Now Reading
Abamatekisi bayinqoba kudala ekagwayi kubagibeli
Dark Light

Abamatekisi bayinqoba kudala ekagwayi kubagibeli

Uhlale ugqibeka umlando womvusi wenyamazane okwaqala ngaye kwasunguleka into noma izinto ezahlukene. Bese kugcina sekugqame omunye umuntu kumathelevishini, emisakazweni, emithonjeni yabezindaba eNingizimu Afrika nasemahlabeni njengomqali wakho. 

Bese kugqama yena noma abanye sebekwenza ngenye indlela nokuyinto enhle. Oseyihlabile akabe esayithi vu eyomvusi wenyamazane.

Yileso sikhathi ulwazi ngomlando oludingeka ngaso. Ukuveza ukuthi kwakusukephi kuze kube lapho ukhona noma sikhona. Sinomthetho wokukhiqiza nokubhenywa kukagwayi owavuseleleka owawuqalwe ngabamatekisi ngowe-1973 bengazi ukuthi kwakuzogcina sekuwumthetho oshicileliwe ezweni. Ugwayi ungabaqashi abakhulu abondla imindeni ngezindlela eziningi kanti futhi awulungile ngokwezempilo, kuthinteka umgudu wokuphefumula nokunye. Okusalayo ukuthi kokubili kuyadingana.

Phambilini kwakuntongelwa noma ikuphi noma ikanjani ezweni kwabe kuyinsakavukela okomchilo wesidwaba ngeminyaka yowe-1950 kuya kowe-1980 eyandulela owe-1994. Wawungaqinile lo mthetho ngogwayi ngaphansi kukaHulumeni wobandlululo, wawenzelela abavelisi bawo. Umthetho wawungaqinisekisisile ezempilo ephephile yesintu kwathi bha, yize kubhaliwe emakhathonini awo. Kwakusenezikhangisi zikagwayi ezazivezwa kumathelevishini, ezazisakazwa emisakazweni nezazishicilelwa emaphephandabeni ahlukahlukene. Sekunomehluko kuneminyaka ebalulwe ngenhla.

Kwakuntongelwa ezitimeleni zikaloliwe, ikakhulukazi emakhojini amabili kusukela emuva noma ngaphambili. Kwakubhenywa, kusabhenywa emabhasini okwakungawabanikazi abahlukahlukene ezindaweni zomphakathi. Wawungabhenywa ugwayi engqayini,  emasinema. Kwakubhenywa eScala Cinema eyayingaserenki esemakethe yamatekisi aseMhlanga Rocks, aKwaMashu nawaseLindelani. Manje sekwaba izindlu zokulala abafundi baseDurban University of Technology (DUT). Kwakungabhenywa emabhasini akwaKopeletsheni namanje akubhenywa emabhasini kaMasipala.

Wayecinana, abonakale ngamehlo ayebabomvu, eciphiza izinyembezi, engasaboni kahle umuntu owayekade ehleli noma esondele isikhathi eside nababebhema ugwayi. Ayisaphathwa eyephunga elibi nendle yosuke ebhema ugwayi. Izingubo zazinuka iphunga likagwayi sengathi naye ubebhema. Wayengekho umuntu owayenakile ukuthi intuthu kagwayi yayibhenywa ngisho nawumuntu owayengawubhemi. Manje sekuyanakwa.

Kwakubhenyelwa nasezimotweni ezazinezicabha ezine futhi ezaziba ngamatekisini. Kwakuyizimoto okwakungoBuick, oChevrolet, oDodge, oFord, oValiant, oZephyr  okwakuyizimoto ikakhulukazi zase-United States of America, ezaseEngland, ezase-Australia nezakwamanye amazwe. Ayesasebenza ekhaya okubizwa ngokuthi ilokhali. Ayesalinda abagibeli eziteshini kuphela bese ebathutha eyobehlisa ezindaweni ezahlukahlukene emalokishini. Ngaleyo nkathi amatekisi ayengakahambeli emadolobheni njengoba esebonakala manje. Kwakungakabi ngamaQuantum aseJapan noNissan baseChina osekungamatekisi manje agqamileyo.

Yayibakhathaza abaninibamatekisi le ndaba yokulinyalelwa izihlalo ezaziba nezimbobombobo insakavukela okomchilo wesidwaba ngenxa yokushiswa ngabagibeli. Kwakudingeka bawahambisile ukuyolungiswa kabusha izihlalo zawo ezazishiswe ngogwayi. Bayibhunga le ndaba ukuthi babelahlekelwa ngenxa yokucekelwa phansi ngogwayi kwezihlalo.

Kwakungowe-1973 ngenkathi abamatekisi aKwaMashu benqabela abagibeli ukuba babheme ugwayi phakathi. Abamatekisi ikakhulukazi ubaba uThusi babetshela abagibeli ukuthi kwakukhona owayefuna ukuyishisa ngakho-ke babengeke bayidumise. Kwakuba ngabagibeli ababekhuzana bodwa ngalowo mkhuba wokubhema ugwayi ematekisini.

Kwakungenkathi yobaba uNdaba kaFana, kaSthembiso “uMiteli” uthisha noThokozani, uMabaso ubaba kaNomusa owayeyintatheli yokuqala yowesifazane ngowe-1984 ukufunda izindaba kuRadio Zulu manje osekuwuKhozi FM, uMakhoba owagcina esenesitolo emakhaya, uKhumalo, uDuma, oMkhize ababili, uBhengu bakwa-H. Kube uNgidi, uMagaye, uSkotshi Msomi, uThusi, uManyathi, uXimba bakwa-B, C no-D. UThango ubaba kaZodwa kwa-G noMnu uJames Ngcobo, uDladla, uKhumalo bakwa-F. UMakhanya owayengumnikazi wegaraji ngowe-1967, elingasemahhovisi kwa-E. Waduma ngokuthenga oValiant ababengaphezulu kweshumi ngesikhathi  esisodwa.

See Also

Kubanewethu kwakunguWari wakwa-J, uBlondie wakwa-C, uMfanobomvu, uLee owayeshaya izingane ezazidlala emgwaqeni, uMathithibala “uMacooks” bakwa-L, uMnu uJabulani Fairbairn Sithole, uMvusi, uMuntu noDerrick Nzoyiya bakwa-H. UMrubi wakwa-M, uWiseman, uMnu uBheki Manzi, uBhekani uMqulusi, uPhehlitshe kube uMnu uThomas Mandla Shabalala waseLindelani. UPat, uSese, uSy bakwaDladla. USy wodumo lwebhusha eKhrosini.

Wayekhumbula owayengumeneja yerenki uBaba “uKiller” wakwa-F emgwaqeni uMntungwa ukuthi kwakungasevunyelwe ukubhema ematekisini aKwaMashu ngowe-1983. Babeheha abagibeli ngokuthi kwakungabhenywa futhi kwakunganuki ugwayi ematekisini. Abesexhaswa ngoba wawungabhenywa ugwayi kuwona. Imali yaqala  ingamashumi ayisishiyagalombili amasenti ukugibela ematekisini ayeya nawayebuya eThekwini. Manje seyingamashumi amabili nesishiyagalolunye amarandi.

Ngowe-1999  uDkt uNkosazana MaDlamini Zuma, owayenguNgqongqoshe Wezempilo kuzwelonke kuHulumeni wedemokhrasi washaya umthetho owawungunombolo yeshumi nambili ngemikhiqizo nokubhenywa kukagwayi kanye nezijeziso kwabangahloniphi le mithetho. Wayekwenzela ezempilo nokuphepha kwesintu kuhle okukaNomkhubulwane. Ukuba ugwayi ungabhenywa lapho kunabantu, ezakhiweni, emihubheni, emakhaya, ezindlini nasezindlini zangasese, ezintweni zokuthutha, ezindaweni zokuhlanganela ezahlukahlukene. Wavuselelwa lowo mthetho kagwayi ngowezi-2001 sekunguDkt uMantombazane MaShabalala Msimang uNgqongqoshe Wezempilo kuzwelonke. 

Ngifisela uMntwana waKwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi ukululama abe ngumqemane. Unesiphiwo esifihlekile sokuboniswa. Sikhunjulwe isifiso nesiphiwo asenza ngenyanga azalwa ngayo uNcwaba odlule onyakeni wezi-2019. Kukhumelwane umlotha ku-ANC kanye ne-IFP esadla anhlavana. Bazosifeza isifiso aboHlanga abagqamile uma bekwazi ukuthi banamathongo, amadlozi nabadala ababaphethe.

Scroll To Top