Now Reading
Ligqabukile igoda: UPitso uhambe ngokuthanda kwakhe kuDowns?
Dark Light

Ligqabukile igoda: UPitso uhambe ngokuthanda kwakhe kuDowns?

Kuyinto engemnandi eqenjini ukuhamba komqeqeshi ofana noMosimane obeselizuzele okuningi


Akulona nelincane ihaba ukuthi iMamelodi Sundowns ngaphandle kukaPitso “Jingles” Mosimane ingase ifane nedolobha elikhulu elingenawo ugesi.

UMosimane usebe yisibani esihole amaBrazilians ngempumelelo kulesi sikhathi asihlalile kuwona. Izindaba zokushiya kwakhe kuSundowns zimangaze abathandi bakanobhutshuzwayo abaningi eNingizimu Afrika ngoLwesithathu, ngisho nalabo abangebona abalandeli baleli qembu laseChloorkop.

UJingles ungomunye wabaqeqeshi abangasoze balibaleke kunobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika ngenxa yamagalelo akhe. Esanda kufika kuSundowns uMosimane wake waba nyamanambana kubalandeli beqembu izinto zingahlangani ngowezi-2012. Kukhona izikhathi lapho ake aphuma khona ngesamagundwane enkundleni njengoba kuke kwenzeke kwabanye abaqeqeshi uma izinto zingahambi kahle ngokwemiphumela.

Nokho uMengameli weqembu uPatrice Motsepe akazange atatazele. Wamlinda, wameseka uMosimane izinto zaze zahlangana. UMotsepe wasebenzisa enkulu imali ukuthengela uMosimane abadlali ukuze abumbe inqanawe yeqembu. Ukungatatazeli kukaMotsepe kwathela izithelo ezinhle ngokuhamba kwesikhathi.

Ngowezi-2013/2014 uMosimane wanqoba isicoco seligi neSundowns. Wakuphinda lokho namaBrazillians ngowezi-2015/2016, 2017/2018, 2018/2019 nangowezi-2019/2020, ekhala emuka nendebe yeligi. Uphinde wadla iNedbank Cup ngowezi-2014/2015 nangowezi-2019/2020. Akagcinanga lapho ngoba ukhale wemuka neTelkom Knockout ngowezi-2015 nangowezi-2020. Ngowezi-2016 unqobe iCAF Champions League neSundowns, wase eyeleka ngeSuper Cup ngowezi-2017.

Ngaphambi kokufika kuSundowns uMosimane ubengumqeqeshi weqembu lesizwe laseNingizimu Afrika, iBafana Bafana.  Wayekade eyiphini likaCarlos Alberto Parreira noJoel Santana ngaphambi kokunikwa umsebenzi wokuhola iBafana ngowezi-2010.

Ukubizwa kwakhe ukuthi ayosebenza kuBafana Bafana kwakukade kugqugquzelwe ukwenza kahle kwakhe kuSuperSport United, lapho anqoba khona iSAA Supa 8 ngowezi-2004, wase elandelisa ngokuphakamisa iNedbank Cup ngowezi-2005. Ngesikhathi esasebenza kuSuperSport kwaze kwaba kabili ecishe edla isicoco seligi kodwa iqembu lakhe ligcine lilale endaweni yesibili.

UMosimane usedle umhlanganiso njengomqeqeshi ovelele amahlandla amane kuPremier Soccer League. Ukwenze lokho ngowezi-2013/2014, 2015/2016, 2017/2018 nangowezi-2018/2019. Ngowezi-2016 udle umhlanganiso njengomqeqeshi ovelele e-Afrika. Kuwona lo nyaka ubekleliswe endaweni yeshumi kubaqeqeshi abahamba phambili emhlabeni jikelele.

Ukushiya kukaMosimane kuSundowns kuqinisekiswe uMotsepe ngoLwesithathu, othe uyamnika izibusiso zakhe ukuthi ayozama ukuzibonakalisa kwenye indawo. Kwenzeka lokhu nje kungekudala uMosimane ubesayine inkontileka yeminyaka emine kuSundowns, obekuchaza ukuthi uzohlala kuyona kuze kube owezi-2024.

Nokho ibilokhu ivela eyokuthi ufunwa amaqembu asenhla ne-Afrika. Kuyimanje kunemibiko yokuthi angase athushuke ku-Al Ahly yase-Egypt.

UMotsepe ucashunwe esitatimendeni ethi: “UPitso Mosimane nophethe izindaba zakhe, uMoira Tlhagale, ongunkosikazi wakhe, bafikile ukuzongazisa mayelana nezingxoxo eziphakathi kwakhe (uMosimane) neqembu elikhulu lase-Egypt. ISundowns beyilokhu yazi ukuthi  kukhona izingxoxo eziqhubekayo neqembu lase-Egypt namanye amaqembu asenyakatho ne-Afrika noma ase-Europe noma iBafana Bafana. UPitso usebe ngumqeqeshi ophumelele kunabo bonke emlandweni weSundowns. Ngimfisela okuhle yena noMoira nomndeni wakhe futhi ngethemba ngizombona eqeqesha e-Europe kungekudala.”

Ingwevu eke yadlalela iSundowns, uRoger Feutmba, ithe ayikholwa ukuthi uMosimane uhambe ngokuthanda kwakhe kuSundowns.

“Kuyinto engemnandi eqenjini ukuhamba komqeqeshi ofana noMosimane. Uselenzele lukhulu iqembu. Ukwaze ukwenza kahle eqenjini ngoba unikwe konke ukwesekwa abekudinga. Uzokhumbula ukuthi usanda kusayina inkontileka yeminyaka emine. Yini ebizomenza avele ahambe?” kubuza uFeutmba waseCameroon, owayeyibamba ngenxele kusale amadoda.

“Ngikholwa ukuthi ukuhamba kukaMosimane kuncikene nento esanda kwenzeka ethinta uTebogo Langerman. Khumbula ukuthi bekungekona okokuqala kwenzeka into enje. Ngicabanga ukuthi ngesikhathi kwenzeka okufanayo ngoWayne Arendse kwaba khona isexwayiso ukuthi kungaphinde kwenzeke. Ngafunda isitatimende sikaPatrice Motsepe mayelana noLangerman ngezwa ukuthi uMengameli wayengeneme neze,” kusho uFeutmba.

Kusuke okukhulu ukukhuluma ngesikhathi kuvela ukuthi iSundowns ifake uLangerman ohlwini lwabadlali abebezodlala yize ebenamakhadi aphuzi amane ngesikhathi ibhekene neBloemfontein Celtic kowamanqamu weNedbank Cup. Ngokomthetho umdlali uma esethole amakhadi aphuzi amane kumele eqiwe umdlalo owodwa. Ukuba sebhentshini kufana nokuthi uyadlala, ngakho iqembu lizithola lisenkingeni.

Bekungaqali ukuthi iSundowns yenze leli phutha elingaxoleleki ngenxa yobudedengu bayo. Ngowezi-2019 iSundowns yadlalisa u-Arendse kungafanele ngesikhathi ibhekene neBidvest Wits emdlalweni weligi owaphela ngo 1-1.

Esitatimendeni esakhishwa uMotsepe ngemuva kowamanqamu weNedbank, wakubalula ukuthi kukhona abangase baxoshwe ngenxa yephutha elenzeka ngoLangerman.

See Also

“ISundowns iyiqembu elikhulu hhayi kuphela eNingizimu Afrika kodwa e-Afrika yonkana. Ngiyazi uPitso ubengasebenzi yedwa kodwa ekugcineni uyena obeyinhloko yabaqeqeqeshi. Ngiyaphinda futhi ngiyasho. Ngicabanga ukuthi ukuhamba kwakhe kuhlobene nokwenzeke ngoLangerman. Leli yiphutha elikhulu kakhulu. Ithimba labaqeqeshi kumele lihlale phansi licubungule yonke into ethinta abadlali. Awukwazi ukwenza iphutha elikhulu kangaka,” kusho uFeutmba.

Ukuhamba kukaMosimane kuchaza ukuthi uMotsepe sekumele afune umqeqeshi ozongena ezicathulweni zakhe njengoba kungasekude kuqale isizini yeDStv Premiership. Ebuzwa uFeutmba ukuthi ukube unguMotsepe ubengamnika yini umsebenzi uManqoba Mngqithi osebe yiphini isikhathi eside kuSundowns, uvele wahleka.

“Inkinga enkulu ukuthi naye uManqoba akekho msulwa kulolu daba. Yebo uMosimane bekunguyena inhloko yabaqeqeshi kodwa umsebenzi wephini owani kanti? Angithi umuntu okusizayo uyena okumele akukhumbuze lokhu osuke usukukhohliwe wena. Uma uPitso ekhohlwa uManqoba yena wenzenjani? Wonke umuntu ethimbeni labaqeqeshi uvunyelwe ukuphawula. Bonke kumele babhekisise ukuthi konke kuqondile yini,” kuchaza uFeutmba.

Nokho le ngwevu ithe izinto zizoqhubeka kahle kuSundowns noma kungafika muphi umqeqeshi.

“Izinto zonke ziqala le phezulu. UPitso wenze kahle yonke le minyaka ngoba ubekuthola ukwesekwa nguMengameli uMotsepe. ISundowns yiqembu elikhulu manje elikade lakha isisekelo esifanele. Angingabazi ukuthi kuzoba khona inqubekela phambili eqenjini. Ngiyakholwa ukuthi labo abazofika ukuyosebenza eqenjini bazokwenza kahle ngoba ukwesekwa bazokuthola. ISundowns iyohlale iyiqembu elikhulu elihlonishwayo,” kuphetha uFeutmba.

UPitso ubonge uMotsepe ngakho konke amenzele khona.

“Ekujuleni kwenhliziyo yami, ngibonga kakhulu ukuthi umengameli unginike izibusiso zakhe ukuthi ngihambe. Bengingalindele okunye kumuntu osebe nothando nozwelo kangaka kimina. Uyinhlobo yomholi noma yimuphi umndeni, inkampani nezwe elimdingayo. Kube yisibusiso  kakhulu kimina ukuncela ebuhlakanini bakhe,” kusho uMosimane esitatimendeni.

Uqhube wathi: “Yize bengineminyaka emine ebisele kunkontileka yami kodwa lokhu engikunikiwe (okubekwe etafuleni) bekukuhle kakhulu…ngingowokuqala ukuvuma ukuthi kulolu hambo bekunamaphutha nezingqinamba kodwa bekukuningi ukuhleka, ukunqoba nempumelelo. Lokhu ngihamba nakho ngiya lapho ngiya khona.”

Kunemibiko ethi uMosimane uzohola izigidi ezingama-R54 ngonyaka ku-Al Ahly.

Kafushane ngomosimane

  • Igama: UPitso John Hamilton Mosimane
  • Indawo azalelwe kuyona: EKagiso, eGoli
  • Usuku lokuzalwa: 26 kuNtulikazi ngowezi-1964
  • Amaqembu ake wawadlalela: IJomo Cosmos, iMamelodi Sundowns, yi-Orlando Pirates, ILonikos yaseZimbabwe ne-Al Sadd Sports Club yaseQatar 
  • Amaqembu aseke wawaqeqesha: ISuperSport United, iBafana Bafana neMamelodi Sundowns
  • Imidlalo ayidlalele iqembu lesizwe: Mine (4)
Scroll To Top