Ababulali benyathi balala ubucwayimbana
UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Sidalula itulo lokusoconga iMeya yaseMthonjaneni
Kubashele abebehlela itulo lokubulala iMeya kaMasipala uMthonjaneni ngaphansi kwesifunda iKing Cetshwayo ngenhloso yokuba kuphendlelwe owesifazane isikhundla sokuhola lo Mkhandlu.
Sekuphele amasonto amathathu leli tulo libanjiwe kanti icala liphenywa ngamaphoyisa aseNkandla ngemuva kokuba iMeya uSibonginkosi Biyela, idonswe ngendlebe ukuba iqaphele ngoba kukhona asebehlela ukuyiyisa kwagoqanyawo.
ElaboHlanga linalo igama lalowo odonse iMeya ngendlebe (futhi likhulumile naye) kanye nezinkulumo eziqoshiwe kuxoxwa ngalolu daba nokuvele ukuthi omunye uyinkabi esatshwayo eGauteng okuyiyo ebizosebenza uBiyela kuthule du.
Imali yokuthenga inkabi kuthiwa yahlanganiselwa emzini wesinye sezikhulu zikaMasipala esinalo igama laso.
Owesilisa eligodliwe igama lakhe okunguye owaluma indlebe uBiyela ngetulo lokumsoconga uxoxele elaboHlanga ebelimthintile ngalolu daba, wathi akasathandi ukufakwa kulo kodwa yena wayesiza uBiyela ngoba ungumuntu wangakubo. Nokho akasaneme ngokuthi ngokumxwayisa uBiyela usefaka naye enkingeni.
“Sengize ngabaleka mfowethu emakhaya ngayobhaca eGoli ngoba ngicasulwa yiMeya uBiyela ukuthi usefuna amaphoyisa akhulume nami kube sengathi yimi engangihlela itulo lokumbulala. Mina ngamfonela ngamazisa ukuthi kukhona okungahambi kahle. Kunabantu abakuMasipala wakhe abafuna ukumsoconga futhi nemali isihlanganisiwe kwacelwa omunye umngani wami oseGoli ukuba kube nguye owenza lo msebenzi wokubulala uBiyela. Ngokwenzenjalo uBiyela useyasuka yena usefuna ukuxova lolu daba alwenze ipolitiki ngoba ngizwe esesola abantu abaningi asefuna nami ngifakaze ngabo ekubeni ngamcacisela ukuthi mina ngitshelwe ukuthi bangaphakathi kuMasipala wakhe abafuna ukumshaya ukuze kufakwe esikhundleni sakhe omunye wesifazane (elaboHlanga liligodle igama lakhe),” kuchaza lo mlisa.
Uqhubeke wathi: “Ngisho abaseshi bangithinta ngabachazela kahle baze bangithembisa ukuthi akukho mina lapho engizogaxeliswa khona ngoba angingeni ndawo kodwa uBiyela usengifaka ngenkani kulolu daba usethi ngiseqhulwini. Okungixakayo ukuthi kungani uBiyela engakhulumi ngalo muntu waseStanger owamfonela naye emvusa ukuba aqaphele kukhona abafuna ukumbulala, kunalokho usebeka mina. Okokuqala uBiyela uyazazi izinkinga abhekene nazo eMthonjaneni manje angazi yini afune ukufaka mina ekubeni ngangimsiza. Yiyo le nto wena mfowethu eyenze ngabaleka ngayohlala eGoli ngoba ubesesabisa nangokuthi uzongithumelela ngoKlebe baseThekwini ukuze ngikhulume. Manje konke lokhu uyambona ukuthi usefuna ukuthi yimi inkabi ekubeni ngingahlangene nalutho kodwa ngangimsiza ngimvusa njengomuntu engimaziyo,” kukhala lo mlisa.
Inkulmo eqoshiwe
Enkulumweni eqoshiwe elaboHlanga elinayo, inkabi nayo igama layo eligodliwe ixoxa nalo mlisa obhoboze ithumba kuBiyela nasemaphoyiseni ithi: “Hheyi we (imusho ngegama) uyabona lo muntu uX (egagula ngegama ikhansela laseMthonjaneni) wonakele kakhulu loyo mfowethu. Njengoba nasekuqaleni wake waveza ukuthi ufuna kushayeke wena nje, ngalizwa ibandla ngakhulumisana nalo kwaba ukuthi liyangazi-ke nanokuthi nawe sikujwayele nokuthi akakhokhi kahle. Njengamanje kunenkulumo ayihlanganisayo yokuba kushawe iMeya yaseMthonjaneni bathi uBiyela mina angiyazi-ke. Angazi noma uyalazi yini igama lakhe, uyamazi lo mfo wayesebenza kwaloliwe kodwa ngiyakucela mfowethu ungazifaki kulezi zinto zamapolitiki….Ngithi angikuyale mfowethu ungalinge nje ungalinge. Inkulumo isikanjalo kumanje ibandla lihlanganisa khona ukuba alimale uBiyela,” kusho inkabi ocingweni.
Kwenye inkulumo eqoshiwe yeselula inkabi ibikhuluma nomsizi kaBiyela imazisa ngalolu daba isho nokuthi uza uZibandlela ngakho kumele kucace ukuthi lo msizi angabakhanyisela ngani ngoba sebelungisela imali yokuphathela izingane izinto zikaKhisimusi.
Umqaphi kaBiyela ubencenga ukuba le nkabi ingasheshi ukuthukuthela kodwa yehlise umoya ngoba bazokhuluma noBiyela okungenani abanike okungaphezulu kwalokho osekukhishwe yileli khansela okuthiwa lalisebenza kwaloliwe lihlangene namanye nesinye sezikhulu sikaMasipala waseMthonjaneni.
Lo mqaphi kaBiyela ubekhala ngokuthi akathandi le nto ukuba yenzeke ngoba naye angaba sengcupheni yokulimala.
UBiyela ethintwa uthe akathandi ukuchaza okuningi ngalolu daba ngoba selusezandleni zomthetho.
“Udaba selusemaphoyiseni ngakho sekuyoba uphenyo lwawo oluzochaza ukuthi obani abayingxenye yaleli tulo nokuthi bahloseni. Mayelana nezokuphepha ngingasho nje ukuthi konke lokho ngikuchaze emaphoyiseni. Icala ngilivule emasontweni amathathu edlule futhi ngilivule eNkandla ngashiya iMelmoth ngoba ngingathembi ukuthi ubulungiswa bungenzeka yini. Isizathu ukuthi abantu abahlela leli tulo nabathintekayo bahlala khona eMthonjaneni manje kungagcina sekuphazamiseka nophenyo yikho ngivele ngaya emaphoyiseni aseNkandla ngoba wona aqhelile,” kusho uBiyela.
Uthe akazi wenzeni futhi akafuni ukuchaza okuningi ngoba kuzolimala uphenyo.
Ngowezi-2015 amakhansela aseMthonjaneni akhipha owayeyiMeya ye-ANC esikhundleni, uNkk uShadile Dlangamandla.
Kwathi uma sekuzokhethwa uBiyela kwasuka isidumo kwathiwa kunebhomu elitshalwe ezakhiweni zikaMasipala elingaqhuma noma nini nokwagcina ngokuthi umhlangano ubhuntshe.
Izidubedube azizintsha njengoba naye uMeya we-ANC, uNkk uDlangamandla wathi ekhishwa kwabe sekubenezigigaba eziningana zokuzama ukumsoconga. Esinye sazo senzeka emzini wakhe oseMelmoth lapho okwafika abantu ebusuku badubula ekamelweni lakhe ebusuku kodwa wasinda.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele uthe bavule icala lokusabisa ngemuva kokuba uBiyela ethole ucingo olumazisa ngetulo lokumbulala ngoMandulo mhla zili-14 kowezi-2020 eMelmoth. Uthe bamatasa nophenyo ngaleli cala kodwa akukaboshwa muntu.