Now Reading
Ukuzifundisa ukwenza izinto nokuhlonipha kungalakha ikusasa lomuntu omusha
Dark Light

Ukuzifundisa ukwenza izinto nokuhlonipha kungalakha ikusasa lomuntu omusha

Ngike ngaba ngomunye wabantu abazibona behlupheka isikhathi eside futhi kwesinye isikhathi ngangizibona impilo yami ingesophinde ishintshe. Ngasizakala mhlazane ngibona imfihlakalo kanye nesibusiso esiqhamuka nokuhlupheka. Ngiyazi engqondweni yakho uyangiphikisa njengamanje ngoba awuboni lutho oluhle kanye noluyisifundo ngokwentula. Ezinkulumeni zami nabantu abasha, ikakhulu labo abazibona behlupheka, ngiye ngithi ngiyakubona ukuhlupheka ngoba kwangifundisa izifundo ezibalulekile zempilo. Angifisi ukuzwakala sengathi angizwelani nabantu abantulayo kodwa ukuhlupheka kufundisana futhi kungifundise okuningi okufaka phakathi lokhu okulandelayo. 

Inhlonipho nokwazi omunye umuntu

Esikhathini esiningi uma ungakaze wahlupheka uye ungamazi, ungamhloniphi futhi ungamboni omunye umuntu ukuthi ubalulekile. Ukuba nakho konke empilweni kukwenza ucabange ukuthi awubadingi abantu ngoba yonke into ungayithenga ngemali. Ukuhlupheka kukwenza ubazi abanye abantu futhi ungazicabangeli wena wedwa empilweni. Izwe lakithi libhubhiswa inkohlakalo ngenxa yabantu abazicabangela bona bodwa kanye nabantu abangakwazi ukuhlupheka. Ukudayisa i-airtime enyuvesi kwangenza ngamazi futhi ngamhlonipha omunye umuntu ngoba ngangazi ukuthi ngiyamdinga futhi ubalulekile. Kungenzeka ukuthi ubona sengathi izinto ziyabheda futhi amathuba awaveli empilweni yakho kanti kungoba awubazi abantu. 

Ngifunde ukusebenza

Ngaphandle kokukhuliswa indoda ekhuthele, inhlupheko ingifundise ukuthi kuyasentshezwa ukuze uthole okuya ngasethunjini. Inhlupheko ingifundise ukunganciki kakhulu komunye umuntu kodwa ukuzimela njengendoda. Abantu abaningi abathi bayahlupheka abafuni ukusebenza, ikakhulu imisebenzi ezobangcolisa. Namuhla ngiyakwazi ukwenza imisebenzi eminingi ngingedwa ngenxa yokungakhuleli enaleni. Uma ukuhlupheka kungakakufundisi ukusebenza kanye nokuzisebenza ngifisa uhlole lokhu kuhlupheka othi unakho. 

Ukubekezela

Mhla ngiphuma ekhaya ngiya enyuvesi eminyakeni eya eshumini edlule, ubaba wathi “mntanami uma ufuna utho empilweni, hleka nento engahlekisi, ubekezele futhi uzehlise uze uyithole lento oyifunayo”. Inhlupheko ingifundise ukubekezela noma kunzima. Ukubekezela kungisize ezintweni eziningi, ngigweme amaphutha amaningi enziwe ontanga bami ngenxa yokungafuni ukubekezela. Ezinye zezinkinga eziningi abantu abasha abahlangabezana nazo empilweni zibangwa ukwehluleka ukubekezela. Abanye balahla ithawula isiseduze impumelelo yabo. 

Ukuxazulula Izinkinga

See Also

Ukuqala kwami ukudayisa enyuvesi kwakungenxa yenhlupheko. Abafundi ababengibona ngimemeza inyuvesi yonke babecabanga ukuthi ngiyahlanya. Abaningi babengazi ukuthi ngangixazulula inkinga yokweswela imali yensipho. Ukube ngangiphuma ekhaya elidla izambane likapondo ngabe ngagijima ngayokhalela abazali. Kodwa ukwazi inhlupheko yalapho ngivela khona kwangeza ngakwazi ukuthola isisombululo senkinga engangibhekene nayo. Namuhla abantu bangikhokhela imali ukubasiza baxazulule izinkinga zabo. Uma ngibheka emuva ngiyamangala ukuthi ukuhlupheka kuyamenza umuntu aphumelele empilweni futhi aphumelelise nabanye. Iningi labantu, ikakhulu abasha, babambeke kakhulu ekunakeni inhlupheko ababhekene nayo kunokubona olunye uhlangothi lwesimo ababhekene naso. Kuyahlekisa namuhla uma sengixoxa ukuthi ngashada ngemali yezithelo kanye noswidi engangibathengisa enyuvesi ngizama ukuxosha indlala. Ukunganaki inhlupheko engangibhekene nayo kwangenza ngakwazi ukuphuma nesisombululo sezinto eziningi.

Ukungazicabangeli mina ngedwa

Uma uke wahlupheka empilweni uyakwazi ukubona omunye umuntu ohluphekayo. Ukuhlupheka kwenza ungakwazi ukuzicabangela wena wedwa. Ukuhlupheka kwenza kungadleki uma kunomuntu eduze kwakho ongadli noma ongadlile. Ngiyazi ucabanga ukuthi abantu abazicabangela bona ibona abacebile, nami futhi ngivumelana nawe kodwa inkinga yokuceba kwabo kungashabalala noma ngabe yinini. Iningi labantu abazicabangela bona bodwa lithi uma selisezinkingeni kungabi namuntu olisizayo ngoba lingabazi abantu. Isizathu esenza ngibonge ukuhlupheka okungifundise ukucabangela omunye umuntu, ngizibone ngingasele ngedwa uma ngisenkingeni. Ngizibone nginabantu abaningi abalule isandla sabo ngoba nami esami ngingasifinyezanga. 

Uma kunento engifisa uyithole kukho konke esengikubale ngaphezulu, ukuthi ukuhlupheka kuyisiqalo sempumelelo yakho. Vumela isimo odlula kuso njengamanje sikufundise amasu ozowasebenzisa kusasa. Ungabubalekeli lobu buhlungu obuzwayo ngoba buyisisekelo sayo yonke into ozoba nayo empilweni kusasa. Abantu abangedlulanga kulobu bunzima odlula kubo bayawa emva kwesikhashana ngoba impumelelo yabo ayinasisekelo. 

Scroll To Top