ISudan ikhokhele i-USA yazikhalela eBhange Lomhlaba naku-IMF ngesikweletu
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Izwe iSudan selisidlulisile isinxephezelo elalivume ukusikhokha kubagilwa base-USA abahlaselwa ngamasosha nemindeni yabo okuvule indlela yokuba leli lizwe liphinde libuye emnothweni womhlaba ngemuva kweminyaka ecishe ibe ngamashumi amathathu lakhishwa, lokhu kushiwo umbusi webhange elikhulu kuleli lizwe ngeledlule.
Imali eyizigidi ezingama-$335 ekhokhwe yileli lizwe kuyingxenye yesivumelwano ne-United States of America (USA) sokuthi iSudan isuswe ohlwini lwayo lwabaxhasi babashokobezi nokuphekula, lokhu kufakwa kulolu hlu sekube yisithiyo esikhulu kuleli zwe njengoba lifuna ukulekelelwa ezikweletini liphinde liboleke nemali ngaphandle.
“ISudan isiyikhiphile le mali edingakalayo,” kusho umbusi webhange uMnu uMohamed al-Fatih Zainelabidine ngesikhathi ekhuluma esithangamini sabezindaba.
Ngenxa yonswinyo oluqhamuka e-USA olusukela ngeminyaka ye-1990, ukuxhumana namabhange angaphandle neSudan kwanqanyulwa kodwa uZainelabidine uthe amabhange angaphakathi kuleli lizwe angaqala ukubuyisa ubudlelwano namabhange angaphandle kusukela ngesonto elizayo kulandela isenzo sokukhokha isinxephezelo.
“Umnotho wakuleli zwe ngeke uluzwe ushintsho olutheni kusasekuseni,” kukhuza uNgqongqoshe obambile Wezezimali uHiba Mohamed Ali khona esithangameni sabezindaba.
“Kepha kuzoba nokuthuthuka okusheshayo, okufaka phakathi isimilo nokuziphatha.”
Uguquko oluzokwenzeka ngemuva kokuthi leli lizwe likhiphe lesi sinxephezelo ngukuthi kuzoqedwa izikweletu nezibophezelo ezithize leli lizwe elinazo kuWorld Bank kanye ne-International Monetary Fund (IMF).
“Silungiselele futhi sidlula esigabeni esibucayi kakhulu futhi uzozwa izindaba ezinhle ngakho kungekudala,” kusho u-Ali.
Ngemuva kwakho konke lokhu, iSudan izofaka isicelo sokuncishiswa kwesikweletu sayo ngaphansi kwe-IMF kanye nohlelo lwe-World Bank elibizwa iHeavily Indebted Poor Countries (HIPC), olwaluzovumela leli lizwe ukuthi lihlanganise izikweletu zayo eziyizigidi ezingama-$60 ezahlukene zibe sechibini elilodwa kusho u-Ali.
ISudan ibisenkingeni yezomnotho iminyaka eminingi. Njengoba upondo wakuleli zwe usungama- 220 kudollar laseMelika, kodwa uma kukhumbuleka kahle eminyakeni emibili edlule belingama-50 futhi leli zwe likweleta imali eyizigidi ezingama-$60 ngaphandle.
Kodwa okubonakalayo ngukuthi lesi simo somnotho ontekenteke sithande ukukhuphuka ngezinga elithusayo kusukela kwaqunjwa phansi umbuso kaMnu u-Omar al-Bashir ngonyaka odlule.
Kuleli sonto kuvele ngomlomo kaMshushisi uFatou Bensouda ukuthi u-al-Bashir kanye nabanye abasolwa abafunwa yi-International Criminal Court (ICC) ngamacala ezezimpi kanye nokubulalana kwezinhlanga eDarfur kumele babhekane nengalo yomthetho ngokushesha, kuphindwe izindlela zokubashushisa, kufaka phakathi ukuqulwa kwecala eSudan njengoba lokhu kudingidwa iziphathimandla zalelizwe.
“Sibona kuyinto engenzeka, bonke kumele babhekane nobulungiswa ngaphandle kokulibala.”
I-ICC inezimvume zokuboshwa kukaBashir kanye nabanye abathathu ngamacala ezezimpi, ukubulalana kwezinhlanga kanye namacala abhekiswe esintwini.
Ukunqubuzana eDarfur kwanda kakhulu kusukela ngonyaka wezi-2003 ngenkathi iningi lamavukelambuso elingewona ama-Arabhu lithatha izikhali lilwa noHulumeni kaBashir, okwadala umkhankaso wengcindezelo wamasosha ezwe kanye namasosha ama-Arab. Izi-300 000 zabantu
kuhlawumbiselwa ukuthi bashona ngenxa yalezi zimpi kwathi abayizigidi ezi-2.5 baduka ezindaweni ababehlala kuzo.
UBashir usejele eKhartoum selokhu aphoqwa ukuba ehle esikhundleni ngoMbasa kowezi-2019 kulandela izinyanga zemibhikisho kuleli lizwe.