ngabaxhasi kayanele okwenza abagwedli boHlanga baphelelwe ithemba


Isilomo somgwedli uSibonelo Khwela esiphume isibili kuDusi Canoe Marathon kulo nyaka sigwedla nomakadebona uThulani Mbanjwa weLembethe Canoe Club, sibona luselude ukhalo ekutheni sande isibalo saboHlanga abamela elakuleli ku-ICF Canoe Marathon World  Championships ezoqala mhla zingama-30 kuMandulo ngonyaka ozayo ePeitesti, eRomania. 

UKhwela oke waya kulo mqhudelwano ngowezi-2011 ehamba naye uMbanjwa, utshele elaboHlanga ukuthi okuyimbangela enkulu yalokhu wukumba eqolo kwezinsizakudlala zalo mdlalo wamanzi. 

Uthe iningi laboHlanga kalinayo imali yokuthenga lezi zinto. Lelo dlanzana elinabaxhasi nalo lidonsa kanzima njengoba lisekwa ngamasenti. 

Eklaya amanani ezinsizakudlala uveze ukuthi isikebhe siqala ezi-R16 000, imiphini yokugwedla isuka ezi-R2 500 kuya ezi-R4 000. Amateku asuka ezi-R 2 800. Nemishanguzo uthe imba eqolo ngendlela eyisimanga. 

UKhwela woMzinyathi Canoe Club nonqobe iDusi ngowezi-2014 egwedla no-Andy Birkett kuK2 uqhube wathi kulula kwabebala elimhlophe njengoba bexhaswe yizikhondlakhondla zezinkampani babuye baphume emindenini eme kahle. 

“Ngisekulo mdlalo nje kungenxa yokuthi ngixhaswe yinkampani yensimbi i-Eurosteel neRedbull. Njengoba kuhlasele ukhuvethe ngidonsa kanzima, i-Eurosteel iqome ukwehlisa ngendlela eyisimanga umholo wami wanyanga zonke. Abanye abangenabaxhasi, abanothando lwalo mdlalo badonsa kanzima. Sesize sasha amazwi sicela uHulumeni ukuthi asilekelele. Ufaka amasenti kuDusi bese ufaka izindodla kuComrades Marathon eba usuku olulodwa. Thina sigwedla izinsuku ezintathu. Kwakufaka imali kuDusi kuphela kakwanele. Ngaphambi kwayo uHulumeni uthi simisa kanjani? Kwesinye isikhathi kuke kuthi angiwuyeke lo mdlalo, sengiqhutshwa uthando,” kukhala uKhwela. 

Lo mgwedli uqhube wathi imbangela yokubancane kwesibalo saboHlanga abamela iNingizimu Afrika emqhudelwani womhlaba ukuthi kayikho imiklomelo kumaMarathon. 

“Kusukela kuKwaZulu-Natal Canoe Marathon kuya kuSouth African Canoe Marathon okuhlungelwa ngayo ukuya kowomhlaba kakutholwa lutho. Umklomelo owutholayo wukugqoka imibala yakuleli uma kwenzekile wangena ku-ICF Canoe Marathon World Championships. Kubukhuni-ke lokhu kwaboHlanga, sidinga imali esizokondla ngayo imindeni yethu. Kusetshenziswa eningi inkece uma kwenziwa amalungiselelo. Kungcono kwabezinye izinhlanga ngoba banabaxhasi.” 

Ngonyaka ozayo kuma-IFC Canoe Marathon World Championships, eRomania, akekho owoHlanga ozomela elakuleli. KumaSA Canoe Marathon Championships abesemasontweni adlule akekho ogwedle ngokugcilisayo. Kuhamba ababili abaphume phambili kuK1 nakuK2.

Abagwedli abafana noBanetse Nkhoesa woMzinyathi noBongani Ntinga kabalibonanga elidlalayo kumaKZN Canoe Marathon Championships obekuhlungelwa ngawo ukuya kumaSA Canoe Marathon. 

Ngenxa yokhuvethe, kulo nyaka umqhudelwano womhlaba kawuzange ube khona. Bekumele ube seNorway. 

KumaSA Canoe Marathon Marathon Championships, kwabesifazane kumasiniya kuK1,  kunqobe u-Esti Van Tonder isibili kwaba uJenna Ward. Ku-U/23 kuhamba uChristie Mackenzie noJade Dundas-Starr. 

See Also

Kwabesilisa, kukhonye uHamish Lovemore no-Ulvard Hart abagwedla ku-U/23. Kumasiniya kuzohamba umakadebona uHank McGregor noKenneth Rice. 

Kusimame kuK2 kuhamba uSaskia Hocky noWard. Abanye uMackenzie noBridgitte Hartly osemele elakuleli kaningi kuma-Olympic Games.

Kwabesilisa kuhamba uMcGregor noLovemore. Abanye uNicholas Notten noHart. Ibenkulu injabulo nyakenye iqembu lakuleli labesilisa ebeliye emjahweni womhlaba eShaoxing, eChina libophele owoHlanga u-Alex Masina.

Abanye abebekwelesizwe uBirkett, uMcGregor abangadingi ukuchazwa kulo mdlalo noLouis Hatting. 

Kwabesifazane bekukhona uMackenzie, uHartley, uWard noKyeta Purchase. Omunye woHlanga obeye kowomhlaba nokho ku-ICF Canoe Marathon Masters World Championships, uLoveday Zondi ohlabane ngendondo yethusi egwedla no-Alex Roborts kwabaphakathi kweminyaka yobudala engama-35 kuya kwengama-39 (Sub-Vets). Ubengaqali uMasina ukuba kowomhlaba. Ngowezi-2017 kowawukuleli, eMgungundlovu, washaya intambo esigabeni samajuniya. 

UMcGregor kusukela kowezi-2003 kuya kowezi-2018 uwunqobe kayisi-8 umjaho womhlaba. Omunye wakuleli uShaun Rubenstein owunqobe ngowezi-2006. KuK2, uMcGregor noBirkett badle umhlanganiso ngowezi-2018. Abesifazane abagcina ukwenza kahle ngowezi-2016 uKyeta noJenna belala isibili. 

Scroll To Top