Ukuzibeka ethubeni lokuqashwa emakethe yemisebenzi ngale kwezi-2020



UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Ingijabulisile into engiyibone ezinkundleni zokuxhumana evikini eledlule, lapho abantu abasha bengenele umkhankaso wokusizana ekufuneni umsebenzi. Ibuyise ithemba nenjabulo njengoba siphila esikhathini esinzima, lapho khona abantu abaningi beludinga usizo kanye nemisebenzi. Kusekuhle kunjalo ukwelekelelana ekufuneni imisebenzi, kusemqoka ukuthi umuntu azicije ngezindlela zokufuna umsebenzi zesimanje. Izinga labantu abangasebenzi kuleli lenze kube nzima ukuthola umsebenzi ngoba abantu abaningi bagcine beqhudelana esikhangisweni somsebenzi odinga umuntu oyedwa.
Lokhu kwenza kubaluleke kakhulu ukuthi sazi ukuthi umqashi ufunani kulesi sikhathi samanje kanye nokuthi uwufuna kanjani umsebenzi. Ukufuna umsebenzi sekwaba umsebenzi uqobo lwawo. Ingxenye yabantu, ikakhulu abantu abasha, abawutholi umsebenzi ngoba behlulwa ukuwufuna kanye nokwazi ukuthi yini efunwa umqashi kumuntu ofuna umsebenzi. Enkulumeni yami engiba nayo nabantu abasha uma ngibeluleka ngokufuna umsebenzi, ngiye ngibabonise izigaba noma izinto ezine okumele bazenze uma befuna umsebenzi.
Isigaba Sokuqala
Ngaphambi kokugeza uphume uyofuna umsebenzi, bhala phansi zonke iziqu zakho kusukela kumatikuletsheni. Iziqu zakho ziwumhlahlandlela ngokwazo ekufuneni umsebenzi. Ukwazi iziqu zakho kwenza nokuthi wazi izinga okulo kanye nenani lakho. Ukwazi iziqu zakho kwenza ungaphumi unhlanhlatha uze uqede nemali ufuna into engekho.
Isigaba Sesibili
Uma sewuzibhale phansi zonke iziqu zakho, yenza uhlu lwamakhono onawo nowathole kulezi ziqu ozibhale esigabeni sokuqala. Lolu luhla lwamakhono lwenza uzibuze ukuthi ufuna ukuyoqashwa noma ungaziqasha wena. Lukunika nesithombe sokuthi yini okwazi ukuyenza. Ngike ngabuza omunye wabantu abasha engibaqeqeshayo, obekhala ngokwentuleka kwamathuba omsebenzi, ukuthi yini akwazi ukuyenza wathi akazi. Kwavele kwazikhanyela ukuthi noma enganikwa ithuba nomqashi angeke aqashwe.
Isigaba Sesithathu
Uma sewulwenzile uhla lwamakhono onawo, kumele wenze uhla lwezinkapani ezidinga umuntu onalezi ziqu ozibalile esigabeni sesibili. Ukubhala lolu luhla kwenza unganhlanhlathi futhi kubelula ukufuna umsebenzi. Abantu abaningi batheneke amandla ekufuneni umsebenzi ngenxa yokufuna umsebenzi lapho bengafaneleki khona. Ukwazi ukuthi iziphi izinkampani noma abantu ongabadayisela ikhono noma amakhono onawo kwenza kubelula futhi kusheshe ukufuna kwakho umsebenzi. Uqonda ngqo lapho kuqashwa khona uyozikhangisa noma ufake isicelo sakho esikhangisweni esikhishiwe.
Isigaba Sesine
Okwesine, okungokokugcina nokusemqoka, ukwenza ucwaningo kanye nokuthola izindlela zokuxhumana nalezi zinkampani ozibalile esigabeni sesithathu. Kulesi sikhathi samanje sekwaba lula ukuthola izinombolo kanye nemininingwane yokuxhumana. Ungayitholo ezinkundleni zokuxhumana, noma ku-inthanethi. Kwesinye isikhathi kuyasiza ukuziyela wena mathupha uyozikhulumela. Uma inkampani ikude nalapho ukhona ungathumela isicelo sakho nge-imeyli. Ezinye izinkampani azibavumeli abantu abahamba bengena, okusho ukuthi kubalulekile ukufaka isicelo sokubona lowo muntu obhekene nezokuqashwa. Okubalulekile kulesi sigaba, ukuthola indlela yokuxhumana nalezi zinkampani ukuze uzidayise.
Lezi zigaba ezingaphezulu zenza kubelula futhi zikubeke ethubeni lokuqashwa ngokushesha. Akusho ukuthi sekumele uziyeke ezinye izindlela ezingakusebenzela, engizibalile encwadini yami yokuqala ebhalelwe ukusiza abantu abafuna imisebenzi.
Lokho kufaka phakathi ukuzilungiselela imibuzo ongahle udibane nayo kumqashi.