Ezakamuva

JOYINA NGENA
Dark Light

Ibhasi lithathwe umfundi umshayeli esaminya ubhiya

ngu-Andile Moshoeshoe

Kumiswe inkampani yamabhasi ethutha izingane zesikole sezolimo, iMoshesh Agricultural School, eMatatiele ngaphansi kwesifunda i-Alfred Nzo okusolwa ukuthi umshayeli wayo unike omunye wabafundi ibhasi ukuba alishayele ngesikhathi yena esaphuza ubhiya.

Le nkampani iMopheme Transport Cooperatives ibithutha abafundi bezikole eziyisi-8 kulesi sifunda.

Lesi sigameko sibonakala ku-video eqoshiwe lapho umunye wabafundi ebonwe eshayela ibhasi ngesikhathi umshayeli eme eduze kwakhe ephuza ubhiya. 

Incwadi ebhalwe uMqondisi wezokuthutha e-Eastern Cape, uMnu uSomdyala, mhla zili-16 kuMfumfu imisa ngokushesha le nkampani njengoba ikhala ngesenzo salo mshayeli okhombise ukungaziphathi kahle nokungawuhloniphi umsebenzi. 

“Sithuke kakhulu yilesi sigameko lapho umshayeli wakho enikeze umfundi wesifazane ukuthi ashayele ibhasi elinezinimbolo ezithi JBK 123 EC ngesikhathi yena eqhubeka nokuphuza ubhiya,” kusho incwadi.

See Also
Kumenyezelwe izinguquko ezinqala kuPSL

UMnyango ukubona lokhu kuyicala elibomvu nokuphulwa kwesivumelwano inkampani ebinaso nawo. Esinye isikhulu, uMnu uMonwabisi Mbangeni, sikuqinisekisile ukuthi le nkampani imisiwe.

Le nkampani ayitholakalanga ukuphawula.

Scroll To Top