Abesifazane kufanele bahlale behlolela umdlavuza webele



UDkt uSibu Lubelwana udokotela obelethisayo nowabesifazane esibhedlela iKing Edward. Ufundisa…
Ukuzinakekela nokuqikelela ukuzihlolela umdlavuza webele kunganciphisa ukufa kwabesifazane okungenasidingo
Njengoba sisonga inyanga yokuqwashisa ngomdlavuza webele, kubalulekile ukuthi sibuyekeze udaba lwalolu hlobo lomdlavuza. NgoNcwaba sike sakhuluma ngalesi sihloko kodwa ngibone kubalulekile ukuthi siphinde sikhulume ngaso njengoba sisababona abantu besifazane bebulawa umdlavuza webele futhi usaqhubeka nokugadla kwabesifazane okubalwa nabasebancane ngokweminyaka yobudala. Lokhu kufa akunasidingo kwazise umdlavuza uyagwemeka okanye uyalapheka uma usheshe watholakala. Asithande imizimba yethu ngokwanele ukwazi ukuthi sibukeka kanjani ngaphansi kwezimo ezijwayelekile ukuze sazi uma kukhona okungasahambi kahle. Asingesabi ukuzithinta ukuze sikwazi ukusheshe sihlonze lezo zigaxa noma izinguquko esikhumbeni.
Inyanga uMfumfu eyokuqwashisa ngomdlavuza webele, isikhathi esivame ukusiza abaningi abesimame abalandela umyalelo wokuzihlolela lo mdlavuza ngakho-ke nawe ungasali emuva funda, lalela bese uyenza.
Uyini umdlavuza?
Umdlavuza oqala ezicubini zebele yiwona otholakala kakhulu kubantu besifazane emhlabeni wonke nakuba ubaphatha nabantu besilisa. Nakuba ingaziwa imbangela ngqo yalo mdlavuza, kunezimo ezaziwayo ukuthi zingaba yingxenye yenhlanganyisela yesizathu sokudaleka kwawo.
Ingozi engashintsheki
Iminyaka yobudala engaphezu kwama-50.
Umlando womdlavuza webele emndenini.
Umlando womdlavuza ngaphambilini
Ukuqala ukuya esikhathini ngaphambi kweminyaka yobudala eli-12, ukuvaleka ukuya esikhathini usungaphezu kweminyaka yobudala engama-55.
Ukuba nomlando womdlavuza eqandeni (Ovarian Cancer) noma ukuba khona kwawo emndenini.
Ingozi eshintshekayo
Ukukhuluphala ngokweqile
Ukuphuza uphuzo oludakayo ngokweqili
Ukubhema
Ukungazivocavoci umzimba
Izimpawu zomdlavuza webele
Isigaxa ebeleni noma ekhwapheni
Ukuvuvukala kwebele noma isikhumba sebele
Ukuxebuka noma ukuba bomvu kwesikhumba sebele
Ukudonseka kwesikhumba singene ngaphakathi ebeleni
Ukuvuza kwengono noma ukopha engonweni
Ubuhlungu ebeleni
Ushintsho ekumeni nasekubukekeni kwebele
Singazivikela kanjani kulo mdlavuza?
Ngabe bewazi ukuthi ukuncelisa umntwana ubisi lwebele kuyawehlisa amathuba okuphathwa yilo mdlavuza kanye nezinye izinhlobo zomdlavuza.
Ukuncelisa isikhathi esingaphezu kwezinyanga eziyisithupha njengoba kunconywa kunyusa amthuba okuvikelekela. Ukudla okunomsoco, ukuvocavoca umzimba, ukugwema uphuzo oludakayo nokugwema ukubhema.
Ukutholakala komdlavuza kusanesikhathi
Lokho kwenzeka ngokuzihlolela izigaxa inyanga nenyanga emva kokuya esikhathini. Kusiza ekuthenini uma sikhona isigaxa sitholakale kusanesikhathi ukuze umuntu akwazi ukwelapheka ngendlela ezosindisa impilo. Phela lolu hlobo lomdlavuza ludume ngokushesha lusabalale ebeleni noma lusabalalele kwelinye ibele, ezindlaleni, engqondweni, esibindini njalo njalo. Umanqoba ukuthi usheshe utholakale ukuze uzosheshe uthole ukusizakala, impilo yakho izosizakala.
Indlela yokuzihlola
Yima phambi kwesibuko, ubhekisise izimpawu noma izinguquko esikhulume ngazo ngenhla. Ngabe kukhona ukuguquka kwesimo sebele noma amabele, ubukhulu noma kukhona uketshezi noma igazi eliphuma engonweni?
Ukuhlola: Sebenzisa isandla sokudla ukuhlola ibele lesinxele uphinde wenze nakwelinye. Beka isandla sakho ngemumva kwekhanda, ngesinye isandla uhambise iminwe yakho izungeze ibele kusukela ngaphandle kuye ngaphakathi kwebele kuze kufike engonweni. Uzwe ukuthi akukho sigaxa, ukuvuvuka noma ushintsho olukhona. Hlolisisa kahle ulandelele kusukela ekhwapheni. Yenza okufanayo kolunye uhlangothi. Uma kubakhona isigaxa ositholayo, bonana nomtholampilo noma nodokotela wakho ngokuphuthuma. Uma uneminyaka yobudala eyevile kwengama-40, kubalulekile ukuhlolwa udokotela noma kanye ngonyaka ngaphezu kokuzihlola wena. Kuphinde kubaluleke nokwenza i-Xray yebele, imammogram, uma iminyaka yobudala seyevile kwengama-40 futhi uma ninomlando walo mdlavuza emndenini. Uma kutholakala isigaxa kuthathwa isicubu sesigaxa kanye nemammogram.
Ulashwa kanjani Umdlavuza webele?
Kunezinhlelo ezahlukene zokwelapha umdlavuza. Uhlelo olufanelekile lulawulwa yisigaba somdlavuza okusona. Isikhathi esiningi kuba yizinhlaka okungenani ezimbili. Sibheka izinto ezahlukehlukene ukuqaphela ukuthi uthola ukwelashwa okufanelekile. Iminyaka yakho, ubukhona bomdlavuza webele emndenini wakho osondele, ubungako besigaxa, ukutheleleka kwezindlala, inani lazo kanye nokutheleleka komdlavuza kwezinye izitho zomzimba.
Ukuhlinzwa
Lolo hlobo lokwelashwa lungenzeka ngokukhipha isigaxa kuphela noma ukukhishwa kwebele okanye womabili kanye nezindlala. Lapha usuke ubonwa udokotela onguchwepheshe ekwelapheni ibele ngokuhlinza (Surgeon).
Uma ukhishwe ibele qinisekisa ukuthi uyaluthola lonke usizo lokubhekana naleso simo ngoba akubilula kuwowonke umuntu. Ukuhlangana nomuntu oseke wabhekana nalesi simo kuyasiza kakhulu.
Izithako ezibulala umdlavuza
Lolu hlobo lutholakala ngemijovo ye-drip noma ngamaphilisi. Lapha usuke ubonwa uhlobo lukadokotela onguchwepheshe wokwelapha umdlavuza ngezithako. Kuyenzeka uzizwe ungaphilile emveni kokwelashwa ngechemotherapy, yakha izindlela zokubhekana nalesi simo, njengokuthi uziphoqe ukuthi uyolala emveni kokuthola lokhu kwelashwa.
Ukwelashwa ngemisebe
Ngokujwayelekile abantu bathi ukushiswa (Radio Therapy). Imisebe ithunyelwa ngqo kule ndawo emakiwe enomdlavuza, ukungena kwayo kubulala izicubu eziwumdlavuza qobo. Nalapha welashwa uhlobo lukadokotela onguchwepheshe wokwelapha umdlavuza ngezithako kanye nemisebe.
Ukwelashwa kwamahomoni
Unganikezwa namaphilisi angama-hormone ukuthi uqhubeke uwasebenzise ukuthiba ukuthi emva kokwelashwa ungaphinde noma wehlise amathuba okuphinda uphathwe umdlavuza.
Kungethusa ukwelashwa izinhlobo eziningi zodokotela kodwa ungavumeli ukuthi lokho kukwesabise. Ayikho into enganqobeki. Yiba nabantu okhulumisana nabo uma ubona sengathi uphelelwa yithemba. Abomndeni, abangani kanye nabantu abahambisana nokholo lwakho bangaba nesandla esihle nesikhulu ukuthi uhlale unethemba.
Vumela umqondo wakho ukuthi wakhe izindlela ezintsha zokuphila nomdlavuza kanye nokubhekana nezigqinamba zokwelashwa. Khumbula “Ukutholakala kwalo mdlavuza kusenesikhatha kusindisa impilo”. Ngokulandela imigomo efanelekile, Sizonqoba!