Le njalo ayilikhohlwa idumbe elinguMngqithi



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UManqoba Mngqithi oyiphini likaPitso “Jingles” Mosimane kuMamelodi Sundowns nosanda kuhlakula indima enkulu ekutheni leli qembu linqobe izicoco ezintathu kusizini yezi-2019/20, kubukeka engathi akaqhakazile kunobhutshuzwayo kuphela kodwa nakweminye imikhakha yezemidlalo.
UXolani Mabhida ongumqeqeshi wezokusubatha oneminyaka yobudala engama-28 kodwa osenze izimanga kulo mdlalo umbonge wangapheza uMngqithi enkulumweni ekhethekile abe nayo nelaboHlanga.
UMngqithi osanda kunqoba neDowns isicoco seTelkom Knockout, ese-ABSA Premiership neseNedbank Cup waba yisibani esikhanyayo kuMabhida esafundisa e-Injoloba Secondary School eHowick, KwaZulu-Natal.
UMabhida odabuka khona eHowick, KwaMathandubisi, uthe okwamchaza ngoMngqithi ukuba nolwazi ngezemidlalo, ubuholi obuqotho nokungayisabi inselelo.
UMabhida uthi ikhona kanye lokhu okwagqugquzela kuye ukuba umholi.
Kule nyanga uMandulo lo mqeqeshi wezokusubatha uqeda iminyaka eli-12 aqala ukuqeqesha. Uhlela ukwenza indumezulu yomcimbi wokugubha leli banga aselihambile.
Nakuba engakahlanganisi nekhalenda kodwa usekwaze ukuba ngomunye wabaqeqeshi bamaqembu esizwe kuleli kumabanga amade.
Kuwo uMandulo wezi-2018, uMabhida ongumsunguli weSpeed Explosion Athletics Club ube ngomunye wabaqeqeshi beqembu lakuleli elabuya nezindondo ezintathu kuma-IAU 100km World Championships ayeseSvet, eCroatia.
Lapha uBongumusa Mthembu wabuya nendondo yethusi kwathi selilonke iqembu labesilisa lanqoba eyesiliva. Nelabesifazane elalinabasubathi abanjengoFikile Mbuthuma nabanye lahlomula eyesiliva. Akugcinanga lapho, ngoZibandlela wanyakenye uMabhida uyena owayehola iqembu lakuleli elanqoba i-IUA 50km African Championship eNigeria.
Kwabesilisa, uThobile Mbolelwa washaya intambo ngesikhathi esingamahora amathathu nemizuzwana emibili.
Kwabesifazane uSanelisiwe Mbanjwa wanqoba ngesiwu-3:34:05.
UMabhida obuye aqeqeshe abasubathi be-Arthur Ford AC uqophe umlando eqeqesha uBongumusa Mthembu enqoba ephindelela iComrades Marathon ngowezi-2017 kunyukwa nangowezi-2018 kwehliwa.
UMthembu wayeqale ukunqoba leli gugu lo mjaho ngowezi-2014. Ngowezi-2018 usize uThuso Mosiea ukuqeda iComrades okokuqala kwehliwa. Wagcina elale inadwo yama-20. Ngawo lo nyaka uMabhida uyena futhi owasiza uNkosinathi Duma elala endaweni yeshumi.
Lo mqeqeshi uveze ukuthi ngomhla zingama-22 kuLwezi uzokwenza isiphihli sedili ebonga ukuhlanganisa iminyaka eli-12 eqeqesha.
Phakathi kwazokwenza ngalolu suku ukuphinde athule ngokusemthethweni ikilabhu yakhe iSpeed Explosion AC. Udalule ukuthi inkontileka yokuqeqesha uMthembu iyaphela kulo nyaka.
“Sekuphele iminyaka ngayisungula iSpeed Explosion AC. Ngaphinde ngayiyeka ngenxa yokuxinwa eminye imisebenzi. NgoLwezi ngizoyethula kabusha. Ngowezi-2017 nagowezi-2018 sanqoba noMthembu iComrades evele esengumgijimi onamava. Kungenzeka sehlukane naye kulo nyaka. Ngokuvusa iSpeed Explosion ngifuna ukuziqalela phansi abasubathi engizonqoba ngabo imijaho yamabanga amade efana neComrades neyamafishane neyeTrack and Field. Isifiso sami ukubabona bengena emaqenjini esizwe aya emiqhudelwaneni efana nama-Olympic Games, iComonwealth Gamesc neWorld Championship,” kubeka lo mqeqeshi oneziqu zikaLevel 3 ze-ASA.
UMabhida ofunde amabanga aphansi KwaNogqaza Primary School uveze ukuthi uphazanyiswe ukhuvethe ukufundela ezikaLevel 1 zeWorld Athletics ebiyaziwa nge-IAAF.
Lo mqeqeshi uthe esakhula wayengenandaba nezokusubatha kodwa wayezithandela unobhutshuzwayo athi kuwo wayefana noRonaldo. Ngaphambi kokuthi awuyeke ngenxa yobuxhwanguxhwangu babantu ayedlala nabo, uthe wayesesungule iqembu ayelondla ngemali yetoho ayelibambe egalaji lokwetha upethroli.
Wabe esengena kwezokugijima efunda e-Injolaba. Akuphelanga sikhathi esingakanani wakhethelwa eqenjini lakuleli elaya kumaWorld Youth Championships ngowezi-2012 enza umatikuletsheni. Waya nakweminye imiqhudelwano eBotswana naseMauritius. UMabhida uthe ukungenzi kahle kule mijaho ikona okwamenza wabona isidingo sokuba nomqeqeshi.
Uveze ukuthi ngelinye ilanga wathi elele waba nephupho emi phambi kwezingane ezifundisa. Akuphelanga sikhathi esingakanani kwafika kuye abasubathi beholwa uNkosikhona Mhlakwana owagila izimanga ngowezi-2019 elala indawo ye-11 kwiComrades eqala ukuyigijima, bacela ukuthi abaqeqeshe.
Uthi akabange esabheka emuva. Uthe ilapho abona khona ukuthi leliya phupho lalimbizela ekuqeqesheni.
Mayelana nokuhlale enamaqhinga okugijima uMabhida uthe: “Ngesikhathi ngiqala ukuqeqesha ngafunda izincwadi eziningi zalo mdlalo. Engakuthola ukuthi zikhuluma ngabasubathi abakhule kahle, ngoqeqesho lwezinga eliphezulu. Azikhulumi ngomsubathi wasemakhaya okhule edla noma yini. Ngabe sengizenzela olwami ucwaningo ngaluhlanganisa nolwalezi zincwadi. Ngiwuhlobo olungathathi noma yini. Ngiyalucwaningisisa ulwazi engilutholayo, kanginandaba noma lungabhalwa ubani.”
Ngasekuzuzile ekubeni engakahlanganisi nekhalenda uthe:” Kuyangijabulisa lokhu ngoba kuzogqugquzela intsha yakithi ukusukuma izenzele okwayo kungakhathalekile ukuthi ineminyaka yobudala emingaki. NoJesu wabhadanywa efundisa izintshebe ekubeni wayemncane ngendlela exakile.”
Lo mqeqeshi uthe olunye uhlelo alwengamele lwaziwa ngeHome of Athletes and Artists. Uthe ukuze luphumelele udinga uxhaso lwemali. Ucela osomabhizinisi baphose esivivaneni.
UMabhida uneziqu zeSports Science azithole e-University of Pretoria kanti useke wafunda naseParis-Sorbonne University, eFrance.