Ezakamuva

JOYINA NGENA
Dark Light

Ithemba lempumelelo oSuthwini kule sizini

nguSabelo Maphumulo

Kubukeka sizofezeka isifiso somqeqeshi wa-AmaZulu FC u-Ayanda “Cobra” Dlamini sokuthi leli qembu liqede libalwa namane aphezulu kulogi ye-DStv Premiership ezoqala kule mpelasonto.

Leli qembu elisinde ngemizuzu yokugcina ukuba lidliwe izembe okanye liyodlala amaplay-offs, ngesizini edlule lethule abadlali balo abasha abali-10.

Kulaba badlali abasha cishe mathathu amagama abengalindelekile okunguLimbikani Mzava obekuHighlands Park, uLuvuyo Memela obeku-Orlando Pirates no-Augastine Mulenga naye obekweZimnyama obesekuvele ukuthi uyogijima kwiTTM. 

Abanye abethuliwe uMakhehleni Makhaula, uSicelo Mkhize, uSphamandla Nene, uThembela Sikhakhane, uSamkelo Mgwazela, uSiphelele Mthembu noSimphiwe Tshabalala wodumo kuKaizer Chiefs neBafana Bafana. 

See Also

Ebuzwa uMnu uSandile Zungu onguMegameli omusha woSuthu ukuthi ngabe ibona kuphela yini laba badlali leli qembu elizogadla ngabo kule sizini uthe: “Kusasele isikhathi ukuthi kuvalwe iwindi. Isifiso sethu ukuqinisa epalini, uMbatha (Siyabonga) wenza kahle kakhulu kodwa sifuna ube mningi umbango.”

UMbatha uyena ozoqhubeka abe ngukaputeni weqembu, lokho kuqinisekiswe uDlamini, obebonakala ukuthi uyasethemba isikwati sakhe. 

Scroll To Top