Now Reading
Sekuzoqala isigaba sokuthungatha uMehluleli Omkhulu
Dark Light

Sekuzoqala isigaba sokuthungatha uMehluleli Omkhulu

Njengoba ihlandla likaMehluleli Omkhulu kuleli, uMogoeng Mogoeng, lifika emaphethelweni ngonyaka ozayo wezi-2021, usuzoqala umshikashika wokufuna lowo ongase angene ezicathulweni zakhe.

Ekuqokweni kwabehluleli iKhomishini Yezinsizakalo Zomthetho [Judicial Service Commission (JSC)] iba neqhaza elikhulu elibambayo. Ukuqokwa kwabo bonke abezobulungiswa ngaphandle kwaBehluleli beNkantolo YoMthethosisekelo, ubuholi beNkantolo YoMthethosisekelo neNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala, kwenziwa uMengameli wezwe ngokwelulekwa yiJSC.

Eqinisweni uMengameli obophezelwa iseluleko seJSC okusho ukuthi yile Khomishini eqokela izinkantolo ezinkulu.

Uma kuqokelwa iNkantolo YoMthethosisekelo, uMengameli ukhetha abehluleli ohlwini lwabangenele isikhundla olukhishwa iJSC okufanele lube namagama amathathu angeziwe ezikhaleli ezisuke zikhona. Uma kunesikhala esisodwa, kufanele kuhanjiswe amagama amane kuMengameli, uma zizimbili kuhanjiswa kuMengameli amagama amahlanu njalonjalo.

Ukuqokwa kukaMehluleli Omkhulu

Ukwenziwa kwalokhu kuhluke kakhulu endleleni okwenziwa ngayo uma kuqokwa umehluleli njengoba iSigaba 174(3) soMthethosisekelo wezwe sithi uMengameli njengeNhloko yeKhabhinethi, emva kokubonisana neJSC nabaholi bamaqembu ezepolitiki emelwe kuNational Assembly, uqoka uMehluleli Omkhulu.

Le ndlela iyafana noma kuqokwa iPhini likaMehluleli Omkhulu kanjalo nokukaMengameli weNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala neSekela lakhe. Kodwa kulokhu uMengameli kumele abonisane neJSC hhayi nabaholi bamaqembu ezepolitiki.

Umsebenzi weJSC kulokhu ukusingatha inhlolokhono evuleleke emphakathini, njengoba kwenzeka uma kuqokwa abezobulungiswa, bese yeluleka uMengameli ngalowo ofanele lesi sikhundla.

Nakuba kudingeke ukuthi uMengameli abonisane nabathile kodwa akaphoqelekile ukulandela okushiwo abaholi bezepolitiki ngisho neJSC uqobo.

Ngamanye amazwi, uMengameli unamandla amakhulu ekuqokeni uMehluleli Omkhulu kunabanye abehluleli.

Okubhekwa koqokwayo

Kubalulekile ukubhekisisa amava namagalelo lowo oqokelwa kulesi sikhundla esibalulekile okumele abe nakho. UMthethosisekelo wezwe awukubaluli lokho okufanele kubhekwe ngaphezu kwalokho okulindelekile uma kuqokwa abehluleli njengokuthi kufanele babe neziqu futhi bakulungele nokuthi ubuhlanga nobulili kufanele kubhekwe. Ukuba sesikhundleni esiphezulu nokuba iSekela likaMehluleli Omkhulu akusho ukuthi lowo usengaqokelwa ekubeni uMehluleli Omkhulu. 

Isibonelo, ngesikhathi uMogoeng eqokwa eba uMehluleli Omkhulu ubesaneminyaka emibili enguMehluleli weNkantolo YoMthethosisekelo kanti ngakolunye uhlangothi owayeyiSekela likaMehluleli Omkhulu uDikgang Moseneke akazange aqokelwe kwesokuba uMehluleli Omkhulu izikhawu ezimbili.

UMehluleli Omkhulu kumele kube ngumuntu ongumholi onezwi ezigabeni ezahlukene okuhlanganisa ukuba iNhloko yeNkantolo YoMthethosisekelo okuyinkantolo ephakeme ezweni nokuba yinhloko yezobulungiswa. Akusibo bonke abehluleli abanakho lokhu.

Isiphakamiso seJudges Matter                                Lesi sigcawu sithi phakathi kwezinto ezibhekwe kumuntu ozoqokelwa kwesikaMehluleli Omkhulu wukuthi abe ngumlawuli onamandla ekubeni iNhloko yeNkantolo YoMthethosisekelo nezobulungiswa. Sithi uma kubhekwa indlela osekuguquke ngayo umsebenzi kaMehluleli Omkhulu, kanjalo wandile nomsebenzi obhekene nophethe lesi sikhundla.

Iphakamise lokhu:                                                            UMehluleli Omkhulu kumele abe nekhono lokuphatha

  Asebenze ngokuhleleka

  Aziqonde izidingo nezinselelo zezobulungiswa

  Akwazi ukwedlulisela imibono yabehluleli kwezithinta ezokuphathwa kwezobulungiswa nakwezinye izinhlaka zikaHulumeni

  Akazwi ukumela ezobulungiswa emphakathini nasezinhlanganweni zomphakathi ukuze ezobulungiswa zethenjwe

  Akwazi ukwakha imigomo yokusebenza 

  Akwazi ukweluleka uNgqongqoshe Wezobulungiswa ekwenzeni imithetho yokulawulwa kwezinkantolo

  Ukuqagula isabelomali esidingwa ezobulungiswa

  Aqonde kabanzi iqhaza lezobulungiswa maqondana nezinye izinhlaka zikaHulumeni

  UMehluleli Omkhulu kumele kube umuntu onobuhlakani

  Akwazi ukuhola iNkantolo YoMthethosisekelo esebenza ngezindaba ezinesisindo esikhulu.

  Kufanele abe qotho, aqonde indlela yokuziphatha kwabezobulungiswa futhi abe nokuziphatha ngendlela efanele emsebenzini nangaphandle.  

Okwake kwenzeka phambilini                                      Nakuba ukuqokwa kukaMehluleli Omkhulu kubukeka kulula kodwa okuke kwenzekwa kuqokwa ababili uMehluleli uSandile Ngcobo ngowezi-2009 noMogoeng Mogoeng ngowezi-2011 kube nokukhuluma ngendlela okwenziwe ngayo.

Ngowezi-2009 owayenguMengameli wezwe uZuma wathi useqoke uNgcobo njengoMehluleli Omkhulu ngaphambi kokubonisana nabaholi bezepolitiki neJSC okwabe kungahambisani nendlela efanele okumele ilandelwe. 

See Also

IHhovisi likaMengameli lagcina likucacisile ukuthi ukubonisana okudingekayo kwakuzokwenziwa ngaphambi kokuba kwenziwe isinqumo esisemthethweni.

Ngowezi-2011 kuphakanyiswa igama likaMogoeng, kwasuka inkulumompikiswano mayelana nokuthi ngabe kumele kubheke umuntu oyedwa noma abaningi yini. Phambilini lokhu kwabe kwenzeke ngezindlela ezahlukene lapho aBehluleli uPius Langa, uSandile Ngcobo noMogoeng Mogoeng babephakanyiswe njengabafanele ukuqokelwa kulesi sikhundla. 

Kodwa ngowe-1996 kwabaningi ababeqokiwe kwahlungwa ababili kuphela abahlolelwa lesi sikhundla okwakungaBehluleli u-Ismail Mahomed noHendrik van Heerden kwagcina kuphumelele uMahomed. 

Oshicilelweni lwakhe uMoseneke ukhumbula ukuthi wacelwa kanjani ukuba abe ngoqokelwa ozongena esikhundleni okwakuhlonzwe kuso uMogoeng. Lesi simemo uMoseneke wasinqaba emi kwelokuthi umthetho ucacile ekunikeni uMengameli wezwe “ilungelo namandla okuqoka uMehluleli Omkhulu, futhi kwakungeke kube nobuhlakani njengoba kwakuzobe kungasizi ngalutho ukuqoka abantu ngaphandle kukaMengameli.” 

Ngokusho kweJudge Matters uMoseneke wayihlaba esikhonkosini ngoba kwakuzobe kuyize leze ukufaka omunye umuntu ekubeni sekukhona oqokwe uMengameli.

Uma kubukwa okwenzeka ekuqokweni kukaMogoeng kwakuzozilimaza ezobulungiswa ukuba kuncintiswane ngalesi sikhundla.

Imibono ngesibalo sabangenela lesi sikhundla IJudge Matters ithi kubalulekile ukuba kubhekwe ukuthi ngabe ukubukwa komuntu oyedwa ofanele lesi sikhundla kuyinto eyisifiso yini. Embonweni owawubhalelwe iFreedom Under Law (FUL) kulandela ukuqokwa kukaMogoeng abameli uJeremy Gauntlett, uMax du Plessis no-Andreas Coutsoudis baphawula ngesinqumo seJSC esithi “kwakungamukelekile futhi kungengasifiso” ukuba kuphakanyiswe amanye amagama. Laba bameli bathi le ndlela yayikhomba ukuthi “iJSC ibisivele imamukele oqokwe uMengameli…yangabe isakucabanga okunye”. 

Lo mbono wagcizelela okwakushiwo owayeyiSekela likaMehluleli waseGauteng ngaleso sikhathi, uPhineas Mojapelo, ukuthi ukungavumeli ukuphakanyiswa kwamanye amagama kwephuca isigaba esibalulekile okuwumphakathi ithuba lokubamba iqhaza lolu hlelo lusaqalwa.

Laba bameli bathi nakuba ungekho umthetho ophoqa iJSC ukuba ivumele ukuphakanyiswa kwamanye amagama, kufanele amaqembu ezepolitiki abe nelungelo lokuphakamisa amanye amagama lokhu okuzophoqa iJSC ukuthi yenze inhlolokhono noma ibuke la magama ukuhlunga labo abazohlolwa ngemibuzo. 

IJudge Matters ithi udaba lokwamukelwa kwamagama amaningi ngenye yezinto ohlelweni lokuqokwa kukaMehluleli Omkhulu engakalungi futhi engagcina isidala impikiswano. 

Kunabahambisanayo nale ndlela yokuqokwa kukaMehluleli Omkhulu kanti futhi bakhona nabaphikisanayo nayo. 

NgokweJudge Matters, ukuba namagama amaningi okuzoqokwa kuwo kunika ithuba lokuba kuthathwe isinqumo esifanele ngokuthi kubhekwe amazinga abantu abahlukene abagaqele lesi sikhundla.

Iqhuba ithi kunobungozi ekuthembeleni egameni elilodwa, isibonelo, uma kungathi phakathi nenhlolokhono kuvele okuthile ngohlolwayo okungenza ukuthi angabe esasilungela lesi sikhundla. 

Ngakho-ke uma ebeyedwa obephakanyisiwe lokhu kungasho ukuthi lonke uhlelo kufanele luqalwe phansi kanti ukuba amagama abemaningi omunye wabo ubengaqokwa ngaphandle kokuthi uhlelo luqalwe phansi.

Scroll To Top