Now Reading
Uma onompempe bengadlalisa kahle singanqoba – Shezi
Dark Light

Uma onompempe bengadlalisa kahle singanqoba – Shezi

Iqembu eligijima ku-ABC Motsepe ngaphansi kwesifundazwe iKwaZulu-Natal i-Ethekwini Coastal lingelinye la maqembu elike lazithola ligijima emqhudelwaneni womkhumulajezi iNedbank Cup.

I-Ethekwini Coastal kaLindani “Mantayi” Shezi kwakungunyaka wezi-2012 ingena kuNedbank Cup Last 32, yaba nebhadi elaba yinhlanhla njengoba yaqhathwa ne-Orlando Pirates. Okwenza kwaba yinhlanhla ukuthi lo mdlalo wabe ubhekwe yizinkumbi zabalandeli, kanti okwaba yibhadi kwakungumdlalo onzima. IPirates yagcina inqobe ngegoli elilodwa eqandeni nelavalelwa phakathi uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni ngomzuzu wama-86.

INedbank Cup umqhudelwano owafika kwezwakala kuleli wazakhela igama ngokuvundulula amakhono acashile kwazise phela, njengoba udlalwa amaqembu angama-32 kubalwa ali-16 agijima kuDStv Premiership, ayi-8 akuGladAfrica kanye nayi-8 asemazingeni aphansi.

Kule mpelasonto esifundazweni iKwaZulu-Natal ku-ABC Motsepe League uyaqhubeka umshikashika wemidlalo yokuhlungela ukungena kuyona iNedbank Cup Last 32. Mane amaqembu okumele adlale iqembu elizonqoba lapho lizobe selilinda elinqobe kuSAB League lidlale nalo kowamanqamu. I-Ethekwini Coastal ingelinye la maqembu amane asele, izodudulana neSummerfield Dynamos. Lo mdlalo uzokuba kusasa ngoMgqibelo eChatsworth Stadium, uzoqala ngelesi-2 emini.

ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile nomfokaShezi ngobumqoka balo mdlalo nangamalungiselelo wawo. “Amalungiselelo ahamba kahle kakhulu, ngoMsombuluko abafana sibenzise izinto ezincane kwazise bebedlala ngempelasonto sibe sesiqala ukuthi sijime ngokujwayelekile ngoLwesibili. Noma ingabe kuthiwa kwenzakalani kulo mdlalo ngokwemiphumela ngeke sikhale kakhulu. Iqembu lethu linabadlali abancane ngokweminyaka, ngamafuphi nje thina siyinkulisa. Ngoba eqenjini sinabadlali abaneminyaka eli-16, eli-17 abanye bebe neminyaka eli-19. Lokho kukutshela ukuthi laba badlali basadinga ukukhula, nakulo mdlalo bayofunda okuningi kuwona ngoba sizodlala neqembu elinabadlali abanamava nomqeqeshi onamava” kusho uShezi.

Lo mqeqeshi uthe yize enakho ukwethuka njengoba beya kulo mdlalo kodwa uthe uma onompempe bengadlalisa kahle kukhona okungenzeka okuwukunqoba. I-Ethekwini Coastal ifika kowandulela owamanqamu nje iginqele i-X1 Experience yabe isihlula iGreenWood Park (GWP) Friends kumaphenathi. ISummerfield Dynamos iqeqeshwa uClinton Larsen, kanti inabadlali abanamava okubalwa uSandile Zuke owake wagijima kuKaizer Chiefs, uLucky Nguzana ogcine ukubonakala kuMbombela United kanti naseTurkey uke wadlala khona ku-Umraniyes or kukhona nabanye abadlali abanamava kuleli qembu. Yona ihlule iHappy Wanderers ngegoli elilodwa eqandeni, kowesibili yehlula iStone Breaker ngamabili kwelilodwa.

See Also

Ebuzwa ngokungalindelwa kuleli qembu kule sizini ezoqala emasontweni azayo uthe: “Sizokwenza kahle kakhulu kule sizini nginethemba elikhulu. Okwenza lokho ingoba sithole isikhathi esanele sokuzilungiselela, kanti ngesizini edlule asibanga khona isikhathi njengoba ukhuvethe lalusadle lubi nje. Engikuqaphelile okuyikho okusilahlekelise ngamaphuzu ngesizini edlule ukuyeka amathuba alula, lokho kodwa sesikulungisile. Namanje ngisasho onompempe uma bengeke basifaka umunwe esweni sizokwenza kahle” kugcizelela uShezi.

Leli qembu lisanda kushiywa umdlali walo okade efana nesithenjwa kubona uLangalakhe Mhlongo, othole inqayizivele yethuba lokusayiniswa iqembu eligijima kwiGladAfrica Championship iRichards Bay FC.

USiyanda Xulu naye ungomunye wabadlali abakhiqizwa i-Ethekwini Coastal. Amanye amaqembu azodlala owandulela owamanqamu iNewcastle All Stars neMuzi King Masters emdlalwaneni ozoba seParadise Stadium, uzoqala ngelesi-2 emini.

Scroll To Top