Now Reading
Ngabe uMalema angaliphatha kangcono elakuleli?
Dark Light

Ngabe uMalema angaliphatha kangcono elakuleli?

Babona uMalema engaliphatha kangcono elakuleli


Inzima yona le ndlela kodwa lo muntu ukhaliphile izinto azilwelayo lapha eNingizimu Afrika yizona i-ANC okufanele engabe kade yazenza kodwa iyehluleka ngenxa yokuthi nayo ayiziphethe. 

Uma engase angalenzi iphutha avume imali yabelungu koba kuhle uyoliphatha-ke izwe. Ungikhumbuza uRobert Mangaliso Sobukwe, uSteve Bantu Biko amadoda ayengancethezi, uThomas Sankara abaholi beqiniso base-Afrika ababengabafuni abelungu. – nguDokotela Dumie

Yena angaliphatha sekuyohluka ekutheni usebenzisana kanjani namazwe anomnotho nokuthi uHulumeni wakhe uyokwazi yini ukwakha amathuba entsheni njengoba lo okhona uhluleka. Ngiyabona abanye basanokwesaba basiqhathanisa neZimbabwe. Inkinga yabo basaba okungaziwa kulele nje ekutheni uzosebenzisa kanjani namanye amazwe ukuze izwe lethu lizonotha. – nguSizwe G Nzwakele

Umadubula egijima unxakanxaka uqobo lwakhe, usigqoko esinembobo, usikhafula gazi. Uxolela ukufa uma kukhulunywa ngesithunzi somuntu omnyama. Ungikhumbuza uMama uWinnie Madikizela Mandela. Ngiyaqala ukubona umuntu ophendula amaBhunu ukuthi impi azoyithola uma eyifuna. Izwe lilambele umholi ongeyona incethencethe yamaBhunu. Lona UmAfrika woqobo omelene nongxiwankulu. Ngizizwa ngiphephile kuleli lizwe. – nguMondli Dladla

UMalema unesibindi, nenkani, futhi akancethezi. Uyena muntu ongenza umehluko obonakalayo kuleli lizwe ngokushesha. Kuphakathi kokuthi angaliqumba phansi izwe noma angalivusa. Kodwa yena angawenza umehluko ngoba uma efuna into uyayilwela ngale kokukhathalela ukuthi obani bazothini. – nguMbongeni Leonard

Kukhona abantu abalungele ukuba kude nokuphatha , abalungile behola bekude. Kodwa kunzima ukubeka uvo lwakho ngomuntu ongakaze usebenze naye eduze. Kodwa ngokubiza kude umholi ofana noMalema uyadingakala ukuze azoguqula ngokushesha ukuhlupheka kwabacindezelwe, ipolitiki nombangazwe. Ngeke uye ndawo uma uzoncenga into ebolile.  Isimo sezepolitiki simbi kakhulu, Uma ubuka izinga lokubuyiselwa komhlaba, siyihlaya nje. Izindawo ababecindezelwe abahlala kuzo zikwenza ubone ukuthi iseyinde indlela. Futhi nabaphethe abakhombisi ukulu sukumeka phezulu. UMalema usebenzisa lelo nxeba, futhi liyansebenzela. Okusho khona ukuthi uyadingakala. – nguMpilo Nxumalo

Le nsizwa iyona njengamanje emele isithunzi sowoHlanga futhi imibono yayo ijule kakhulu ngakho-ke angaliphatha leli lizwe nokungasiza ukuthi sibuye isithunzi sowoHlanga ngokuthi babuyelwe umhlaba kanye nenkululeko yomnotho. – nguThulani Sodiza Mathabela

Impela siyamdinga azolungisa izwe ngoba njengamanje uye umholi, ubheka ukuphulwa kwemithetho yezwe bese ekhuluma esidlangalaleni ngalokho ngaphandle kokuba novalo. Okunye ukulungiswa komnotho kanye nokubuyiswa komhlaba uyakukhuluma ngaphandle kovalo siyamdinga siyiNingizimu Afrika kanye nezwekazi i-Afrika. – nguMbongeni Hopewell Shange

UMalema ungumholi okhaliphile kakhulu onesibindi nombono ngezwe ikakhulu ngaboHlanga. Njengoba iminyaka isamvuma nje, uzothola isipiliyoni esingamlekelela uma kufika ithuba lokuhola izwe. – nguChris Ntuli


  Abamboni uMalema ephatha izwe


UMalema uma umbhekisisa isibonelo esingesihle. Uyathuka, ugqugquzela impi nenzondo kanti uthinkeka nasenkohlakalweni. Uma enabantu abahluphekayo uzigqokela ama-overoli kodwa uphila ubukhazikhazi nezithabathaba zemizi.

Okunye okudidayo ngaye ile nto yokuthanda abantu bokufika ufuna bathole izibonelelo nezindlu kodwa abantu bakithi bentula. – nguSandile Mthimkhulu

UMalema unesibindi nolwazi futhi unakho okodlame hhayi ngoba enodlame kodwa i-ANC ifuna umuntu onjengaye vele ukuze kuzwakale okushoyo. Kodwa ekuphatheni izwe kuningi abantu abangakwazi ngaye. Yonke into ayenzayo ifuna izimali ezishisiwe asazi uzithathaphi inkinga enkulu leyo esiyohlangana nayo esephethe njengayo i-ANC. Iqembu elibusayo linezishoshovu ngaphezu kukaMalema inkinga bona basembusweni bayadla nakuye koba njalo. Leli lizwe eliphethwe ngentando yeningi liyomxaka uMalema, liyomehlula indlela ayiyo kodwa ngiyamfisela ukuthi alihole. Sisazozwa amahlazo ngaye, akamsulwa lapha emalini yomphakathi. Noma kunjalo iqiniso uRamaphosa uyalwa nenkohlakalo kodwa ngeke ayinqobe naye ngoba isekhaya. Nakuye uMalema koba njalo ngoba oShivambu laba abekho msulwa. – nguPhiwayinkosi Gumbi

See Also

Okwamanje ngisamthanda ephikisa. Akulula ukuqagula ngomuntu ongakaze ahole ngisho umnyango owodwa kaHulumeni simbone ukuthi uwuphatha kanjani bese simane sigxume nje simfune ekuholeni izwe. Ukuhola kudingeka umuntu obonisekayo, ongazicabangeli yena, ongaphikisi izinto ngokwemizwa yakhe kodwa ozomela iNingizimu Afrika yonkana. Bambalwa abantu abanjalo. – nguSphamandla Khuboni

UMalema ungumnjunju eqenjini elibusayo kodwa ukuhola elengabade kukude naye njengoba umlando we-Afrika usho ukuthi amaqembu akhulula lelo nalelo lizwe awabe esazidedela izintambo zombuso. Ngakho-ke njengoba uMalema engekho eqenjini elakhulula izwe amathuba akhe amfiliba. – nguMthandeni Manana

Ngeshwa akakulungele ukuhola izwe lethu. Okokuqala uthi umhlaba awubuyele kuHulumeni lona ongabakhathalele abantu bakithi. UMasipala waseGoli wadiliza izindlu zabantu ngoba ethi bakhe endaweni yakhe ngokungemthetho. Umbuzo uthi kungani engabakhokhisanga imali yezitende? – nguMduduzi Md Madela

Izwe libuswa ngokubonisana futhi ubhekelela bonke abantu hhayi iqembu lakho kuphela. Alibuswa ngomsindo ophelela emoyeni. Usadinga ukukhuliswa kwezepolitiki. Angeke nangebhadi nje ahole izwe. Ngisho nokuba ungqongqoshe nje akakakulungeli. – nguDumisane Ndumiso BNkk

Angiwaboni amava okuhola elengabade, thina aboHlanga asinayo indlala yabaholi bakhona baningi. UMalema ungumholi ophakanyelwa umoya oyisihonga kanti asimdingi umuntu onjengaye ongusomathuba nenhlese yenkohlakalo. Akahlale lapho ekhona aqhubeke nokubhavula. – nguJoe Nkomo Ngubeni

UMalema sengathi angathatha indawo yesibili hhayi ukuthi aphathe. Phela singalamba uma kungaphatha yena. Ngiyamuthanda kakhulu futhi siyabadinga abantu abafana naye. – nguSbongile Queen Reeds

Scroll To Top