INkantolo Yezabasebenzi namazwi ahlakaniphile



UKhumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi.
“Izimo abazithola sebekuzo abaqashi nezisebenzi azinamlando, ziyahlukumeza futhi zenza kungabi nasiqiniseko. Izimpendulo azinakutholakala emlandweni, akunamhlahlandlela otshengisa ikhambi futhi yisikhathi kuphela esiyosho umonakalo nokulahlekelwa emnothweni nasempilweni yabo bonke abaneqhaza emnothweni. Ngombono wami, izimpendulo namakhambi angcono, kuyotholakala ngokuxoxisana okunzulu, ngokuthungatha izixazululo zokubonelelana ngenkathi kubhekwene nezinselelo ezigubezela izimpendulo nezixazululo. Kuyishwa ukuthi ukuthelelana amanzi kakusona isithelo esimila kunoma yiyiphi insimu”
Ikhulume kanjalo iNkantolo Yezabasebenzi ikhipha isinqumo ecaleni ebelimayelana nombango wemali yemiholo ngesikhathi sokhuvethe. Ziyashuba izingxabano zomonakalo obangelwa wukhuvethe emnothweni nasempilweni yezisebenzi. Kubukeka siyinhlansi yomhlahlandlela isinqumo seNkantolo Yezabasebenzi ecaleni uNombolo: J483 /20 somhla zi-3 kuNhlangulana wezi-2020. Umqashi ongummangali yiMacsteel Service Centres SA (Pty) Ltd emangalele inyunyana iNumsa.
Okwakwenzekile ukuthi emva kwesimemezelo semvalelwakhaya esaqala mhla zingama-26 kuNdasa kophezulu umqashi wazinika ikhefu zonke izisebenzi zakhe kodwa waziholela imiholo egcwele ngezinyanga uNdasa noMbasa. Akazange azidle izinsuku zamalivu ezisebenzi zakhe. Umqashi wabanenkinga uma sekwelulwa imvalelwakhaya sekucaca ukuthi inkece yengeniso iyancipha futhi nezindleko ziqongile.
Umqashi wabe esazisa izisebenzi nenyunyana iNumsa ukuthi uyehluleka, nokuthi isimo siyamphoqa ukuba acophelele ekusebenziseni imali ukuze kuphephe ibhizinisi lakhe nemisebenzi yazo zonke izisebenzi. Kulesi saziso esibhaliwe, umqashi wabe esememezela ukuthi uzothatha izinyathelo ezinqala nezibuhlungu kodwa eziqonde ukuphephisa zonke izisebenzi nebhizinisi.
Lezi zinyathelo ezazizoqala ukusetshenziswa mhla lulunye kuNhlaba kophezulu, zixuba lokhu okulandelayo: ukwehlisa yonke imiholo nemihlomulo ngesamba esingama-20% okuyoba zinyanga ezintathu kodwa kubuyekezwe njalo kuya ngesimo somnotho.
Izinyathelo ziqhubeka ngokungakhuphuli imiholo ngenyanga uNtulikazi, ukungakhuphuleli imiholo izisebenzi okuyokwenzeka ukuthi ziyakhushulwa ezikhundleni kophezulu, ukungakhokhi amabhonasi kulo nyaka nakho futhi okuyobuyekezwa njalo kuye ngesimo, okokugcina ukungakhokhi imali yamalivu eyengeziwe ephuma njalo ngenyanga uZibandlela ngokwesivumelwano soMkhandlu Wemboni Yezinsimbi.
Inyunyana iNumsa yona inamalungu ayi-1 247 okusho ukuthi angama-41% ezisebenzi sezizonke. Ngokuqhubeka kwesikhathi umqashi wabe esekhipha esinye isaziso sokuthi impela uzoqala izinyathelo zokunciphisa izindleko ezichazwe ngenhla, wabe esekuqalisa kuqala uNhlaba njengoba wayebikile.
Mhla zili-18 kuNhlaba kophezulu, inyunyana yahlangana nomqashi yakuchitha okushiwo ngumqashi kokwehlisa imibandela yokusebenza nemiholo. NgoNhlaba imvalelwakhaya yaxegiswa yabasezingeni lesi-4 okwasho ukuthi umqashi wayesengabuyisela izisebenzi ezingama-50% okuyisigamu. Umqashi wabe esecela ukuqhubeka nezingxoxo nenyunyana ukubonisana ngalolu daba. Kodwa, inyunyana yabe isifaka icala lokwehlisa ngenkani imibandela yokuqasha. Umqashi wayeziphendulela ngokuthi lezi zinyathelo zokwehlisa izindleko yizona ezingcono ukuhlenga zonke izisebenzi nebhizinisi ngoba uma kungenjalo uyophoqeka ukudiliza nokungabaholeli labo abahleli emakhaya ngenxa yemvalelwakhaya. Wazithethelela futhi ngokuthi usesifakile isicelo soxhaso lwemiholo yokhuvethe ngaphansi kohlelo lwe-UIF/TERS okuyothi uma sekutholakele imali yalo, igcwalise imiholo iphelele.
Inyunyana kayikwemukelanga konke lokhu yakhipha isaziso sesiteleka esivikelwe umthetho yabe isiqala isiteleka mhla zingama-29 kuNhlaba kophezulu.
Umqashi wesabisa ngokuvalelwa ngaphandle kwamasango kwazo zonke izisebenzi anegunya lomthetho ukukwenza uma ezivikela esitelekeni. Umqashi wabe esefaka icala eliphuthumayo eNkantolo Yezabasebenzi ecela isinqumo sokuthi lesi siteleka kasivikelekile emthethweni ngezizathu eziningi ayezisho ephika ukuthi wehlise imibandela yokuqashwa ngenkani. Masiqondisise ukuthi umqashi yena wayeziholela zonke izisebenzi zakhe imiholo egcwele yezinyanga uNdasa noMbasa yize bezingasebenzi ngaleso sikhathi.
NgoNhlaba waqhubeka nokuziholela zonke kodwa esehlise imiholo ngama-20% kuleyo ngxenye eyabizwa ukuthi ibuyele ukuyosebenza kanye nakuleyo eyayisahleli emakhaya ngokwemiyalelo yemvalelwakhaya. Umqashi wayenelungelo lokungaziholeli izisebenzi ngenkathi zingasebenzi kodwa aholele lezo ezibuyile ukuyosebenza.
Isilucubungula leli cala, iNkantolo yazibuza umbuzo wokuqala othi ingabe ukwehlisa imiholo ngaphandle kwesivumelwano kuwukwehlisa imibandela yokuqashwa ngenkani yini? Umqashi yena wayemi ekutheni lokhu akwenza akuyikho ukwehlisa imibandela ngenkani ngoba kuhambisana nezinqumo zoxhaso lokhuvethe ngaphansi kwe-UIF/TERS okuwuxhaso oluyokwengeza lugcwalise imiholo ngama-20% lowo obanjwe ngumqashi. Kodwa iNkantolo yathola ukuthi lesi senzo somqashi siwukwehlisa ngempoqo imibandela yokuqasha ngoba kakunasivumelwano sokwenzenjalo.
Iphuzu lesibili elibhekwe yiNkantolo ngelibuza ukuthi wehlulekile yini noma ukwenzile umqashi ukubuyisela imiholo njengokucelwa yinyunyana. Phela umqashi yena ubemi ekutheni le mali yokwengeza eyotholakala kuxhaso lwe-UIF/TERS isho ukuthi impela uyibuyisele imiholo ezingeni elejwayelekile. Nakuleli phuzu iNkantolo imchithile umqashi ngelokuthi akafuni ukuqinsekisa ukuthi uma isicelo soxhaso lwe-UIF/TERS singaphumeleli, yena uyosikhokha isikhece semiholo ayehlise ngaso okungama-20%. Kulokhu phela umqashi yena wayesho nokuthi angamane adilize noma azifake ekusebenzeni amahora amancane izisebenzi noma azimise okwesikhashana ngaphandle kwemiholo okugunyazwa umthetho kulesi simo.
Elesithathu iphuzu ngelokuthi kwakufanele yini ukubabopha ngabhande linye labo ababehleli emakhaya ngenxa yemvalelwakhaya kanye nalabo ababebiziwe ukuthi besebenza ngokugcwele. Yakumukela iNkantolo ukuthi lokho umqashi wayekwenzela ukusiza zona izisebenzi ukuze ziphathwe ziholelwe ngendlela efananayo kulesi sikhathi sobhubhane. Kodwa le mikhakha yezisebenzi kayifanani.
Labo abasebenza ngokugcwele ngalesi sikhathi, banelungelo lemiholo yabo ephelele ngaphandle kwamathandabuzo. Kanti labo abahleli emakhaya, kabanalungelo lokuholelwa kodwa basemseni womqashi onelungelo lokungabaholeli noma abadilize emsebenzini noma abafake esikhathini esifinqiwe (short-time).
INkantolo ithe yize izwelana kakhulu nomqashi futhi isiqonda kahle isinyathelo sakhe kodwa izenzo zakhe yize zinenhloso enhle, zona zichaza ukwehluleka ukubuyisela isimo semiholo engehliswanga. Kuleli cala isiteleka sasingagwemeka ngokubona kweNkantolo ukuba izinhlangothi zombili zazihlupha ukugudaguda ikhambi ngaphandle kokucabangela izifiso noma izinhloso zazo.
Uma zonke izinhlangothi ezihlukumezekile kulesi simo sobhubhane zingadlinza zigxile, zixoxisane ngokwethembana nokucabangela umnotho okuyiyona nkomazi esengwayo, lesi sinqumo seNkantolo Yezabasebenzi siyoba umhlahlandlela kulezi zingxabano.