Now Reading
UNcikazi ubona isizini ezoqala i-Arrows izokwenza kangcono
Dark Light

UNcikazi ubona isizini ezoqala i-Arrows izokwenza kangcono

Isizini esanda kusongwa iphele izinto zingabahambeli kahle Abafana Bes’thende kuligi


Akusele isikhathi esingakanani ngaphambi kokuthi kuqale isizini yangowezi-2020/2021 yeligi enkulu kuleli iDStv Premiership ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL).

Lokho kuchaza ukuthi amaqembu aseqalile ukuzilungiselela. Ekuzilungiseleni kwawo kubalwa ukuziqeqeshela isizini entsha, ukuxoshwa kwabadlali nabaqeqeshi nokusayiniswa kwabadlali abasha.

ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile nephini lomqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uMandla Ncikazi (osesithombeni), ukuzwa izinhlelo zaleli qembu zangesizini ezayo.

“Njengoba iwindi lokusayinisa abadlali livuliwe sifuna ukuthola umgadli ongalibheki ipali nomdlali wasemuva maphakathi. Uma kungabukwa imidlalo yethu amathuba siyawenza kodwa sihluleke ukuwasebenzisa, emuva sinezitobha ezimfushane, sidinga isitobha eside esizokwazi ukungqofa amabhola,” kusho uNcikazi oyiphini likaSteve “Mphathi” Komphela.

Lo mqeqeshi oneminyaka yobudala engama-51 usesebenze nabaqeqeshi abaningi eyiphini, lapho kubalwa uManqoba Mngqithi, uMushin Ertugral, uZoran Filipovic, uShaun Bartlett, u-Ernst Middendorp, uMark Harrison, uKhabo Zondo noClinton Larsen.

ElaboHlanga libuza uNcikazi ngokufuna kwaleli qembu uCelimpilo “Zizo” Ngema odlalela uThongathi FC uthe: “Sekuphele iminyaka emibili ngimdinga uZizo, unethalente eliyisimanga angingabazi uma kungathiwa siyamsayinisa angafike athi khaxa kithina. Ngeke ngaqamba amanga sinoKomphela siyamdinga kakhulu futhi neminyaka isamvumela.”

Ngesizini edlule sekudlalwe imidlalo engama-23 iLamontville Golden Arrows, ibibalwa namaqembu ayisi-8 aphezulu, imidlalo yase iyamiswa ngenxa yokhuvethe. Ukubuya kwayo ngoNcwaba izinto zibhedile kuleli qembu njengoba isizini isongwe lilele endaweni ye-12 kulogi. Empeleni emidlalweni yokuqedela kubukeka wonke amaqembu ebe nezinkinga nokwenze angathola imiphumela emihle.

UNcikazi echaza inkinga yaBafana Bes’thende uthe: “Kungekhona ukuthi siyazivikela kodwa engingakusho siye eGoli ukuyoqedela imidlalo sixhugela kakhulu njengoba sasilinyalelwe abadlali abayisi-7 abawumgogodla weqembu. Kwasiphoqa ukuthi sisebenzise abadlali abancane, okube nzima kubona njengoba bese kuyophela isizini, akekho ongazi ukuthi kusuke sekungasadlalwa. Kube nzima kakhulu njengoba bekusiphoqa ukuthi sidlalise izingane ezinhlanu nangaphezulu.”

Kulaba badlali ababelimele kukhona uMicheal Gumede, uSiyabonga Dube, uDanny Phiri, uDivine Lunga, uGladwin Shitolo, uNkosinathi Sibisi no-Edmore Sibande. Omunye uKnox Mutizwa kodwa owakwazi ukuthi asheshe alulame.

Emidlalweni eyisi-7 yokuqedela ihlulwe kwemihlanu iStellenbosch FC, iBlack Leopards, iCape Town City, iChippa United neMamelodi Sundowns, idlale ngokulingana neBidvest Wits neBloemfontein Celtic.

Emdlalweni eyahlulwa kuwona yiSundowns kwaba nokukhulu ukukhuluma kwaze kwasolwa umdlali waleli qembu uThabani Zuke ngokudayisa umdlalo.

See Also

“Kwaba udaba olusematheni kakhulu lolo. Engingakusho ukuthi uZuke usemncane kabi, unekusasa eliqhakazile wayengeke adayise umdlalo futhi iSundowns yayingazi nokuthi uzodlala. Izintatheli zalapha eNingizimu Afrika eziningi zilandela iKaizer Chiefs, yingakho zavele zabona udaba ephutheni elenziwa nguZuke. Salibona sonke iphutha kodwa lokho akusho ukuthi wawudayisa umdlalo. Baningi abadlali abenza amaphutha kuthulwe. USamir Nurkovic iChiefs ibhekene neWits washweba ngaphansi kwepali akubhalwanga lutho ngaye,” kusho uNcikazi.

I-Arrows iqale ukuziqeqesha ngoMsombuluko owedlule, uNcikazi uthe iyamjabulisa indlela ayiyona uZuke emuva kokuthi ebhekane nesimo esinzima nesimenze wacishe walahlekelwa ikusasa lakhe. Leli qembu eliphethwe nguMato Madlala ophinde abe yiSikhulu Esiphezulu kuPSL, lizodlala umdlalo wobungani neMaritzburg United enkundleni engaphandle kweMoses Mabhida Stadium.

Ekhuluma ngezifiso zabo kule sizini, uNcikazi uthe: “Asilona iqembu ongathi ulindele izinto ezinkulu kakhulu kulona kodwa esikufisayo ukuqeda endaweni esingakaze siqede kuyona kulogi noma siyinqobe iligi uma kwenzeka. Sifuna ukuqhubeka sikhiqize abadlali abancane abazomela iqembu lesizwe nabazoya phesheya kwezilwandle.” 

Umdlali oseke wadlala phesheya ekhiqizwe yileli qembu uKagisho “KG” Dikgacoi owadlalela iFulham, iCrystal Palace neCardiff City okungamaqembu ase-England. 

I-Arrows izodlala isizini yangowezi-2020/21 ngaphandle kukaLerato Lamola, uSibusiso Sibeko, uMusa Bilankulu noDanny Venter, uShitolo noNkosingiphile Phewa.

Scroll To Top