Iqubula lomlilo lakwaJika Joe lishiye izakhamuzi dengwane



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Ngesikhathi uMasipala uMsunduzi usezinhlelweni zokwakhela izakhamuzi zasemijondolo yakwaJika Joe eMgungundlovu, ngoLwesithathu amalungu alo mphakathi asale dengwane kusha imijodolo yawo.
Kwenzeka lokhu nje uMkhandlu usemaphethelweni okwakhiwa kwalezi zindlu ezingamafulethi okuhloswe ukuba zisize izakhamuzi zakwaJika Joe.
IBAYEDE ihambele kule ndawo ngoLwesithathu emini yazithela ezichishamlilweni zimatasa zibhula umlilo kanti izakhamuzi beziqaqele umhosha oseduze zethamele ilanga ezinye zilele phezu kwezimpahla ezikwazile kuphuma nazo zayozithukusa othangweni lwenxanxathela yezitolo iBrookside Mall ehlukaniswe umgwaqo nale mijondolo.

Omunye ohlala kule mijondolo uMnu uWilfred Shoma obesadidekile ngesikhathi ekhuluma naleli phephandaba obehleli esiqhingini somgwaqo phezu kwezimpahla zakhe, uthe: “Angisakhumbuli nokuthi umlilo uqale nini kodwa bekusemini. Akekho nothi ubonile ukuthi uqale kuphi kodwa sisola ukuthi ukhona owushiye uvutha. Kunzima ukuphila kule ndawo, sikwaze ukuphuma nalokhu okubonayo kuphela. Angazi nokuthi ngizoqhubeka kanjani ngiye phambili, ngizoya koncika ezihlotsheni kepha ngeke ngisabuyela kule ndawo.”
Othi uwubonile umlilo uqala uNks uNolwazi Madlala unxuse uMasipala ukuba ubafake emafuletheni amasha awumxhaso kaHulumeni ngoba inkinga yokusha kwemijondolo isazoqhubeka.
‘Ngiyazi ukuthi kuzogxunyekwa amatende, abantu abafune matende, bawafaka nje sizowashisa noma uma beke basiyisa ehholo lomphakathi ngoba nathi asisukanga emakhaya ngoba sithi sizojabulela ukuhlala emikhukhwini, sizozama impilo. Futhi uma beke basifaka kuwo ngeke sisavuma ukuphuma.”
Uthe kule ndawo kukhona nezingane ezincane nabantu abakhubazekile abangazizwa bephephile. Omunye oshelwe uMnu uSimphiwe Madlala uthe: “Ngishayelwe ucingo ngisemsebenzini kwathiwa kuyasha endlini. Akukho okunye engikufunayo ngapandle kokuyohlala efulethini uma behluleka ukukwenza lokho sizongena ngo dli.”
La mafulethi abakhuluma ngawo akhelene nabo bahlukaniswe udonga. Abanye bathe sebegilwe yizigameko zomlilo ezingaphezu kwezili-10 selokhu bafika kule ndawo eminyakeni ye-1990.
Ngenyanga edlule emhlanganweni woMkhandlu uMsunduzi obakhona njalo uma kusongwa inyanga iMeneja kaMasipala, uMnu uMadoda Khathide, inxuse amakhansela ukuba avume isicelo sayo sokuba ikhiphe imali eyizigidi ezingama-R22 ukuba isetshenziswe ukufaka ugesi kulezi zindlu ezakhiwayo ukwekelela abahlala emijondolo. Olunye udaba olwadingidwa olokuthi kuze kusungulwe ilokishi iFrance khona eMgungundlovu kwakususwa abantu bakwaJika Joe emikhukhwini, abathola izindlu zomxhaso kaHulumeni kukhona abazidayisa babuyela emijondolo abanye baqashisa ngazo. UMasipala uthi ngalesi senzo bazigwaza ngowabo ngoba ngeke umuntu ngamunye akwazi ukuthola izindlu kabili.
Le mijondolo ihamba ize ime ngomgwaqo owuthelawayeka uN3.

Usomabhizinisi onenkampani ebhaka amakhekhe eMgungundlovu uMnu uSign Wartson uthe: “Kade sakhala ngale mijondolo kunjalo nje buningi nobugebengu obenzeka khona. Amanye amantombazane adayisa ngomzimba ahlala kule mijondolo, size sibalekelwe nangamakhasimende ngoba asaba le mijondolo, ikakhulukazi njengoba incikene nenxanxathela yezitolo.”
Uthe ngendlela lo mlilo obunamandla ngayo ngisho nezisebenzi zakhe bezesaba ukuthi kuzothungela nesitolo sakhe zaze zamshayela ucingo esekhaya.
“Okubuhlungu ukuthi kuzothiwa imbangela yomlilo ayaziwa futhi akekho nozojeza ngalesi senzo,” usho kanje.
Nempela kuthiwe ayaziwa imbangela kanti namaphoyisa asaphenya. Akekho oshonile kulesi sigameko kanti izingane ezintathu kubikwe ukuthi zihangulwe umlilo zaphuthunyiswa emtholampilo oseduze.