Uzimesele ukuphakamisa igama lakhe nelenkampani uHamilton



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuyajabulisa ukuthi noma kukhona abamunyundelayo uHamilton kodwa usakhombisa intshisekelo yokwenza kahle
Uma ukhuluma ngomdlalo wezimoto zomjaho obizwa ngeFormula One (F1), igama elifika kuqala elikaMichael Schumacher.
USchumacher ongowokudabuka eGermany wazakhela udumo egila izimanga kulo mdlalo enqoba imiqhudelwano ephula namarekhodi ayebekiwe ngaleso sikhathi. Lo mshayeli oneminyaka yobudala engama-51 waqala ukushayela izimoto ngowe-1991 kwaze kwaba unyaka wezi-2006, wakhuza ibuya emveni kokuba wayesethathe umhlalaphansi ngonyaka wezi-2010 kwaze kwaba unyaka wezi-2012.
Eminyakeni eshayela ngaphansi kweF1 waba ngumpetha womhlaba kayisi-7, ngonyaka we-1994, we-1995, owezi-2000, owezi-2001, owezi-2002, owezi-2003 nangowezi-2004. Washiya ebeke irekhodi lokunqoba imiqhudelwano engama-91. Washayela ngaphansi kwezimoto iJordan, iBenetton, iFerrari neMercedes.
Omunye umlando kaSchumacher uyaziwa kakhulu ingakho nje igama lakhe liyohlezi lihamba phambili kulo mdlalo, nayeshayela kanye nabo behlezi bemukelisa njengohamba phambili.
Kodwa iqiniso lithi umshayeli waseBritian uLewis Hamilton sekuyisikhathi sokuthi kube igama lakhe manje elihamba phambili kulo mdlalo.
Okwenza lokho uHamilton ingoba lo mshayeli oshayela ngaphansi kwaMercedes cishe wonke amarekhodi abekwa uSchumacher usewaphulile.
Uma kungabhekwa kunobhutshuzwayo kunabadlali abagila izimanga eminyakeni edlule lapho ungabala u-Edson Arantes do Nascimento odume ngelika “Pele” ongowaseBrazil noDiego Armando Maradona wase-Argentina.
Yize bawenza umlando babeka amarekhodi kodwa amagama abo akusakhulunywa ngawo kakhulu, kwazise kunabadlali ababili abafike bazibekela amarekhodi abo okunguLionel Andres Messi odabuka e-Argentina odlalela IFC Barcelona yaseSpain noCristiano Ronaldo do Santos wasePortugal odlalela iJuventus yase-Italy.
Kubuhlungu-ke okukaHamilton ofuze ingabe ujabulela ukusebenza kahle kwakhe kodwa kukhona abangafuni ukumncome, kunalokho bamuqhathanisa noSchumacher.
Emasontweni adlule kuke kwaba khona izinkulumo ezithi uHamilton unqoba ngoba akanakho ukuncintisana okuningi, futhi isikhathi akuso kumele anqobe ngoba zonke izinto azisebenzisayo ziseqophelweni eliphezulu uma uziqhathanisa nezazisetshenziswa eminyakeni eyedlule.
Umbuzo uthi uma kunjalo pho kungani-ke kuhlezi kunqoba yena kuphela? Ukube kunjalo ngabe ukhona kubashayeli ashayela nabo manje osebe ngumpetha womhlaba noma kane.
UJack Sterwatt ungomunye wabakhombisa ukungamhalaliseli uHamilton ngokuphumelela kwakhe.
USterwatt owaba ngumpetha womhlaba kathathu esikhundleni sokuncoma lesi sikhondlandla esinguHamilton wathi: “UHamilton noma kuthiwa uyawaphula amarekhodi kaSchumacher kodwa akayena umshayeli omkhulu. Angimubali ngisho kwabathathu kulaba engithi bahamba phambili.”
Kulaba abathathu athi bangabahamba phambili uSterwart ubala uJuam Manuel Fangio, uJim Clark naye uSchumacher.
UHamilton ngeSonto eledlule unqobe iPortugese Grand Prix, lokho kwamenza waphula irekhodi leminyaka eli-14 likaSchumacher lokunqoba imiqhudelwano engama-91, manje usenqobe imiqhudelwano engama-92.
Usethubeni elikhulu ukuthi lo mshayeli usengaqhubeka ukunqoba kwakhe imiqhudelwano kuyo le sizini yeF1ezosongwa ngoZibandlela.
Kusele imiqhudelwano emine lapho kubalwa i-Emlia Romagna Grand Prix ezokuba ngeSonto, iTurkish Grand Prix, iSakhir Grand Prix ne-Abu Dhabi Grand Prix ezoba mhla zili-13 kuZibandlela.
Irekhodi elisele elisahlezi manje elabekwa uSchumacher elokuba ngumpetha kayisi-7, uHamilton yena usebe ngumpetha kayisi-6. Waba ngumpetha ngonyaka wezi-2008, owezi-2014, owezi-2015, owezi-2017, owezi-2018 nangonyaka wezi-2019.
Kubukeka nalo ezolifica uHamilton njengoba kunguyena ozihola phambili ngamaphuzu ama-256 elandelwa uzakwabo ashayela naye ngaphansi kwakwaMercedes uValterri Bottas odabuka eFinland onamphuzu ali-179. Uma enganqoba umqhudelwano owodwa nje kobe sekucacisa ukuthi uyalifica leli rekhodi, angajatshulelwa kulona izinkakha zalo mdlalo.
Kukhona konke okujabulisayo ukuthi uHamilton uthi yize bengamboni njengomshayeli ohamba phambili kodwa yena uthi usazoqhubeka nokunqoba imiqhudelwano, nokuthi abe ngumpetha womhlaba uma nje isikhathi sisavuma.