Now Reading
IChina ithembisa ukuba seqhulwini kwezobuchwepheshe
Dark Light

IChina ithembisa ukuba seqhulwini kwezobuchwepheshe

UMengameli waseChina uXi Jinping uthembisa ukuqhubeka nezinhlelo zokubeka phambili leli zwe kwezobuchwepheshe yize kunemizamo yokukhubaza ukudlondlobala kwalo.

UXi uthule inkulumo ephambili ngesikhathi kubungazwa iminyaka engamashumi amane kwasungulwa isizinda esikhethekile sezomnotho edolobheni iShenzhen eseningizimu nezwe.

IBeijing ithatha idolobha iShenzhen elisesifundazweni iGuangdong njengesizinda esibalulekile ekuholeni intuthuko kwezomnotho nobuchwepheshe.  

Izinkampani eziningi ezinkulu zaseChina ezifana nesikhondlakhondla kwezobuchwepheshe emhlabeni iHuawei zizinze khona eShenzhen.

Le ndawo iseduze neHong Kong kanti yaqala ukuguqulwa ukuze ibe idolobha lesimanje ngowe-1979 ngumholi wangaleso sikhathi uDeng Xiaoping.

Leli dolobha lisuke ekwaziweni ngokudoba laba isikhondlakhondla sedolobha elinezinkampani zezobuchwepheshe ezilinganiselwa kuzi-30,000, liphinde libe nomnotho olinganiselwa kuzigidigidi ezingama-$400.

Emcimbini, uXi ugqugquzele iShenzhen ukuthi idale intuthuko ezoholwa phambili amasu amasha okusungula ukuze kudaleke ubuchwepheshe nezimboni eziphambili nokuzoba nomthelela emhlabeni jikelele.

Uphinde wathi amazwe omhlaba amukelekile ukuthi abe ingxenye yokuqhuba ukuvuleleka kanye nokuthuthukiswa kweChina.  Kuzokhumbuleka ukuthi amazwe omhlaba asebe ingxenye yokuthuthuka kweChina emva kokuthi uDeng wethula izinhlelo zokuvula izwe.

Nokho inkulumo yakhe uXi uyenze ngalesi sikhathi iChina ibhekene nezinselelo kwezohwebo nezivela emazweni afana neMelika kanye nalabo edlelana nabo. Kula mazwe, iChina ibonakala iyingozi kwezobuchwepheshe nokuphepha kwamazwe nokuyizinsolo eziphikayo.

I-USA isayihleli ngobhongwane iBeijing njengoba isaqhubeka nonswinyo ezinkampanini zaseChina ezifana neHuawei.

Kanti leli lizwe liphinde libe phezu komkhankaso wokuzama ukuthuthukisa umnotho emva kombhidlango wokhuvethe.

Nokho leli zwe seliphefumula kangcono esifweni ukhuvethe esikhungethe umhlaba. Lesi sifo sesikhalinyiwe ezindaweni eziningi eChina kanti nabantu abaningi bakwazile ukugubha amaholidi aqale lulunye kuya ziyisi-8 kuMfumfu, nokuyiNational Day mhla lulunye elandelwe iMid-Autumn Festival.

See Also

Bekungokokuqala ukuthi abantu babungaze ngokukhululeka kusukela ngoMasingana emva kokudlanga kokhuvethe nalapho uHulumeni aqala khona ukuqinisa izinhlelo zokusinqanda lesi sifo.

Akungabazeki ukuthi la maholidi akhombisile ukuthi leli lizwe seliyazethemba kwezomnotho kanye nezinhlaka zalo zezempilo.

Izibalo ezivela eMnyangweni Wezamasiko Nokuvakasha zithi bangaphezulu kwamakhulu amane ezigidi abantu abathathe ithuba lokuvakasha ngaphakathi eChina ngalesi sikhathi sokuqala kwamaholidi.

Lezi zibalo zihambisana nokukhuphuka kwezinga lokusebenzisa imali kubantu nokulethe injabulo kubaphathi bezwe njengoba lokhu kufaka umdlandla emnothweni obukhutshazwe wukhuvethe. Lokhu kwenzeka ngezikhathi iMelika ingelinye lamazwe asahamba phambili ngezibalo zabantu abatheleleke ngokhuvethe kanti futhi lezi zibalo ziyaqhubheka zikhula mihla yonke. Lokhu kuyaqhubeka kufaka ingcindezi kuwona umnotho, abantu kanye nezinhlaka zezempilo.

Ngesikhathi amazwe esazabalaza nesifo ukhuvethe nemithelela yaso, iChina ibonakala isisethubeni lokuqhubeka nezinhlelo zayo zentuthuko nokwenza kube kuncane okungaba isithiyo endleleni yayo yokuqinisekisa ukuthi iyazinza ekuholeni kwezobuchwepheshe. 

Scroll To Top