Now Reading
Iphodikhasti yelaboHlanga: Siyanda isibalo sabalangazelele ingqikithi
Dark Light

Iphodikhasti yelaboHlanga: Siyanda isibalo sabalangazelele ingqikithi

Esikhathini esingaphansi kwenyanga ElaboHlanga lethule iPhodikasti ekhethekile sekube nesasa elikhulu labafundi abalalelayo. Ngaphandle nje kokulalela iPhodikasti njalo ngehora lesithupha izinsuku eziyisikhombisa, elaboHlanga libambisane nemisakazo yemiphakathi iNanda FM kanye neNongoma FM. Echaza ngesasasa uSolwazi uHamilton Sipho Simelane oyiChief Operations Officer yenhlangano eshicilela elaboHlanga uthe:

“Esikubonayo kwenza siziqhenye ngesinqumo sokuvula istudiyo kanye nokwethula umsakazo welaboHlanga. Esikhathini nje esingaphansi kwenyanga sesinabantu abaningi abalalela iziqephu zethu. Kanti okunye sesikwazile ukwandisa abantu abehlukene njengoba siqale sabheka ngqo ipolitiki. Osukuthola manje sesikhona nesimomazwe kanye nezamabhizinisi. Lokhu sikwenza ngenhloso ngoba okwethu wukufundisa aboHlanga ukuthi umdlalo lo wepolitiki nepolitiki yezomnotho udlalwa kanjani ukuze kuthuthuke isizwe,” kusho uSolwazi.

Yize engaphumelanga obala kepha uthembise ukuthi ngesonto elizayo kuzokwethulwa uhlelo olusha lokulalela noluzokwenza kubelula nakakhulu ukuthola iziqephu. “Ukwanda kwabantu abalalelayo kanye neziphakamiso zabaningi zenze ithimba lethu lezobuchwepheshe laqhamuka nezindlela ezintsha zokulalela nezizothulwa nje maduze. Inhloso lapha wukwenza kube lula ngisho kumuntu osemasimini ukulalela iziqephu ezilungiselwe yona,” kuchaza uSolwazi.

Okunye akuvezile uSolwazi wukuthi siyanda isibalo songoti kanjalo nabaholi abazozwakala kule Phodikasti.

“Khumbula njengephephandaba asibiki nangoa yini kepha sicwenga izindaba kanjalo nezihloko esigxila kuzo. Nalapha emsakazweni senze okufanayo. Abalaleli bazolalela ikhethelo lodwa. Lokhu sikwenza ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi isandla osithola uma ufunda iphephandaba siyefana naleso osithola uma ulalela”.

Ebuzwa ukuthi njengoba iningi lamaphodikasti emhlabeni lingesiNgisi kuyokwenzeka yini lo msakazo usakaze ngezinye izilimi ikakhulukazi isiNgisi, uSolwazi uthe lingawa licoshwe zinkukhu.

See Also

“SingabeNguni. Lokho ngeke sikushibhise noma sikuthengise nangoba yingayiphi imali. Okwethu wukuphakamisa ingcwenga ewulimi lwethu, uMsakazo iBayede-ke iyinkundla yokwenza lokho nengeke siyinukubeze ngokuhamba sisheba.

“Ngicabanga ukuthi kule minyaka eyisi-6 sinephephandaba kukhona ukuvumelana ukuthi ulimi lwethu lunamandla okubeka noma yiluphi udaba, nakunoma yimuphi umkhakha. Uma sivumelana ngalokho pho yini engenza sizehlise sikhulume isiNgisi ephephandabeni lesiZulu?,” kuphetha uSolwazi uSimelane.

Phakathi kwezinye zeziqephu ezithakaselwe kakhulu kube yilapho uSolwazi u-Otty Nxumalo nongumbhali wezincwadi nesazi ngamasiko aboHlanga echaza ngobumqoka bokushicilelela ngolimi.

Scroll To Top