Now Reading
Siqhwiza umentshisi ngoMgqibelo eGauteng
Dark Light

Siqhwiza umentshisi ngoMgqibelo eGauteng

Emva kwezinyanga eziyisikhombisa kwagcina ukuthi kube khona imiqhudlelwano yamankomane kuleli eyamiswa ngenxa yokhuvethe, 

kule mpelasonto kulindeleke ukuthi indlala yezimpi iphele kubathandi balo mdlalo. 

Umqhudelwano ozobe ubhekwe ngabomvu kule mpelasonto ngoweGolden Gloves owaziwa nge-4@War ozobanjelwa e-Emperors Palace, eGoli kusasa ngoMgqibelo.

Okujabulisa kakhulu ukuthi abathandi balo mdlalo bazokwazi ukuwubuka kumashaneli akwaSuperSport okuyiSuperSport Action (DStv 210), iSuperSport Grandstand (DStv 201) neSuperSport Variety 3 (DStv 208).

Impi ezobe ibhekwe kakhulu ekaBrandon Thysse noBody Allen ozobe evikela ibhande lakhe leWBA Pan African Junior-Middleweight.

UThysse odabuka eGermiston, eGoli, le mpi kade ayilangazelela kwazise egcina ukuhlulwa washaywa nguye u-Allen empini eyayingonyaka odlule. Impi yakhe yokuqala yaba ngowezi-2015 lapho ayetholene khona noDennis Mbath odabuka eNigeria kodwa osezinze kuleli. 

Empini ayilwile uThysse yokugcina ibingoLwezi nyakenye nalapho anqoba khona ngeKnockout (KO), equmba phansi uRoarke Knapp. Le mpi yayibanjelwe khona e- Emperors Palace.

Kanti okunguye oviikela ibhande u-Allen, ezimpini eziyisi-6 asezilwile kusukela ngonyaka wezi-2018 induku akayazi nhlobo. Empini yokugcina ayilwile ibe nyakenye lapho aginqa uTristan Truter. 

Khonamanjalo, kwezinye izimpi ebezibhekiwe kodwa kwashintsha izinto uJonas Sultan wasePhilippines ubezotholana phezulu noRicardo Malajika kweyebhande elingaphethwe umuntu le-IBO Intercontinental Junior Bantamweight. Enye ibiphakathi kukaJabulani Makhese obezovikela ibhande leWBA Pan Africa ne-IBF Africa Junior Welterwight kuHarry Simon waseNamibia.

Nangempelasonto ezayo zizokuba khona ezihlelwe iTLB Boxing Promotion, lokho kuqinisekiswe uNks uCindy Nkomo oyiBamba leSikhulu Esiphezulu kuBoxing South Africa (BSA).

ULehlonono “Hands of Stone” Ledwaba weTLB ukusho kwagcwala umlomo ukuthi ahamba kahle amalungiselelo omqhudelwano wabo nakuba bengeke benze nzuzo. Sebecabangela amabhokisa ukuze kuzothi uma kuvulwa konke aqhubekele phambili. 

See Also

Uthe izimpi zabo zizoba seKlispruit ngaseMaponya Mall, eSoweto. ULedwaba owazakhela igama evikela i-IBF Super Bantamweight kahlanu phakathi konyaka we-1999 kuya kowezi-2001, uthe bazoba nezimpi eziyisikhombisa ngalolu suku. 

Phezulu eqhulwini ngekaThulani “Tulz” Mbenge waseMdantsane, e-Eastern Cape, ozobanga noKatembo Kuvesa waseDemocratic Republic of Congo (DRC) ibhande elingaphethwe muntu le-African Boxing Union (ABU) Welterweight. 

Kubukeka uMbenge kuzomele anqobe noma kanjani kule mpi. Uphuma esibhaxwini sikaSebastian Formella waseGermany omphuce ibhande le-Interntional Boxing Organisation (IBO) Welterweight empini ebisekuhambeni ngoNtulikazi nyakenye. 

UKuvesa akanamlando otheni kwezamankomane njengoba engakaze alwele nelilodwa ibhande. Ugcine elwe ngokulingana no-Obodaa Sai waseGhana ngoNcwaba. 

UZandile Malinga weStarline Promotions uveze ukuthi bahlela ukwenza umqhudelwano ngasekuqaleni konyaka ozayo. Kuwo bafuna uGcina Makhoba avikele ibhande leWBF International Junior Bantamweight alithatha eshaya uMsawenkosi Ndwandwe ekuqaleni kwalo nyaka. 

Scroll To Top