Selisohlwini lwabangasocongwa olweMeya



UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.

USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Kuthiwa izinkabi ezisatshwayo ezizinze eGauteng zipheka leli tulo lokusoonga iMeya, zifuna konke kwenziwe ngokuphuthuma ngoba zidinga imali.
Ukuba bucayi kwecala elithinta izinsolo zetulo lokubulala iMeya yaseMthonjaneni, uMnu uSibonginkosi Biyela, kuphoqe ukuba lisuswe ezandleni zamaphoyisa aseNkandla lapho ebelivulwe khona ladluliselwa ethimbeni likaNgqongqoshe Wamaphoyisa uBheki Cele eliphenya ngokusocongwa kosopolitiki.
Leli cala ebelivulwe ngokuthi elokusabisa kuthiwa kutholakale ukuthi kube namaphutha kulo laguqulwa lenziwa itulo lokuhlela ukubulala.
Ngeledlule elaboHlanga libike ngodaba lwezinkabi okuthiwa zihlela ukubulala uBiyela zithengwe abaholi abangaphakathi eMkhandlwini uMthonjaneni abahlangene nesinye sezikhulu nokuthiwa imali yokuzithenga ibihlanganiswa emzini waso leso sikhulu.
Abaholi abanukwa kulolu daba elaboHlanga linawo amagama abo kuhlanganisa nolume indlebe uBiyela ngaleli tulo kanye nenkabi yaseGauteng okuthiwa iyesatshwa.
Yize elaboHlanga lithole ngezinguquko ngaleli cala kodwa amaphoyisa ayenqaba ukuphumela obala ngalo ukuthi imininingwane yalo ithini ngaphandle kokuthi aqinisekisile ukuthi selisusiwe emaphoyiseni aseNkandla.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain uNqobile Gwala, uthe icala selisezandleni zethimba eliphenya ngokusocongwa kosopolitiki.
“Asisakwazi ukuqhubeka siphawule ngalo ngoba konke sekusezandleni zethimba eliphenya ngokubulawa kosopolitiki. Ongakwenza ukuthi uthinte okhulumela uNgqongqoshe uBheki Cele, uLirandzu Themba ukuze akusize ngeminye imininingwane yalo nophenyo,” kusho uCaptain uGwala.
UNksz uThemba kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakayitholi imininingwane egcwele.
“Ngisazama ukuxhumana nethimba eliKwaZulu-Natal kodwa ngizokwazisa uma kukhona imininingwane abanginikeza yona. Okwamanje abakangiphenduli kodwa ngiyaqinisekisa ukuthi ngizobuya kuwe,” kusho uNks uThemba.
Udaba lwaleli cala kuthiwa lubhungwe kabanzi nasemhlanganweni wesigungu esiphezulu se-Inkatha Freedom Party (IFP) ngoMsombuluko kwaze kwaba iphakathi kwamabili.
Umthombo ohlala esigungwini esiphezulu seqembu uhlebele elaboHlanga ukuthi indaba yaseMthonjaneni ixoxwe kabanzi emhlanganweni kwaze kwaphunywa phakathi kwamabili.
“Bathethisiwe impela ngale nto yabo abayenza eMthonjaneni yokungezwani. Siphume phakathi kwamabili ebusuku kuNEC kukhulunywa izingxabano zaseMthonjaneni. IMeya yaseMthonjaneni ineqeqebana layo nokwenza ingezwani nalaba abanye esilwa nabo. Ifuna ukuthi esinye sezikhulu zikaMasipala singawakhulumisi amanye amakhansela eNkatha angozakwabo eMkhandlwnini. Isola nokuthi la makhansela okuthiwa ahlela itulo lokuyibulala ahlose ukuyiketula esikhundleni. Enjalo nje ugxeka neNEC ayisola ngokukhipha uMabilabila Kunene esikhundleni sobuMeya eNquthu.. Yize kunjalo kodwa ubuholi bubathethisile basho nokuthi ababuyele emuva bayeke lento yokulwa balungise izinkinga zabo kusetshenzelwe abantu,” kusho umthombo ocele ukuba ungadalulwa nangengozi.
Kuthiwa laba baholi kuthe uma befika eMthonjaneni uBiyela washisa inyama ngoba sekuthiwa sekuxolelwene kodwa uqhekeko kuthiwa luqale phansi njengoba laba abasolwa ngetulo kuthiwa bazishiye phansi izoso zingakaphulwa ngisho emlilweni.
Ngesonto eledlule leli phephandaba likhulume nalowo ovuse iMeya ukuba iqaphele ngoba kukhona okuhlelwayo kanti ophambili ikhansela elake lasebenza kwaloliwe.
Lo mlisa uthe osekumcasula kulolu daba ukuthi sekwenziwa sengathi nguye obehlela itulo noma oyinkabi ethengwayo ukuba iyobulala uBiyela njengoba abaseshi ethi abamnike thuba balokhu bemshayela izingcingo.
“Sengize ngabaleka ekhaya ngayohlala eGauteng ngoba laba baseshi bayangihlukumeza balokhu bengifonela. Ngibatshelile ukuthi uma beqhubeka ngale ndlela ngizovele ngiphike konke manje ngingabe ngisavuma lutho. Okunye okungicasulayo ukuthi naye uBiyela useyangihlukumeza manje ngoba nguye lo osekhipha amanga ethi yimi engifuna ukumbulala futhi nalolu daba useyaluhlanekezela,” kuchaza lo mlisa eligodliwe igama lakhe.
Uthe okumphatha kabi ukuthi uBiyela uzama leli cala ukulifaka abantu abaningi angazange abikelwe ngabo futhi okumxakayo ukuthi akasamphathi umlisa wakwaDukuza okunguye owamshayela kuqala emazisa ukuthi akaqaphele ngoba kukhona izinkabi asethengelwe zona ukuba zimshaye.
Kuthiwa ngokwezinhlelo zezinkabi ezizinze eGauteng, zifuna uBiyela ukumsusa ngaphambi kokuba kufike uZibandlela ngoba ezinye zikhala ngokuthi ziyayidinga imali ukuze zithengele izingane nemindeni yazo.
Okhulumela i-IFP, uMnu uMkhuleko Hlengwa, uthe akulona iqiniso ukuthi kuhlalwe usuku lonke kuxoxwa indaba yaseMthonjaneni kodwa ikhulunywe ekugcineni njengoba ibiyingxenye yezinye izinto ebezisohlwini lomhlangano wosuku.
“Okokuqala ngiyafisa ukukuqondisa lapha ukuba ngicacisa ekutheni indaba yaseMthonjaneni bekungeyona kuphela ebisohlelweni lokuzoxoxwa kodwa iqhamuke ngasekugcineni. Nakhona akukhulunywanga ngezinto zamacala ngoba asibona abantu bomthetho. Kunalokho kukhulunywe ngokuphathwa kukaHulumeni nokusebenzisana kwamakhansela ukuze kuhanjiswe intuthuko kubantu. Uma kukhona izinto ezithinta amaphoyisa sifisa umthetho uthathe indawo yawo ngoba thina siyi-IFP asizona izinhlaka zomthetho,”kuchaza uHlengwa.
Isimo kuthiwa sibi akukhulunyiswana kangangokuthi kukhona eminye imihlangano esigcina ibhuntsha noma kube khona abatshelwa ngayo ngomzuzu wokugcina ngayo.