Now Reading
Uphuphuma injabulo nethemba uNtshosho ngesikhundla kuChiefs
Dark Light

Uphuphuma injabulo nethemba uNtshosho ngesikhundla kuChiefs

Kubhekwe ukuthi abe usizo olukhulu kuZimpofana kwazise unomlando nolwazi olunzulu ngaleli qembu lasePhefeni 


Abalandeli beKaizer Chiefs basale bethwele izandla emakhanda ngemuva kokuthi iqembu labo lihluleke ekugcineni ukunqoba indebe ye-Absa Premiership ekupheleni kwesizini yowezi-2019/2020.

Lokhu akugcinanga ngokwephula izinhliziyo zabalandeli baMakhosi kodwa kuphinde kwaholela ekutheni abaphathi beqembu bathathe izinqumo ezinqala. Kukhonjwe indlela obengumqeqeshi weqembu u-Ernst Middendorp nobengumsizi wakhe uShaun Bartlett.

Ngesonto eledlule iChiefs iqashe uGavin Hunt njengomqeqeshi wayo omusha. Lokhu kwenze abalandeli beChiefs besasa kakhulu ngoba ayaziwa amagalelo kaHunt. Lo mqeqeshi ogcine ukucija ngeBidvest Wits, osekuphelile ngayo, usedle izicoco ezine zePremiership. Esokugcina usinqobe nayo iWits ethengwe yizikhulu zeTshakhuma ngesizini esanda kusongwa. Ngaphambi kokujoyina iZitshudeni uHunt wayesenqobe izicoco ezintathu zeligi neSuperSport United.

Osekuphinde kwajabulisa abalandeli baMakhosi kuleli sonto, ukuqashwa kuka-Arthur “10111” Zwane noDillon Sheppard njengamaphini kaHunt. Kuyinto eyaziwayo ukuthi uHunt ubevele esizwa uSheppard kuZitshudeni kumasizini edlule. Nokho okubukeka kujabulisa kakhulu abalandeli beChiefs ukuqashwa kukaZwane njengephini.

Mhlawumbe okujabulisa kakhulu abazifelayo ngeZimpofana ukuthi sewubonakale kaningi umsebenzi kaZwane eqenjini abeliqeqesha ligijima kuMultichoice Diski Challenge (MDC).

UZwane ufana nendodana kuChiefs uma kubhekwa isikhathi asesihlalile. Ube ngumdlali weqembu wasophondweni kusukela ngowezi-2000 kuya kowezi-2010. Udlale imidlalo engama-252 washaya amagoli angama-32. Unqobe izicoco ezili-12 neqembu laseNaturena.

Ngesikhathi eyibambe kuMDC u-10111 uqeqeshe waphinde wakhuphulela eqenjini elikhulu abadlali abafana noBruce Bvuma, uSiphosakhe Ntiya-Ntiya, uSiyabonga Ngezana, uNkosingiphile Ngcobo, uHappy Mashiane, uWiseman Meyiwa, uNjabulo Blom, uBontle Molefe, uKeletso Sifama, uGiven Thibedi, u-Itumeleng Shopane, u-Ayanda Rorwana noSizwe Twala.

UThibedi, uShopane, uRorwana noTwala babolekiswe kuSwallows FC ngesizini edlule. Bayisize kakhulu iSwallows ukuthi idle isicoco seGladAfrica Championship, yenyukela kuPremiership.

UZwane uphinde wanqoba iShield Cup neqembu labafana bakhe beMDC ebeliyabamba kuchwaze izihlwele ezinkundleni ezahlukene eNingizimu Afrika.

Amagalelo kaZwane aphinde abonwa umqeqeshi weBafana Bafana, uMolefi Ntseki, osejwayele ukumbiza ukuthi ayomsiza eqenjini lesizwe. Akwaziwa-ke noma uzoqhubeka yini nokukwenza lokho njengoba esenyuselwe eqenjini elikhulu.

Ukunyuswa kukaZwane kuchaza kona ukuthi uHunt ubekubuka kahle konke abekwenza. Okunye okungenzeka ukuthi kugqugquzele uHunt ngoZwane, ukuthi iChiefs ingase izithole isebenzisa kakhulu abadlali abebegijima kuMDC ngenxa yesigwebo seFifa esithole ngokusayinisa uDax Andrinarimanana, okuthiwa bekungekho emthethweni. 

Kwavela ukuthi lo mdlali wayenenkontileka neqembu lakhe laseMadagascar ngakho iChiefs kwakumele ikhokhe imali ethile ngaphambi kokumsayinisa.

Ngenxa yalokhu iChiefs ihlawuliswe ukuthi ingasayinisi noyedwa umdlali kuze kudlule amawindi okusayinisa abadlali amabili. Ilidlulisele phambili icala kodwa iFifa ibingakacacisi ukuthi kukhona okuzoshintsha kulesi sigwebo esigixabezwe Amakhosi.

Ngabe uZwane uzoza nesisombululo enkingeni yeChiefs yokuhluleka ukunqoba izicoco? Ngabe futhi laba badlali abebacija kuMDC yibona abazofika bajike izinto eNaturena?

UZwane useke waba yiphini likaVladimir Vermezovic eqenjini elikhulu, phakathi kowezi-2010 nowezi-2012, ngakho akamusha neze ekuhlaleni ebhentshini leChiefs.

U-10111 uthe uzizwa ekhethekile ngokunikwa elinye ithuba lokuba yiphini lomqeqeshi kuChiefs.

“Kuhlale kuyinto enkulu ukunikwa ithuba lokusebenza nabantu abakhulu. Njengoba wazi kuningi okubhekiwe futhi imiphumela iyadingeka. Kuyakusiza njengomqeqeshi ukuthi ukhule. Ngiyajabula kakhulu ukuthi nginikwe leli thuba,” kusho uZwane.

Nokho uvumile lo mqeqeshi ukuthi izinto ngeke zifane nangesikhathi esasiza uVermezovic ngoba ukuhamba kweminyaka kwenza izinto zishintshe ebholeni.

“Uma ubuka ibhola uliqhathanisa nangalesiya sikhathi uyabona ukuthi kukhona ushintsho. Ukunikwa leli thuba lapho iqembu kumele libuyise udumo lwawo nokuthi siqinisekise ukuthi liba sezingeni elilifanele, kuyinselelo enkulu,” kubeka uZwane.

Ephawula ngokusebenzisana noHunt noSheppard asebesebenze ndawonye isikhathi eside kuWits, uthe ubona kukhona abazokuzuza ngokubambisana.

See Also

“Umqeqeshi uGavin nomqeqeshi uSheppard sebesebenze ndawonye isikhathi eside. Siyazi ukuthi yini asebeyenzile ndawonye kuBidvest Wits. Benze kahle kakhulu futhi siyakujabulela ukuba nabo lapha. Ngikubheke ngabovu ukusebenza nabo. Njengoba sengibe kuChiefs isikhathi eside ngizobatshela izinto eziningi engizaziyo. Lapha ngikhuluma ngokuthi yini elindelekile nosiko lweqembu,” kuchaza uZwane.

Ingcindezi yinkulu ethimbeni elisha labaqeqeshi njengoba iChiefs ingakaze iphakamise neyodwa indebe eminyakeni emihlanu edlule. UZwane uthe ukuqonda kahle konke lokho.

“Uma ungayijabuleli ingcindezi njengomdlali noma umqeqeshi, ngeke wenze into efanele. Ngicabanga ukuthi ngiyayijabulela ingcindezi. Ukwazi ukuthi ngizobe ngisebenza nomqeqeshi ongomunye wabahamba phambili kuleli kungenza ngazi ukuthi ngizofunda lukhulu kuyena. Ngiyalibonga kakhulu leli thuba engilinikiwe. 

“Njengomdlali, ngemuva kokudlala iminyaka eyishumi, ngifunde lukhulu. Abantu balindele lukhulu uma kukhulunywa ngomsebenzi ongawenzela iqembu. Ngiyazi ukuthi balindele thina njengethimba labaqeqeshi ukuthi sibalethele izindebe. Nokuthi balindele ukuthi iqembu lidlale ibhola elihehayo. Siyazi abalandeli bafuna ukukuthokozela ukubuka iKaizer Chiefs. Kuzoba yinselelo enkulu leyo kithina njengethimba labaqeqeshi kodwa ngiyakholwa ukuthi sizokwazi ukukwenza,” kusho uZwane.

Ngabe yini ngempela abalandeli abangayilindela kuChiefs ngesizini ezoqala ngokubona kukaZwane?

“Siza kule sizini lapho besinethuba elihle kakhulu lokunqoba iligi ngesizini edlule. Ekugcineni kufane nokushaywa ngomngqimuzo womlahla phansi sesihluleka ukuwina isicoco. Yisizini entsha nethimba elisha labaqeqeshi. Lokho kusho ukuthi kuzoba noshintsho endleleni esidlala ngayo futhi nemiqondo yabadlali izoshintsha. Nakubalandeli futhi kumele kube njalo. Wonke umuntu kumele adlale indima yakhe ukuze iqembu liphumelele,” kugcizelela uZwane.

Ucele abalandeli ukuthi babanike ithuba babone ukuthi beza nani njengethimba elisha labaqeqeshi.

“Ngicabanga ukuthi ukwenza yikona okubalulekile kunokukhuluma isikhathi esiningi. Sihlale sithembisa ukuthi sizongena enkundleni senze konke okusemandleni ethu nokuthi sibenze bajabule abalandeli bethu. Uma sibabona bemamatheka kwenza umsebenzi wethu ube lula. Ngakho sizokwenza konke okusemandleni ukuthi siyawina, ikakhulukazi kule midlalo esaziyo ukuthi izosibeka kwelinye izinga. Uma ngithi kwelinye izinga angichazi ukuthi sizokhetha imidlalo. Yonke imidlalo izobe ibalulekile kithina njengethimba labaqeqeshi,” kuphetha uZwane.

Akungabazeki ukuthi abalandeli balindele lukhulu kuHunt, uZwane noSheppard. Sekuzocaca uma sekuqala isizini ukuthi Amakhosi azobe ekulungele yini ukushaya ngonyawo olwehlukile uma kuqhathaniswa namasizini amahlanu edlule.

Okunye okuzohlaluka ukuthi abadlali kuzobathatha isikhathi esingakanani ukujwayela indlela yokudlala kaHunt nethimba lakhe.

Scroll To Top