Now Reading
Kufanele amaphoyisa anconywe kolukaMeyiwa?
Dark Light

Kufanele amaphoyisa anconywe kolukaMeyiwa?

 


Abayizwa eyokunconywa kwamaphoyisa kolukaMeyiwa


Enze muphi umsebenzi lo, wokulahlekisa umkhondo? Nanokuthi asebonile ukuthi abaseshi abazimele kukhona abakutholayo manje asenza sengathi ayasebenza nawo. Ungabopha abantu ababengekho uyeke ababekhona? Nezintatheli kungani zingabuzi ukuthi kwenzekani ngabantu ababesendlini ngosuku lwesigameko kwaqhamuka sekuboshwa abantu ababengekho? Banesibindi sokusho nokusho ukuthi babengekho. Manje yini engangithokosiza ngoba nami owami umndeni kumele ngiwugade uma kuzokwenzeka kanje, angijabule neze. – nguMlondi Mthembu

Kodwa singancoma ini njengoba abomthetho bezenza izangoma ezishaya umhlahlo nakhona lezi ezidla imbumba? Akukona okokuqala kuthiwa kuboshwe ababulala uMeyiwa, kwabuya kwathiwa akusuye kwenzeke iphutha. Uma kungathiwa umlando uyaziphinda futhi bese sithini emveni kokuncoma into engekho? Kungani kungaqondwa ngqo abantu ababesendlini ngosuku lwesehlakalo kunokuthi kulokhu kuchithwa amathambo angashayi emhlolweni. – ngu-Innocent Mkhombiseni

Angiboni kufanele siwancome amaphoyisa kodwa singabonga ingcindezi efakwe i-Afriforum njengoba sesibona kunento ekhulumekayo nethembisayo ngokulimala kukaSenzo. Kodwa lokho akuyiguquli ekubeni yinhlangano evikela okwazuzwa abamhlophe ngesikhathi kucindezelwa aboHlanga ngobandlululo. – nguLihle Sothole

Asikho isidingo sokuncoma amaphoyisa ngoba asebopha ngoba ingcindezi isiyaqonga sekungenelele ne-Afriforum. Umuntu ongenawo amandla okudonsa le Forum uzofa kuphele kanjalo. Angethembi nje kwabona laba kusazothiwa akubona kube yiphutha. – nguSiphamandla Manzini

Akukho lutho oluncomekayo olwenziwe amaphoyisa empeleni nje ngingathi kunje nje ngoba ahlulekile ukwenza ubulungiswa kunalokho amelene nabo. Lo baba owaphethe nokuthandwa ukubukwa, bekumele aqale kwaMeyiwa ngaphambi kukuba atshele izwe lonke kodwa-ke ngoba uyisakabuli uqale ngokugcinwa ngakho ukuze abungazwe umphakathi waseMlazi. – nguSne Ngcobo Ntombela

Angisiboni isidingo kuningi ukukhohlakala okulo mbutho wamaphoyisa. Kusasa uzozwa okunye. EMzumbe omalugaju kwathiwa baboshiwe singakababoni isizwe kwathiwa omunye uzibulele kwaphela kanjalo. Iningi inkohlakalo kulo mbuso we-ANC ihlukene ngezigaba eziningi. – nguSbongiseni Meyiwa

Mina angisiboni emva kwesikhathi esingaka ubaba wakhe wagula waze washona ubulungiswa bungenzeki. Umuntu owayevikelwa uyaphila, wafihla iqiniso ekuqaleni naye wayengenalo uthando lukaMeyiwa, wayethanda imali yakhe. Kulungile uThixo uyayizwa imikhuleko yethu. – nguDumisani Msomi

Amaphoyisa ahluleka ukwenza umsebenzi wawo kwagcina ubaba kaMeyiwa ehlaselwa yisifo sohlangothi ngoba enganelisekile uphenyo lwawo, wagcina eshona kungazange kuboshwe muntu. Kuthe icala lithathwa lidluliselwa ku-Afriforum kwayima kuphuma imiphumela  kodwa nje ngabe namanje akuboshwe muntu ukube i-Afriforum ayizange ilithathe leli cala. – nguThami Mtamerri Mphephethwa


  Bathi awanconywe amaphoyisa


Sikhona phela leli cala bekungelona elomndeni wakwaMeyiwa wodwa, bekungelesizwe sonke saseNingizimu Afrika ngoba lo nozinti wayengowesizwe. Icala ebelihamba phambili leli ekugcineni kumele bashayelwe izandla ngomsebenzi wabo omuhle. Uma kuthiwa icala aliboli kusuke kushiwo into enjena. – nguRowas Phumlani Vilakazi 

Kufanele anconywe amaphoyisa ngoba nawo asebenza kanti nomndeni kaSenzo uklame indima enkulu ukuthi kugcine kufinyelelwe lapha oselukhona kodwa sisamdinga ungqondogqondo wale nto ngoba babethunyiwe. – nguSticks Mnisi

Wonke umuntu ufanele ukunconywa uma enza kahle, nayo iBayede ifanele ukunconywa uma igeqa amagula ekubikeni izindaba yize kuwumsebenzi wayo ukwenza njalo. – nguLindo Linda Okuhle Madlala

Siwashayela ihlombe amaphoyisa asebenze omkhulu umsebenzi. Bekuyicala elinzima kakhulu. Yebo abantu balithatha kalula leli cala. Umthetho usebenza ngobufakazi. Ubufakazi sebukhona manje siyabonga. – nguFoli Fithini Mawadla

Sezihubela sakusha mayelana nempicabadala yodaba eluwundaba mlonyeni. Amaphoyisa awenzile umsebenzi wawo futhi nasekuqaleni ayewenzile kodwa izinqinamba zazisemnyangweni owawuphethwe uBatohi ongawuqedelanga umsebenzi wawo. – nguThabani Dlamini

See Also

Yebo sikhona isidingo sokuncoma amaphoyisa. Ukubamba abantu abenze ubugebengu ungekho lapho engathi yinto okungelula ukuyenza noma kungathatha isikhathi esingakanani. Yinto yokunconywa kakhulu lena. – Russel Manqele

Sikhulu isidingo uma ubulungiswa buzobonakala. Yebo side isikhathi kodwa kuzobuyisa ithemba ukuthi kugwetshwe abenzi bobubi ekugcineni, sibone ukuthi ngempela ingalo yomthetho yinde. – nguSandile Nhlanhla Nkosi

Sikhona kakhulu ngoba phela kumele bajeze abenzi bokubi nomndeni uzokwazi ukuthi nawo wedlulise. Kwakuyinto enjani lena yokufa komuntu bese kuvele kucwebe isiziba? – nguMbali Moses

Amaphoyisa awasizo izangoma awabhuli, babengekho esigamekweni afika emva kwaso kanti nabantu ababekhona abazange bawanike ulwazi obelungenza ukuthi kubelula. Asebenzile engabhulanga. – nguNgwazi Zithulele Sanele

Sikhona ngoba kuveza ukuthi abakaze bahlale phansi bethungatha behlanganisa ubufakazi okuveza ngokusobala ukuthi ingalo yomthetho yinde kakhulu. – nguSandie Nxumalo

Kunezinto okuphoqelekile ukuthi uzenze ngoba ziwumsebenzi wakho kodwa kubuhlungu ukwenza kahle ungabongwa.– Bona Meluleki Mncwango

Sikhona ukuwakhuthaza ukuze ezoqhubeka ngoba ngathi kukhona okusasele, babethunywe ubani?– nguPhakamani Sandile Thango

Scroll To Top