Now Reading
Izilimi zebele ziyithina kusuka ozwaneni kuya onweleni
Dark Light

Izilimi zebele ziyithina kusuka ozwaneni kuya onweleni

Akukhona ukuzenyeza ukuzigqaja ngobugugu bolimi lwebele, ngobuwena, ngamasiko nokuyigazi lokhokho abasendulelayo nangemvelo, esakunikwa nguMdali wakho konke. Kanti ukungabi nomgogodla kwabanye boHlanga ngenkathi besezindlini nasemakhaya abadidisa intsha. Pho bakuthathaphi abathi aluyisindawo ulimi lwebele? Ngakho-ke asivule amehlo nengqondo, sicakule ngokuduma emhlabeni wonke kweculo okuthiwa iJerusalema ngowezi-2020. Lali culwa ngolimi lwesiZulu, labhalwa yintsha engumculi uKgaogelo Moagi odume ngelika Master KG  kanye noNomcebo Zikode ocula phambili,.

Bayothini aboHlanga uma sebehletshwa, betolikelwa futhi behunyushelwa ngolimi lwesiZulu ngabamhlophe abasaziyo isiZulu ekubeni aboHlanga benezibongo ezibachazayo ukuthi bangoluphi ulimi lwebele. Basabandlululwa emhlabeni yize bezikhipha ngamakhala izilimi zabamhlophe, bayakwazi oMengameli baseAfrika kwasho uMnu uRobert Mugabe owayenguMengameli waseZimbabwe.

Kwakunabantu boHlanga base-Afrika nabaseNingizimu Afrika abazuza nabathuthukayo basebeduma umhlaba ngokusebenzisa izilimi zebele nokunye, bevele bezazi ezinye izilimi. Kwakunabaculi baseNingizimu Afrika abacaba indlela emazweni aphesheya kwezilwandle nawase-Afrika ababecula ngezilimi zebele.

Kwaba nguMiriam Makeba owayengumculi wokuqala e-Afrika ukuzuza indondo yeGrammy benoHarry Belafonte ngowe-1962 nangowe-1965. Wayecula ngolimi lwesiXhosa, isiZulu nesiSwahili. UMiriam Makeba, owayesebizwa ngoMama Afrika wayebongela, ecula ngolimi lwesiXhosa ethi “Igqirha lendlela” okuyiculo uQongqothwane, abamhlophe abathi The Click Song ngenkathi kugcwele abamhlophe ababeyombukela. Wagcina esekwazi nokukhuluma izilimi ezingamashumi amathathu nambili.

Kafushane, kwaqhamuka umculi weJazz uManu Dibangu waseCameroon owacula iculo lomdanso iSoul Makossa ngolimi isiDouala ngowe-1973. Lachunyiswa ngumculi uMichael Jackson wase-United States of America (USA). Kwaba uFela Kuti waseNigeria owayedlala i-Afro-Beat, ecula ngesingisi esiphulwe ngamabomu esixuba nolimi isiYoruba nesi-Igbo ngowe-1970. Sasiwathanda amaculo abo eNingizimu Afrika yize sasingezwa ukuthi babethini. Njengoba kwenzeke eculweni iJerusalema.

Kwalandela oHugh Masekela nabanye. UBra Hugh waduma ngengoma ngowe-1975 ebizwa ngeCoaltrain. Wayeyicula ngesiZulu kafushane ethi; “Isitimela sihamba ngamalahle, sivele Dalagubhayi, sshi! sshi! sshi!sshi! sangilahla  kwaGuqa bathi sizogumba amalahle”. Ziningi izingoma namaculo awacula ngezilimi zaboHlanga baseNingizimu Afrika. 

Wayesakwazi nokukhuluma ulimi lwamaBhunu, i-Afrikaans ngisho esesekudingisweni ko-United States of America. Wakufakazela ebhukwini iTribute yangowe-1987 ukuthi wabanodlebe. Wayezwa konke okwakhulunywa ngabesifazane bamaBhunu ayehlezi eduzane kwabo. Babencoma aboHlanga baseBotswana lapho ayegibele khona ibhanoyi. Babethi babengcono abaseBotswana kunaboHlanga baseNingizimu Afrika. Wavalelisa ngolimi lwesiBhunu ethi wayesehla ngakho abahambe kahle. Baswela umgodi wokucasha ngoba babecabanga ukuthi wayengumAfrika nje.

Kwezokusakaza kwakunomsakazi uThokozani Mandlenkosi ‘uGxabalembadada’ Nene owayengacushwa ezilimini kusewuRadio Bantu kusukela kowe-1960 kuya kowe-1975, kwaba uRadio Zulu ngowe-1976 kwalandela uKhozi FM ngowe-1996. Wayekwazi ukukhuluma, ukufunda nokubhala ulimi lwesiBhunu kanye nezilimi zaboHlanga baseNingizimu Afrika. 

Wayekuphika ukuthi owoHlanga othanda ukukhuluma isiNgisi wayehlakaniphile kunabanye.Wayezifanela nabanye abantu ngoba wayekhuluma isiNgisi kuphela engagcwele nakusona. Ngoba bengasalwazi ulimi lwebele lwasemakubo.

Sekuwumlando ukuthi saba neqembu lomculo wesicathamiya iLadysmith Black Mambazo okungelokuqala lase-Afrika elazuza indondo yeGrammy okwesihlanu ngowezi-2018 esadla anhlamvana umsunguli walo uSolwazi uJoseph Shabalala. Lacula ngolimi lwesiZulu ezinye zezingoma nomculi uPaul Simon wase-United States of America ngowe-1986. Saba nentsha futhi yabaculi bemiculo eyahlukene, kafushane owekwaito neminye kusukela ngowe-1990. Kwaqhamuka namanye amaculo ayeqhakambisa izilimi zebele njengelomculi uSjava elithi “Umama”.

See Also

AboHlanga bayabandlululana ngokukhuluma isiNgisi emakhaya nasezindlini bebodwa ekubeni bekhala ngobandlululo lwamaBhunu nolwamakoloni. Ngabe ababandlululani ukube banodlebe lokuzwa okhulumayo ukuthi ukhuluma iSeTswana, iSepedi, iSesotho, iXiTsonga/Sishangane, iTshiVenda, isiNdebele, isiSwati, isiXhosa nesiZulu, ichiShona, isiChichewa saseMalawi, isiSwahili nezinye.

AboHlanga mabazijwayeze ukuba nodlebe kwezinye zezilimi zabamnyama, bangexwayi ikakhulukazi ezindaweni okukhulunywa kuzo izilimi eziningi ukuze kuthuthukiswe izilimi zaboHlanga. Udlebe lokukwazi ukuzwa omunye noma abanye bekhuluma ulimi olungelona olwakini lwebele. Pho kumnandi ngiyakutshela. Kunenzuzo ngokuhamba kwesikhathi.

Kanti abakwaSABC-TV bangabuyekeza indlela yangowe-1982 lapho izinhlelo zaboHlanga zisaqala, zisanikezelana ngokwezilimi, okwakukwenza kube lula ukufunda ezinye izilimi. Abezemfundo ababenomgogodla ababuyekeze indlela okwakungeyokufunda izifundo ngolimi lwebele ezikoleni, kusukela emabangeni aphansi kuya ebangeni lesishiyagalombili, uGrade-8, okwakuyibanga uStd6.

Ngabe asisusanga umsindo isikhangisi esasisesitolo sakwaClicks okuthiwa sasibandlulula izinwele zaboHlanga ukuba nabo bayazigqaja ngobugugu, okungobebala, okungobezinwele nokunye. Njengosemusha uZozibini Tunzi, owazuza isicoco sikanobuhle uMiss Universe ngowezi-2019. Kanti iningi laboHlanga elalibhikisha kwaClicks, elaliphawula ezindaweni eziningi, lisebenzisa imithi yokuthambisa izinwele futhi lixhume izinwele zokufakelwa emakhanda ngoba ziqinile. Vuka Afrika! Sibe nobugugu balabo abasendulelayo e-Afrika nakwelikaMthaniya? 

Scroll To Top