Ukuthenga nokudayisa amaqembu akulawulwe yimithetho – uMkhalele
USihle Ndlovu ungumbhali wezemidlalo osesebenze njengentatheli iminyaka eli-17. Uke waba…
Umkhuba osuyinsakavukela umchilo wesidwaba wokuthengwa kwelungelo lokudlala kuPremiership kwamaqembu ayibamba kuNational Division (NFD) ubonwa ngezindlela ezahlukene yilabo abazifelayo ngonobhutshuzwayo eNingizimu Afrika.
Labo abahambisanayo nalokhu abakubizi ngomkhuba kodwa iningi labo liye lijabulele ukuthi iqembu labo selizobuyela lapho kunoju khona, kuPremiership. Lokhu sekuke kwenzeka kaningi kuPremier Soccer League (PSL) kodwa abalandeli bakanobhutshuzwayo bazokhumbula kalula ukuthenga kwaAmaZulu ilungelo lokudlala kuPremiership ngesikhathi iThanda Royala Zulu iqeda ukudla isicoco seNFD (eseyaziwa ngeGladAfrica Championship) ngesizini yowezi-2016/2017.
Muva nje iqembu elisanda kuthenga ilungelo lokudlala kuPremiership yiTshakhuma Tsha Madzivhandila, ethenge kuBidvest Wits engeke isabonakala esigabeni esikhulu ngesizini ezayo. Kuningi okushiwo ngokushabalala kweZitshudeni ebese zizohlanganisa iminyaka eli-100 zaba khona ngonyaka ozayo.
Bakhona ababona le nto yokuthengwa kwelungelo lokudlala esigabeni esiphezulu njengezobulala umlando wamaqembu amaningi ngenxa yokuthi kukhona labo abayikizelayo yinkece, abangayisebenzisa noma yinini ukugabisela amaqembu asuke esentenga ngokwemali. Bakhona-ke nalabo abajabulela ukubuya kwamaqembu amakhulu njengoba kwenzekile iSwallows ithenga ilungelo lokudlala kuNFD ngesizini edlule, nokuphethe ngokuthi ibe ngompetha ibuyele kuPremiership.
Umbuzo omkhulu owokuthi, ngabe lokhu kuliyisa phambili yini ibhola lethu noma kulenzela phansi, kanjalo nomlando wamanye amaqembu?
Ukusebenzisa imali ukuvusa amaqembu athathwa njengamakhulu, akuyona into embi. Kodwa ngabe lokhu kuwabeka kuphi amaqembu athathwa njengamancane asuke ezama ukuphendla indawo ebheke kuPremiership? Bese kubabeka kuphi abadlali abasuke befuna ukuzakhela igama esigabeni esikhulu bese bedlalela neqembu lesizwe iBafana Bafana ngelinye ilanga?
UHelman Mkhalele owake wayibamba kuJomo Cosmos, i-Orlando Pirates nakuBafana, uxoxe neBAYEDE mayelana nalolu daba. Uthe akulula ukulawula indaba yokuthengiselana kwamaqembu kodwa kumele kube khona okwenziwayo ukulawula isimo.
“Le nto inomthelela omubi kakhulu ekukhulisweni kwabadlali. Ayilithuthukisi neze ibhola kodwa umuntu ngeke athi ayiyekwe uma abadayiselanayo sebevumelene. Kumele kube nemigomo nemibandela ebekelwa abathengayo yiPSL neSAFA, ukuze abantu bangazenzeli umathanda ngoba nakhu beqhoshe ngokuba nemali,” kusho uMkhalele.
“Kuhle ukubona abantu bethenga kodwa kumele kube nemithetho bese bayilandele. Akukuhle ukubona abadlali abenekhono beshabalala ngenxa yalokhu kuthengiselana lapho kungekho khona mithetho. E-England banemithetho yokuthenga nokudayisa. Angisho ukuthi kumele senze njengabo kodwa kumele sibeke eyethu esizoyilandela.”
UMkhalele uke wadlala naphesheya kwezilwandle, eTurkey, isikhathi eside kanti njengamanje ubambe njengomqeqeshi ku-Under 17 yaseNingizimu Afrika. Inqobe isicoco seCAF Champions League ne-Orlando Pirates ngowe-1995. Wayeyingxenye yeqembu iBafana elanqoba i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngowe-1996, liholwa yinkakha yomqeqeshi uClive “The Dog” Barker.
Uthe akumele kube yiMamelodi Sundowns kuphela ephakamisela phezulu iNingizimu Afrika ngokwenza kahle e-Afrika. “Kuyinto enhle kakhulu ukuthi iSundowns yenza siziqhenye ngayo e-Afrika ngokushaya into ecokeme kuCAF Champions League. Nokho iNingizimu Afrika inekhono eliningi kakhulu, ngakho kumele namanye amaqembu abhukule. Akumele siyiyekelele iSundowns noma sicashe ngokuthi yingoba inemali. Namanye amaqembu anayo imali ukuthi nje kumele azimisele,” kusho uMkhalele.
Kuleli sonto kuvele ukuthi uTim Sukazi weTS Galaxy usegcine evunyelwe ukuba athenge iHighlands Park, egijima kuPremiership. USukazi uke wazama ukuthenga iBloemfontein Celtic okuyinto egcine ingaphumelelanga.