Now Reading
Imidlalo yezikole igcine isiyisiqalo semigulukudu
Dark Light

Imidlalo yezikole igcine isiyisiqalo semigulukudu

Umphakathi waseNewcastle usuzama ukuqhamuka nekhambi lokuqeda  amaqembu ezigebengu ahlalise kabi izakhamuzi njengoba sekuze kwabulawa abayisishiyagalolunye kwashiswa nemizi yabantu.

Umkhuba wala maqembu kuthiwa wenzeka eBlaawboch, eMountain nasoSizweni kanti uqhutshwa amaqembu amabili abizwa ngokuthi amaJuvenile namaLast Warning.

Kuthiwa lama qembu aqalwe abafundi bezikole zakulezi zindawo ngesikhathi kunombango ngemiphumela yemidlalo yebhola lezikole obekuncintiswana kuyo.

Yilapho kuqale khona kwaba nabashayanayo kwagcina sekusungulwa amaqembu abeseqanjwa ngamagama asebalwe ngenhla.

Okubi ukuthi lolu dlame alugcinanga nje ezikoleni kodwa luqhubekile lwaze lwagcina selusabalala nasemiphakathini nokuyilapho kubonakale sekwanda isibalo sabantu ababulawayo ngenxa yombango wala maqembu.

Ulaka lwala maqembu kuthiwa seludale ukwesaba emphakathini njengoba kuthi uma eqhamuka wonke umuntu abaleke ayozivalela endlini ngoba kusuke kundiza moyeni ucelemba, izagila, imimese nezizenze.

UMnu uThami Nzuza oyiKhansela lasoSizweni uthe ubuthongo abusehli emphakathini yikho sekuqhanyukwe nesu lokuba kuhlanganiswe la maqembu kube nokubuyisana ukuze kuqedwe lolu dlame.

“Lolu dlame luqale kubangwa imidlalo yebhola yezikole lwagcina seluphumela ngaphandle. Yingakho sekuze kwabulawa abantu abayisishiyagalombili selokhu luqalule kulo nyaka.

Okubuhlungu ukuthi nemizi yabantu iyashiswa ngaleso sikhathi kuliwa ngoba abasohlangothini oluthile bavele bavuke indlobane bafune owolunye uhlangothi, uma bemfica ecashe emzini thizeni bayawushisa bambulale. Sibhekene nengwadla kanti sesibona nokuthi namaphoyisa aseyehluleka ukubhekana nale nkinga esinayo ngala maqembu. Yikho umphakathi usuqalile uzibambela mathupha amalungu ala maqembu uwashaye ngoba akusaphileki kulezi zindawo ahlupha kuzo,” kubalisa uNzuza.

Uthe okubi ukuthi nabaphuma ejele sebenqume ukuwajoyina la maqembu yingakho izigameko zokubulala ziya ngokwanda futhi nabantu balinyazwa ngesihluku esiyisimanga.

Iningi le ntsha elizibandakanya nala maqembu kubuye kusolwe ukuthi lidla izidakamizwa ngendlela elisuke lingasalawuleki ngayo uma selishwiba izizenze sekuhlaselwa emzini yabantu.

Amanye amalungu kuthiwa aneminyaka yobudala ephakathi kweli-14 neli-17.

UNzuza uveze ukuthi kuleli sonto bazoba nomhlangano nawo la maqembu ngokubambisana nekomiti lomphakathi elibizwa ngeNewcastle Dialogue ukuze labo abanezikhali bazibuyise kuphele udlame.

“Sibe nombhikisho nomphakathi siyokhalaza esiteshini samaphoyisa Osizweni nokuyilapho umphakathi ubalise kakhulu ngokuthi amaphoyisa abonakala ezithela ngabandayo ekubeni izingane seziphenduke izilwane ngenxa yodlame ezinalo. Abanye sebekhombisile ukuthi bazimisele ukuguquka yingakho bethembise ukuba balethe zonke izikhali zabo abahlasela ngazo ukuba zithathwe,” kusho uNzuza.

Uthe bakwenza lokhu ngoba sebethole nokuthi kukhona amanye amaqembu asezama ukufufusa kanti bafuna ukuba angabe esaqala abenamandla ngoba umphakathi usuhlukumezeke kakhulu.

IKhansela uBlessing Mwali laseMadadeni lithe lolu dlame basaluzwela kude ngoba eMadadeni alukafiki.

“Inkinga abantu sebethi la maqembu asewelele eMadadeni, akulona iqiniso lelo kodwa asaseMountain nasoSizweni naseBlaawboch kuphela. Ngapha ngakithi awakafiki neze. Wona abahlalise kabi abantu bangale ngoba uyezwa impela ukuthi kuyaliwa kodwa asazi ukuthi kubangwani njengoba abanye bethi impi isuke ngomdlalo webhola lezikole,” kuchaza uMwali.

Ungoti kwezodlame, uSolwazi uMarry De Haas, uthe lolu dlame luwumphumela wezindawo izingane ezikhulela kuzo nasemindenini ezikhuliswa kuyo.

See Also

“Nakuba ngingenawo umlando ojulile ngodlame lwamaqembu olwenzeka eNewcastle kodwa kulesi simo kuvamise ukuthi kube izidakamizwa ezisuke nazo zithatha indawo. Okunye izindawo ezinale nkinga yilezi ezikhungethwe indlala nezinga eliphezulu lokungasebenzi kwabantu lapho othola khona intsha igcina isizifaka emaqenjini afana nalawa isiba nodlame. Uzokhumbula ukuthi uma ngigqamisa izidakamizwa ngisusela emadolobheni amakhulu afana neTheku, iCape Town neNew York lapho kugcina sekuba namaqembu ezigelekeqe abulalanayo ngoba kusuke  ukulwa kwakhona kuhlangene nezidakamizwa. Ezwenikazi i-Afrika kukancane ukuba uthole amaqembu emigulukudu yize kunamazwe amaningi akhungethwe inhlupheko. Isizathu salokhu ukuthi izidakamizwa azikho kuwo. Yingakho naseNewcastle ngisola khona ukuthi okwenzekayo kuhlangene nezidakamizwa ngoba sezihambe zazezafinyelela ngisho ezindaweni ezisemakhaya,” kusho uSolwazi uDe Haas.

Uqhube wathi ngezikhathi zobandlululo emiphakathini yaboHlanga bezingekho izidakamizwa ngakho namaqembu emigulukudu abengekho nhlobo kodwa abetholakala ezindaweni zabamhlophe, ezamaKhaladi namaNdiya ngoba yizo ezazivele zikhungethwe izidakamizwa.

Uthe le nkinga yezidakamizwa kwaboHlanga iqale eminyakeni yowe-1990 kuza manje ngoba izidakamizwa besezinabele nasemalokishini ikakhulukazi iMandrax njengoba manje sekukhona ezinhlobonhlobo.

USolwazi uDe Haas uthi okwenzeka eNewcastle kuyizinkomba zokuthi iMinyango oWezemfundo  noWezempilo kuyadingeka ibe nezikhungo zokululeka labo abasuke sebengene ezidakamizweni.

Uthe ngisho eziteshini zamaphoyisa ziyadingeka izikhungo zokululeka abantu ukuba bakwazi ukuphuma kuzidakamizwa ngoba ukuthatha izingane ziyogcinwa ezikhungweni zabenze amacala besebencane akusizi kakhulu kulaba abasuke benenkinga yezidakamizwa.

Inkinga yaseNewcastle kuthiwa iqale ngesikhathi izwe belisabhekene nokhuvethe kakhulu maphakathi noNhlaba kodwa bekunganakiwe kwaze kwaba kuqala izigameko zokushiswa kwemizi yabantu kwakhona nababulawayo.

Intsha ebonakalayo kulezi zigigaba eyabesilisa kanti uma uyibuka kuyacaca ukuthi inezinto ezisuke seziyilawula egazini njengazo izidakamizwa kanti nezimpahla ezigqokayo azigwinyisi amathe njengoba ezinye zisuke zidabukile futhi zingcolile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uBrigadier Jay Naiker uthe amaphoyisa asebenza ngokuzikhandla ukulwa nala maqembu emigulukudu ahlukumeza abantu baseBlaawboch, oSizweni naseMountain.

Scroll To Top