Now Reading
Umlando weCosmos awuyibeki lapho ikhona
Dark Light

Umlando weCosmos awuyibeki lapho ikhona

IJomo Cosmos ingelinye lamaqembu abehlonishwa kakhulu kuPremier Soccer League (PSL) kumasizini amaningi edlule.

Lokhu bekungadalwa kuphela ukuthi iCosmos iyiqembu lengwevu edume umhlaba wonke ngonobhutshuzwayo, uJomo Sono, ngenxa yamagalelo ayo (le ngwevu). Kodwa kubuye kwenziwa ukuthi Ezenkosi zikhiqize inqwaba yabadlali abagcine bedlalela amaqembu athathwa njengamakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika. Laba badlali iningi labo ligcine lidlalela iqembu lesizwe iBafana Bafana, abanye bayibamba nasemaqenjini aphesheya kwezilwandle.

Kulaba badlali singabala uHelman Mkhalele, oke wayibamba ku-Orlando Pirates naseTurkey, uMark Fish odlale kuPirates nase-England, uSizwe Motaung (ongasekho) odlale kuMamelodi Sundowns, iKaizer Chiefs, iPirates naphesheya kwezilwandle eSweeden noPhilemon Masinga (ongasekho) odlalele iSundowns wabuye wayibamba phesheya kwezilwandle e-Italy nase-England.

Bonke laba badlali bakhathule indima ebonakalayo eqenjini lesizwe iBafana. Babekhona ngesikhathi iBafana iphakamisa indebe ye-Africa Cup of Nations (Afcon) kuleli ngowe-1996.

ICosmos iphinde yazakhela igama ngokufinyelela emidlalweni yamanqamu nokubhincisela nxanye amaqembu ahlonishwayo kuleli. Lokhu kwenze ukuthi ingathathwa kancane ikakhulukazi uma kukhulunywa ngemidlalo yemikhumulajezi.

EzikaSono sezike zanqoba iTelkom Knockout kathathu ngowezi-2002, 2003 nowezi-2005. Le ndebe yayaziwa ngeCoca Cola Cup ngaleso sikhathi. ICosmos inqobe iNedbank Cup ngowe-1990 isabizwa ngeBob Save Super Bowl. Ngowe-1987 Ezenkosi zadla isicoco seNational Soccer League (NSL).

Kuyazicacela ukuthi umlando weCosmos unothile impela. Nokho kudumazile ukubona leli qembu lehlelwa wudumo lwalo kumasizini edlule ngesikhathi lilokhu lidliwa yizembe libuye likhuphuke ngaphansi kwakhe uSono.

Kukhona abathandi bakanobhutshuzwayo abebeze bantele bathi uSono kumele axoshe umqeqeshi ngoba iqembu lakhe bese lishaya udaka kakhulu.

USono uthe akasoze ezwe ngabantu yena uma kukhulunywa ngokuqeqesha iCosmos. Ebuzwa yintatheli ukuthi ngabe ucabanga ukuyeka nini ukucija Ezenkosi, uphendule ngokukhulu ukukhululela.

“Ngiyoyeka ukuqeqesha iJomo Cosmos uma sengifile. Usengathathake omunye aqeqeshe uma sengingasekho,” kusho uSono efa yinsini.

Abanye bakhuluma ngokuthi ashenxe nje uSono, yingoba iqembu selihlale amasizini amathathu kuGladAfrica Championship. Kumasizini amabili edlule kucishe kwahwalala kwEzenkosi zizabalazela ukungadliwa yizembe khona ehlathini lapho sezihlale khona amasizini amathathu.

USono uvumile ukuthi bekuvalwa amehlo eqenjini lakhe kula masizini amabili edlule.

See Also

“Inkinga enkulu ebesibhekene nayo eyemali. Amasizini amabili edlule abenzima kakhulu kithina. Wonke amabhizinisi aseke abhekana nesimo ebesikusona. Ngethemba ukuthi izinto zizoshintsha njengoba sibheke ukuthi iqembu lenze kangcono ngesizini ezayo,” kusho uSono.

Nokho lo mphathi weCosmos akafuni nokuyizwa eyokuthi abantu bathini ngeqembu lakhe nokuthi liqeqeshwa uyena.

“Sengihlale iminyaka emithathu esigabeni esiphansi kodwa akekho umuntu okufanele ngiphendule kuyena mayelana nalokho. Angibaphenduli abantu. Abantu bahlale bekhuluma kodwa uthole ukuthi abazi lutho. Angisoze ngizibeke esimeni sokuthi ngilokhu ngiphendulana nabo,” kugcizelela uSono.

Uthe akukho okunye abafuna ukukulwela ngesizini ezayo ngaphandle kokunyukela kuPremiership.

“Uma ungalunguza kusizindalwebu sethu uzobona ukuthi bakhona abadlali esesivele sibasayinisile. Nakanjani iqembu lizolwela ukunyukela kuPremiership ngesizini ezoqala. Angifuni ukukhuluma kakhulu kodwa uze uthule ubheke wena,” kusho uSono ngokuzethemba.

Imizamo yokubuyela kuPremiership ayizoba lula kuCosmos. Amaqembu afana ne-Ajax Cape Town, iTshakhuma (esizobizwa ngeSekhukhune) ne-University of Pretoria, akungabazeki ukuthi azobhukula kakhulu kunakuqala ngesizini ezayo.

Scroll To Top